2 Korinte 1:1-24
1 UPawulu, umphostoli+ kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu+ umfowethu kini bandla likaNkulunkulu eliseKorinte, nakubo bonke abangcwele+ abakulo lonke elase-Akhaya:+
2 Kwangathi ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.+
3 Makadunyiswe uNkulunkulu noYise+ weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe+ noNkulunkulu wenduduzo yonke,+
4 osiduduza osizini lwethu lonke,+ ukuze sikwazi ukududuza+ labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.+
5 Ngoba njengoba nje ukuhlupheka ngenxa kaKristu kuvama kithi,+ kanjalo nenduduzo esiyitholayo nayo iyavama ngoKristu.+
6 Manje kungakhathaliseki ukuthi sisosizini yini, kungokwenduduzo nensindiso yenu;+ noma ukuthi siyaduduzeka yini, kungokwenduduzo yenu esebenzela ukunenza nikhuthazelele izinhlupheko ezifana nalezo esihlupheka ngazo nathi.+
7 Ngakho ithemba lethu ngani alintengi, njengoba sazi ukuthi, njengoba nje ningabahlanganyeli bezinhlupheko, ngendlela efanayo niyohlanganyela induduzo futhi.+
8 Ngoba asithandi ukuba nibe abangenalwazi, bazalwane, mayelana nosizi olwasivelela esifundeni sase-Asiya,+ ukuthi sasingaphansi kokucindezeleka okudlulele okungaphezu kwamandla ethu, kangangokuthi sasingaqiniseki neze ngisho nangokuphila kwethu.+
9 Eqinisweni, saba nomuzwa wokuthi sasitholé isigwebo sokufa. Lokhu kwakungenjongo yokuba singathembeli+ kithi ngokwethu, kodwa kuNkulunkulu ovusa abafileyo.+
10 Entweni enkulu kangako enjengokufa wasophula futhi uyosophula;+ ithemba lethu likuye lokuthi uzoqhubeka esophula.+
11 Nani ningasiza ngokuba nisinxusele,+ ukuze sibongelwe+ ngabaningi ngalokho esikuphiwe ngomusa ngenxa yabaningi abathandazayo.+
12 Ngoba into esiziqhayisa ngayo yile, unembeza wethu ofakaza ngayo,+ ukuthi ezweni, kodwa ikakhulukazi ngakini, siye saziphatha ngobungcwele nangobuqotho bokuhlonipha uNkulunkulu, hhayi ngokuhlakanipha kwenyama+ kodwa ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe.
13 Ngoba ngempela asinilobeli ezinye izinto ngaphandle kwalezo enizazi kahle noma eniziqaphelayo futhi; engithemba ukuthi niyoqhubeka niziqaphela kuze kube sekupheleni,+
14 njengoba nje niye naqaphela, ngezinga elithile, ukuthi siyisizathu sokuba niziqhayise,+ njengoba nje niyoba yiso nani kithi ngosuku lweNkosi yethu uJesu.+
15 Ngakho, nginalokhu kuqiniseka, ngaphambili ngangihlose ukuza kini,+ ukuze nijabule okwesibili,+
16 kuthi sengidlule kini ngiye eMakedoniya,+ bese ngibuya eMakedoniya ngiza kini+ futhi ningiphelezele+ ingxenye yendlela ngiye eJudiya.
17 Nokho, ngesikhathi ngiba nenhloso enjalo, angizitikanga kunoma ikuphi ukudlala,+ akunjalo? Noma iziphi izinto enginenjongo ngazo, ingabe nginenjongo engokwenyama,+ ukuthi kimi kufanele kube “uYebo, Yebo” “noCha, Cha”?+
18 Kodwa uNkulunkulu kungathenjelwa kuye ukuthi inkulumo yethu ebhekiswe kini ayiyena uYebo kodwa ibe inguCha.
19 Ngoba iNdodana kaNkulunkulu,+ uKristu Jesu, okwashunyayelwa ngayo phakathi kwenu kusetshenziswa thina, okuwukuthi, kusetshenziswa mina noSilvanu noThimothewu,+ ayibanga uYebo kodwa ibe inguCha, kodwa uYebo uye waba nguYebo ngokuqondene nayo.+
20 Ngoba kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso+ zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo ngayo.+ Ngakho-ke no-“Amen”+ ushiwo ngayo kuNkulunkulu ngenjongo yenkazimulo ngathi.
21 Kodwa lowo oqinisekisa ukuthi thina nani singabakaKristu, futhi osigcobile, nguNkulunkulu.+
22 Ubeke nophawu+ lwakhe phezu kwethu futhi usinike uphawu+ lwalokho okuzokuza, okungukuthi, umoya,+ ezinhliziyweni zethu.
23 Manje ngibiza uNkulunkulu njengofakazi+ ngokumelene nomphefumulo wami siqu ukuthi kungenjongo yokuphephisa nina+ ukuthi angikezi eKorinte.
24 Akukhona ukuthi singamakhosi+ phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani+ ukuze nijabule, ngoba nimi+ ngokholo lwenu.+

