2 Korinte 10:1-18

10  Manje, mina Pawulu, nginincenga ngobumnene+ nangomusa+ kaKristu, nakuba ngokubonakala ngiphansi+ phakathi kwenu, kanti uma ngingekho nginesibindi ngakini.+  Ngempela ngiyanxusa ukuthi, uma ngikhona, ngingasebenzisi isibindi ngalokho kuqiniseka engithembele kukho ukuba ngithathe izinyathelo eziqinile+ ngabathile abasahlulela njengokungathi sahamba ngokwalokho esiyikho enyameni.  Ngoba nakuba sihamba enyameni,+ asilwi impi ngokwalokho esiyikho enyameni.+  Ngoba izikhali zempi yethu azizona ezenyama,+ kodwa ngoNkulunkulu+ zinamandla okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile.  Ngoba sigumbuqela imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu;+ futhi sithumba yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu;  futhi sizigcina silungele ukunikeza isijeziso ngakho konke ukungalaleli,+ ngokushesha nje lapho ukulalela kwenu siqu sekufezwe ngokugcwele.+  Nibheka izinto ngokubonakala kwazo kwangaphandle.+ Uma umuntu ezithemba yena ukuthi ungokaKristu, makaphinde acabangele leli qiniso, lokuthi njengoba nje engokaKristu, nathi singabakhe.+  Ngoba ngisho noma ngingaziqhayisa+ ngokuthé ukudlulela ngegunya iNkosi eyasinika lona lokuba sinakhe hhayi ukuba sinidilize,+ ngeke ngihlazeke,  ukuze kungabonakali sengathi ngifuna ukunesabisa ngezincwadi zami. 10  Ngoba, bathi: “Izincwadi zakhe zinesisindo futhi zinamandla, kodwa ukuba khona kwakhe ngesiqu kubuthakathaka+ nokukhuluma kwakhe kudelelekile.”+ 11  Umuntu onjalo makacabangele lokhu, ukuthi lokho esiyikho ngezwi lethu ezincwadini uma singekho, yilokho esiyoba yikho futhi ngesenzo uma sikhona.+ 12  Ngoba asilokothi sizifake esigabeni sabathile noma siziqhathanise nabathile abazitusa bona.+ Ngokuqinisekile ngokuzilinganisa ngabo ngokwabo nangokuziqhathanisa nabo ngokwabo, abanakuqonda.+ 13  Thina ngeke siziqhayise ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe,+ kodwa ngokomngcele wendawo uNkulunkulu asihlukanisele yona ngesilinganiso, eyenza ifinyelele ngisho nakini.+ 14  Ngempela asizeluli ngokweqile njengokungathi asizange sifinyelele kini, ngoba sasingabokuqala ukuba size siyofika ngisho nakini ekumemezeleni izindaba ezinhle mayelana noKristu.+ 15  Cha, asiziqhayisi ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe ngomshikashika womunye umuntu,+ kodwa sinethemba lokuthi, njengoba ukholo lwenu lwandiswa,+ singase senziwe bakhulu phakathi kwenu ngokubhekisele endaweni yethu.+ Khona-ke sizovama nakakhulu, 16  ukuze simemezele izindaba ezinhle emazweni angaphesheya kwenu,+ ukuze singaziqhayisi ngendawo yomunye umuntu lapho izinto sezilungiswe khona kakade. 17  “Kodwa lowo oziqhayisayo, makaziqhayise ngoJehova.”+ 18  Ngoba akuyena ozitusayo owamukelekayo,+ kodwa ngumuntu otuswa+ uJehova.+

Imibhalo yaphansi