2 Korinte 13:1-14
13 Lokhu sekungokwesithathu+ ngiza kini. “Zonke izindaba kumelwe ziqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.”+
2 Ngishilo ngaphambili, futhi, njengokungathi ngikhona ngokwesibili kodwa nokho ngingekho manje, ngiyasho kusengaphambili kulabo abaye bona ngaphambili nakubo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza ngeke ngigodle,+
3 njengoba nifuna ubufakazi bokukhuluma kukaKristu ngami,+ uKristu ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu.
4 Ngempela, yiqiniso, wabethelwa+ ngenxa yobuthakathaka,+ kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu.+ Yiqiniso, futhi, sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye+ ngenxa yamandla kaNkulunkulu+ kini.
5 Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.+ Noma aniqapheli yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani?+ Ngaphandle-ke uma ningamukeleki.
6 Ngempela ngithemba ukuthi nizokwazi ukuthi asibona abangamukeleki.
7 Sithandaza+ kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina ngokwethu sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, nakuba thina ngokwethu singase sibonakale singamukeleki.
8 Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa kuphela oluvuna iqiniso.+
9 Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla;+ futhi siyakuthandazela lokhu,+ ukulungiswa kwenu.
10 Kungakho ngiloba lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingathathi isinyathelo esinzima+ ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, ukuba ngakhe+ hhayi ukuba ngidilize.
11 Okokugcina, bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa,+ nicabanga ngokuvumelana,+ niphila ngokuthula;+ khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula+ uyoba nani.
12 Bingelelanani ngokwanga okungcwele.+
13 Bonke abangcwele bayakhonza kini.
14 Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nokuba nesabelo emoyeni ongcwele makube nani nonke.+

