2 Korinte 13:1-14

13  Lokhu sekungokwesithathu+ ngiza kini. “Zonke izindaba kumelwe ziqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.”+ 2  Ngishilo ngaphambili, futhi, njengokungathi ngikhona ngokwesibili kodwa nokho ngingekho manje, ngiyasho kusengaphambili kulabo abaye bona ngaphambili nakubo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza ngeke ngigodle,+ 3  njengoba nifuna ubufakazi bokukhuluma kukaKristu ngami,+ uKristu ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu. 4  Ngempela, yiqiniso, wabethelwa+ ngenxa yobuthakathaka,+ kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu.+ Yiqiniso, futhi, sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye+ ngenxa yamandla kaNkulunkulu+ kini. 5  Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.+ Noma aniqapheli yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani?+ Ngaphandle-ke uma ningamukeleki. 6  Ngempela ngithemba ukuthi nizokwazi ukuthi asibona abangamukeleki. 7  Sithandaza+ kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina ngokwethu sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, nakuba thina ngokwethu singase sibonakale singamukeleki. 8  Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa kuphela oluvuna iqiniso.+ 9  Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla;+ futhi siyakuthandazela lokhu,+ ukulungiswa kwenu. 10  Kungakho ngiloba lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingathathi isinyathelo esinzima+ ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, ukuba ngakhe+ hhayi ukuba ngidilize. 11  Okokugcina, bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa,+ nicabanga ngokuvumelana,+ niphila ngokuthula;+ khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula+ uyoba nani. 12  Bingelelanani ngokwanga okungcwele.+ 13  Bonke abangcwele bayakhonza kini. 14  Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nokuba nesabelo emoyeni ongcwele makube nani nonke.+

Imibhalo yaphansi