2 Korinte 4:1-18

4  Kungakho singayeki, ngoba sinale nkonzo+ ngokwesihe esaboniswa sona;+  kunalokho siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo,+ njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu,+ kodwa ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.+  Manje, uma izindaba ezinhle esizimemezelayo eqinisweni zigutshuzelwe, zigutshuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo,+  phakathi kwalabo unkulunkulu walesi simiso sezinto+ aye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa,+ ukuze kungakhanyi+ ukukhanya+ kwezindaba+ ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, ongumfanekiso+ kaNkulunkulu.  Ngoba asishumayeli ngathi ngokwethu, kodwa ngoKristu Jesu ukuthi uyiNkosi,+ nangathi ukuthi siyizigqila zenu+ ngenxa kaJesu.  Ngoba uNkulunkulu nguye owathi: “Ukukhanya makukhanye ebumnyameni,”+ futhi ukhanyisé izinhliziyo zethu ukuze azenze zikhanye+ ngolwazi+ olukhazimulayo lukaNkulunkulu ngobuso bukaKristu.+  Nokho, sinale ngcebo+ ezitsheni+ zobumba,+ ukuze amandla+ angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu+ angabi ngavela kithi.+  Sicindezelwe ngazo zonke izindlela,+ kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma;+  siyashushiswa, kodwa asishiywa dengwane;+ siphonswa phansi,+ kodwa asibhubhi.+ 10  Ngaso sonke isikhathi sikhuthazelela yonke indawo emzimbeni wethu impatho ebulalayo eyanikezwa uJesu,+ ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi emzimbeni wethu.+ 11  Ngoba thina esiphilayo njalo senziwa sibhekane nokufa ubuso nobuso+ ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi enyameni yethu efayo.+ 12  Ngenxa yalokho kithi kusebenza ukufa, kodwa kini ukuphila.+ 13  Ngenxa yokuthi sinomoya wokholo ofanayo nalowo okulotshwe ngawo ukuthi: “Ngabonisa ukholo, ngakho-ke ngakhuluma,”+ nathi sibonisa ukholo, ngakho-ke siyakhuluma, 14  sazi ukuthi lowo owavusa uJesu uyosivusa nathi kanye noJesu futhi asethule kanye nani.+ 15  Ngoba zonke izinto zingenxa yenu,+ ukuze umusa ongafanelwe owaphindwaphindwa uvame ngenxa yokubonga kwabaningi ngokwengeziwe kube inkazimulo kuNkulunkulu.+ 16  Ngakho-ke asiyeki, kodwa ngisho noma umuntu esinguye ngaphandle ewohloka, ngokuqinisekile umuntu esinguye ngaphakathi+ wenziwa musha usuku nosuku. 17  Ngoba nakuba usizi lungolomzuzwana+ futhi lulula, lusivezela inkazimulo enesisindo esidlulele ngokwengeziwe futhi ehlala phakade;+ 18  kuyilapho sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwayo, hhayi ezintweni ezibonwayo.+ Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana,+ kodwa izinto ezingabonwayo zihlala phakade.+

Imibhalo yaphansi