2 Korinte 5:1-21

5  Ngoba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni,+ leli tende,+ ingase idilizwe,+ siyoba nesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla,+ ehlala phakade+ emazulwini.  Ngoba kule ndlu yokuhlala siyabubula impela,+ sifisa ngobuqotho ukugqoka leyo engeyethu evela ezulwini,+  ukuze kuthi lapho sesiyigqoké ngempela, singatholakali sihamba-ze.+  Eqinisweni, thina esikuleli tende siyabubula, njengoba sisindwa; ngenxa yokuthi esikufunayo akukhona ukulikhumula, kodwa ukugqoka lelo elinye,+ ukuze lokho okufayo kugwinywe ukuphila.+  Lowo owasiveza ngenxa yayo kanye le nto nguNkulunkulu,+ owasinika uphawu+ lwalokho okuzayo, okuwukuthi, umoya.+  Ngakho-ke sinesibindi ngaso sonke isikhathi futhi siyazi ukuthi, nakuba sinekhaya lethu emzimbeni, asikho eNkosini,+  ngoba sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.+  Kodwa sinesibindi futhi sikujabulela kakhulu ukuba esikhundleni salokho singabi khona emzimbeni nokuba sakhe ikhaya lethu eNkosini.+  Ngakho-ke sikwenza umgomo wethu futhi ukuba samukeleke kuyo,+ kungakhathaliseki ukuthi sinekhaya lethu kuyo noma asikho kuyo.+ 10  Ngoba sonke kumelwe sibonakaliswe phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu,+ ukuze ngamunye athole umklomelo wakhe ngezinto ezenziwe ngomzimba, ngokwezinto azenzile, kungakhathaliseki ukuthi zinhle noma zimbi.+ 11  Ngakho-ke, njengoba sikwazi ukwesaba+ iNkosi, siyaqhubeka sithonya+ abantu, kodwa siye sabonakaliswa kuNkulunkulu. Nokho, ngithemba ukuthi siye sabonakaliswa nakonembeza benu.+ 12  Akukhona ukuthi siyaphinda futhi siyazitusa+ kini, kodwa sininika ithuba lokuziqhayisa ngokuqondene nathi,+ ukuze nibe nempendulo kulabo abaziqhayisa ngokubonakala kwangaphandle+ kodwa hhayi ngenhliziyo.+ 13  Ngoba uma sasihlanya,+ sasihlanyela uNkulunkulu; uma sihluzekile engqondweni,+ sihluzekele nina. 14  Ngoba uthando uKristu analo luyasiqhubezela, ngoba yilokhu esikubonile, ukuthi umuntu oyedwa wafela bonke;+ ngakho-ke, bonke bafile; 15  futhi wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona,+ kodwa baphilele lowo+ owabafela wabuye wavuswa.+ 16  Ngenxa yalokho kusukela manje kuqhubeke, asazi muntu ngokwenyama.+ Ngisho noma siye samazi uKristu ngokwenyama,+ ngokuqinisekile manje asisamazi kanjalo.+ 17  Ngenxa yalokho, uma umuntu emunye noKristu, uyindalo entsha;+ izinto ezindala zadlula,+ bheka! sekukhona izinto ezintsha.+ 18  Kodwa zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza sabuyisana+ naye ngoKristu futhi wasinika inkonzo+ yokubuyisana, 19  ewukuthi, uNkulunkulu ngoKristu+ wayenza izwe+ libuyisane naye,+ engalibaleli iziphambeko zalo,+ futhi uliphathise thina izwi+ lokubuyisana.+ 20  Ngakho-ke thina+ singamanxusa+ abambele uKristu,+ njengokungathi uNkulunkulu uncenga ngathi.+ Njengababambele uKristu siyancenga:+ “Buyisanani noNkulunkulu.” 21  Lowo ongazange asazi isono+ wamenza waba yisono+ ngenxa yethu, ukuze ngaye sibe ukulunga kukaNkulunkulu.+

Imibhalo yaphansi