IHubo 111:1-10
111 Dumisani uJah!+א [ʼAʹleph]Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami+ב [Behth]Eqenjini elisondelene+ labaqotho nasenhlanganweni.+
ג [Giʹmel]
2 Imisebenzi kaJehova mikhulu+ד [Daʹleth]Ifunwa yibo bonke abayijabulelayo.+
ה [Heʼ]
3 Umsebenzi+ wakhe uyisithunzi nobukhazikhazi,+ו [Waw]Nokulunga kwakhe kumi phakade.+
ז [Zaʹyin]
4 Wenzele imisebenzi yakhe emangalisayo isikhumbuzo.+ח [Chehth]UJehova unomusa futhi unesihe.+
ט [Tehth]
5 Uniké labo abamesabayo ukudla.+י [Yohdh]Isivumelwano sakhe uyosikhumbula kuze kube nini nanini.+
כ [Kaph]
6 Wazisé abantu bakhe ngamandla emisebenzi yakhe,+ל [Laʹmedh]Ngokubanika ifa lezizwe.+
מ [Mem]
7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela;+נ [Nun]Ithembekile yonke imiyalo ayinikezayo,+
ס [Saʹmekh]
8 Isekelwé kahle phakade, kuze kube nini nanini,+ע [ʽAʹyin]Yenziwe ngeqiniso nangobuqotho.+
פ [Peʼ]
9 Uthumelé ukukhululwa kubantu bakhe.+צ [Tsa·dhehʹ]Uyalé isivumelwano sakhe kuze kube nini nanini.+ק [Qohph]Igama lakhe lingcwele futhi liyesabeka.+
ר [Rehsh]
10 Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.+ש [Sin]Bonke abayenzayo banokuqondisisa okuhle.+ת [Taw]Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.+