IHubo 116:1-19

116  Ngiyathanda, ngoba uJehova uyalizwa+Izwi lami, ukuncenga kwami.+   Ngoba uthambekisele indlebe yakhe kimi,+Zonke izinsuku zami ngizobiza.+   Izindophi zokufa zangihaqa+Nezimo ezicindezelayo zeShiyoli zangithola.+Ngaqhubeka ngithola ukucindezeleka nosizi.+   Kodwa ngabiza egameni likaJehova ngathi:+“Awu, Jehova, yenzela umphefumulo wami indlela yokuphunyuka!”+   UJehova unomusa futhi ulungile;+UNkulunkulu wethu unguMuntu obonisa isihe.+   UJehova uqapha abangenalwazi.+Ngangiphofisiwe, kodwa wangisindisa.+   O mphefumulo wami, buyela endaweni yakho yokuphumula,+Ngoba uJehova wenzé ngokufanele kuwe.+   Ngoba wena uwusindisile umphefumulo wami ekufeni,+Iso lami ezinyembezini, unyawo lwami ekukhubekeni.+   Ngizohamba+ phambi kukaJehova ezweni lalabo abaphilayo.+ 10  Nganginokholo,+ ngoba ngakhuluma.+Mina ngokwami ngangihlushwé kakhulu. 11  Mina, ngathi, lapho ngiba netwetwe:+“Wonke umuntu ungumqambimanga.”+ 12  Ngizombuyisela ngani uJehova+Ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?+ 13  Ngizothatha indebe yensindiso enkulu,+Futhi ngizobiza egameni likaJehova.+ 14  Ngizogcwalisa kuJehova izifungo zami,+Yebo, phambi kwabo bonke abantu bakhe. 15  Kuyigugu emehlweni kaJehovaUkufa kwabaqotho bakhe.+ 16  Awu Jehova,+Ngoba ngiyinceku yakho.+Ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho.+Uzithukululile izibopho zami.+ 17  Ngizonikela kuwe umhlatshelo wokubonga,+Futhi ngizobiza egameni likaJehova.+ 18  Ngizogcwalisa kuJehova izithembiso zami ezifungelwe,+Yebo, phambi kwabo bonke abantu bakhe,+ 19  Emagcekeni endlu kaJehova,+Phakathi kwakho, Jerusalema.+Dumisani uJah!+

Imibhalo yaphansi