2 Korinte 12:1-21
12 Kumelwe ngiziqhayise. Akuzuzisi; kodwa ngizodlulela emibonweni engaphezu kweyemvelo+ nasezambulweni zeNkosi.
2 Ngazi umuntu othile owayemunye noKristu, okwathi eminyakeni eyishumi nane edlule—ukuthi kwakusemzimbeni yini angazi, noma kwakungaphandle komzimba, angazi; uNkulunkulu owaziyo—wathathwa+ wayiswa ezulwini lesithathu enjengoba enjalo.
3 Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo—ukuthi kwakusemzimbeni noma kwakungaphandle komzimba+ yini, angazi, uNkulunkulu owaziyo—
4 ukuthi wathathwa wayiswa epharadesi+ futhi wezwa amazwi angaphimiseleki okungekhona okungokomthetho ngomuntu ukuba awakhulume.
5 Ngizoziqhayisa ngomuntu onjalo, kodwa ngeke ngiziqhayise ngami ngokwami, ngaphandle uma kungokuqondene nobuthakathaka bami.+
6 Ngoba uma kwenzeka ngifune ukuziqhayisa,+ ngeke ngibe ongenangqondo, ngoba ngiyokhuluma iqiniso. Kodwa ngiyakugwema, ukuze kungabikho muntu obalela kimi okungaphezu kwalokho abona ngiyikho noma akuzwayo kimi,
7 ngenxa nje yobuningi obeqile bezambulo.
Ngakho-ke, ukuze ngingazizwa ngiphakeme ngokweqile,+ nganikwa iva enyameni,+ ingelosi kaSathane, ukuba liqhubeke lingishaya, ukuze ngingaphakami ngokweqile.
8 Ngenxa yalokhu, ngayincenga kathathu+ iNkosi ukuba lisuke kimi;
9 kodwa nokho yathi kimi: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele;+ ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.”+ Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami,+ ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende.
10 Ngakho-ke ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokwethukwa, ngokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.+
11 Sengiye ngaba ongenangqondo. Ningicindezele+ ukuba ngibe njalo, ngoba bekufanele ngabe ngituswé yini. Ngoba angizange ngibe phansi kunabaphostoli benu abahle kakhulu+ ngisho nakweyodwa into, ngisho noma ngingelutho.+
12 Ngempela, izibonakaliso zomphostoli+ zavezwa phakathi kwenu ngakho konke ukukhuthazela,+ nangezibonakaliso nezimangaliso nemisebenzi yamandla.+
13 Ngoba naba bancane kusiphi isici kunawo wonke amanye amabandla, ngaphandle kokuthi mina ngokwami angizange ngibe umthwalo kini?+ Ngithetheleleni ngomusa lobu bubi.
14 Bhekani! Lokhu sekungokwesithathu+ ngilungele ukuza kini, kodwa nokho ngeke ngibe umthwalo. Ngoba angifuni impahla yenu,+ kodwa nina; ngoba abantwana+ akufanele baqongelelele abazali babo, kodwa ngabazali okufanele baqongelelele abantwana babo.+
15 Mina ngizokuthokozela kakhulu ukusebenzisa konke enginakho nokuba ngisetshenziswe ngokuphelele ngenxa yemiphefumulo yenu.+ Uma nginithanda kakhulu, ingabe kumelwe ngithandwe kancane kunalokho?
16 Kodwa noma ngabe kunjalo, angizange nginesinde.+ Noma kunjalo, nithi, ngasebenzisa “amaqhinga” futhi nganibamba “ngokukhohlisa.”+
17 Ngokuqondene nanoma ubani kulabo engibathumele kini, angizange ngisizakale ngani ngaye, akunjalo?
18 Ngancenga uThithu futhi ngathumela kanye naye lowo mzalwane. UThithu akazange neze asizakale ngani, akunjalo?+ Sahamba ngomoya ofanayo,+ akunjalo? Ezinyathelweni ezifanayo, akunjalo?
19 Ingabe sonke lesi sikhathi benicabanga ukuthi besizivikela kini? Sikhuluma phambi kukaNkulunkulu mayelana noKristu. Kodwa, bathandekayo, zonke izinto zingezokwakha nina.+
20 Ngoba ngiyesaba ukuthi ngandlela-thile, lapho ngifika,+ ngingase nginithole ningenjengoba bengingathanda futhi nami ngingabi njengoba beningathanda, kodwa esikhundleni salokho, ngandlela-thile kube nokuxabana, umhawu,+ izimo zentukuthelo, imibango, ukunyevuza, ukuhleba, izimo zokukhukhumala, iziyaluyalu.+
21 Mhlawumbe, uma ngiphinda ngiza, uNkulunkulu wami angase angithobise phakathi kwenu, nami ngililele abaningi kulabo abona+ ngaphambili kodwa abangaphendukanga ekungcoleni kwabo nasebufebeni+ nasekuziphatheni okubi+ abaye bakwenza.

