2 Korinte 3:1-18
3 Ingabe sesiyaphinda futhi siqala ukuzitusa?+ Noma ingabe mhlawumbe, njengabantu abathile, sidinga izincwadi+ zokutusa eziza kini noma ezivela kini?
2 Nina ngokwenu niyincwadi yethu,+ elotshwe ezinhliziyweni zethu eyaziwa futhi efundwa isintu sonke.+
3 Ngoba niyincwadi kaKristu elotshwe yithi njengezikhonzi,+ engalotshwanga ngoyinki kodwa ngomoya+ kaNkulunkulu ophilayo, hhayi ezibhebheni zamatshe,+ kodwa ezibhebheni zenyama, ezinhliziyweni.+
4 NgoKristu sinalolu hlobo lokuqiniseka+ kuNkulunkulu.
5 Akukhona ukuthi thina ngokwethu sikufanelekela ngokwanele ukubheka noma yini njengevela kithi ngokwethu,+ kodwa ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu,+
6 lowo ngempela osenze sakufanelekela ngokwanele ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha,+ esingesona esesimiso+ esilotshiwe, kodwa esomoya;+ ngoba isimiso esilotshiwe sigwebela+ ekufeni, kodwa umoya uyaphilisa.+
7 Ngaphezu kwalokho, uma isimiso esikhipha ukufa+ futhi esasiqoshwe ematsheni+ ngezinhlamvu saba khona ngenkazimulo,+ kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli abakwazanga ukubukisisa ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso+ bakhe, inkazimulo eyayizoqedwa,
8 kungani ukukhishwa komoya+ kungenakuba ngenkazimulo nakakhulu?+
9 Ngoba uma isimiso esasikhipha ukulahlwa+ sasikhazimula,+ ukukhishwa kokulunga+ kuvama inkazimulo nakakhulu.+
10 Eqinisweni, ngisho nalokho okuke kwenziwa kwakhazimula kuye kwahlutshulwa inkazimulo kulesi sici,+ ngenxa yenkazimulo ekudlulayo.+
11 Ngoba uma lokho okwakuzoqedwa kwalethwa ngenkazimulo,+ lokho okuhlalayo kwakuyolethwa ngenkazimulo nakakhulu.+
12 Ngakho-ke, njengoba sinethemba elinjalo,+ sisebenzisa inkululeko enkulu yokukhuluma,
13 futhi asenzi njengalapho uMose emboza ubuso bakhe ngomgubuzelo,+ ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangabukisisi ekupheleni+ kwalokho okwakuzoqedwa.
14 Kodwa amandla abo engqondo ayethuntubezekile.+ Ngoba kuze kube yilolu suku lwamanje, wona lowo mgubuzelo usahleli ungasusiwe lapho kufundwa isivumelwano esidala,+ ngoba siqedwa ngoKristu.+
15 Eqinisweni, kuze kube namuhla noma nini lapho uMose efundwa,+ umgubuzelo uphezu kwezinhliziyo zabo.+
16 Kodwa lapho kuba khona ukuphendukela kuJehova, umgubuzelo uyasuswa.+
17 UJehova unguMoya;+ futhi lapho kunomoya+ kaJehova+ khona, kukhona inkululeko.+
18 Futhi thina sonke,+ lapho sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova+ ngobuso obungagutshuzelwe, siguqulelwa+ emfanekisweni+ ofanayo kusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni,+ njengoba nje kwenza uJehova+ uMoya.

