IHubo 12:1-8

Kumqondisi enothini eliphansi.+ Ihubo likaDavide. 12  O Jehova, ngisindise,+ ngoba oqotho uphelile;+Ngoba abantu abathembekile bashabalele kubantwana babantu.   Balokhu bekhuluma okungelona iqiniso omunye komunye;+Ngodebe+ olubushelelezi balokhu bekhuluma ngisho nangenhliziyo embaxa-mbili.+   UJehova uyozinquma zonke izindebe ezibushelelezi,Ulimi olukhuluma izinto ezinkulu.+   Labo abathé: “Sizonqoba ngolimi lwethu.+Izindebe zethu zinathi. Ubani ozoba yinkosi yethu?”   “Ngenxa yokuphangwa kwabahluphekile, ngenxa yokububula kwabampofu,+Manje ngizovuka,” kusho uJehova.+“Ngizomlonda kumuntu omphafuzelayo.”+   Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekile,+Njengesiliva elicwengwé esithandweni sokuncibilikisa sasemhlabeni, elicwengwé kasikhombisa.   O Jehova, wena ngokwakho uyobaqapha;+Uyolondoloza yilowo nalowo kulesi sizukulwane kuze kube nini nanini.   Ababi bahamba nxazonke,Ngoba ububi buyaphakanyiswa phakathi kwabantwana babantu.+

Imibhalo yaphansi