IHubo 101:1-8
ElikaDavide. Ihubo.
101 Ngizohlabelela ngomusa wothando nangokwahlulela.+O Jehova, ngizokuhubela.+
2 Ngizokwenza ngokuqonda ngendlela engenaphutha.+Uyoza nini kimi?+Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.+
3 Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.+Ngikuzondile ukwenza kwalabo abahlubukayo;+Akunamatheli kimi.+
4 Inhliziyo eyisigwegwe iyamuka kimi;+Angazi lutho olubi.+
5 Noma ubani onyundela umngane wakhe ekusithekeni,+Ngiyamthulisa.+Noma ubani onamehlo azidlayo nenhliziyo ezikhukhumezayo,+Angikwazi ukumbekezelela.+
6 Amehlo ami aphezu kwabathembekile bomhlaba,+Ukuba bahlale kanye nami.+Ohamba ngendlela engenaphutha,+Nguye oyongikhonza.+
7 Umkhohlisi ngeke ahlale ngaphakathi endlini yami.+Noma ubani okhuluma amanga, ngeke ame aqine+Phambi kwamehlo ami.+
8 Njalo ekuseni ngizobathulisa bonke ababi basemhlabeni,+Ukuze nginqume emzini+ kaJehova bonke abakwenza umkhuba okulimazayo.+