IHubo 101:1-8

ElikaDavide. Ihubo. 101  Ngizohlabelela ngomusa wothando nangokwahlulela.+O Jehova, ngizokuhubela.+   Ngizokwenza ngokuqonda ngendlela engenaphutha.+Uyoza nini kimi?+Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.+   Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.+Ngikuzondile ukwenza kwalabo abahlubukayo;+Akunamatheli kimi.+   Inhliziyo eyisigwegwe iyamuka kimi;+Angazi lutho olubi.+   Noma ubani onyundela umngane wakhe ekusithekeni,+Ngiyamthulisa.+Noma ubani onamehlo azidlayo nenhliziyo ezikhukhumezayo,+Angikwazi ukumbekezelela.+   Amehlo ami aphezu kwabathembekile bomhlaba,+Ukuba bahlale kanye nami.+Ohamba ngendlela engenaphutha,+Nguye oyongikhonza.+   Umkhohlisi ngeke ahlale ngaphakathi endlini yami.+Noma ubani okhuluma amanga, ngeke ame aqine+Phambi kwamehlo ami.+   Njalo ekuseni ngizobathulisa bonke ababi basemhlabeni,+Ukuze nginqume emzini+ kaJehova bonke abakwenza umkhuba okulimazayo.+

Imibhalo yaphansi