2 IziKronike 7:1-22

7  Ngokushesha nje lapho uSolomoni eqeda ukuthandaza,+ kwehla umlilo uvela emazulwini+ wadla umnikelo wokushiswa+ nemihlatshelo, futhi inkazimulo kaJehova+ yagcwalisa indlu.  Abapristi abakwazanga ukungena endlini kaJehova+ ngoba inkazimulo kaJehova yayigcwalise indlu kaJehova.  Bonke abantwana bakwa-Israyeli babebukele lapho umlilo wehla nalapho inkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama+ masinyane ubuso babo bubheke phansi phezu komgandayo futhi bawa ngobuso+ babonga uJehova, “ngoba muhle,+ ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.”+  Inkosi nabo bonke abantu babenikela umhlatshelo phambi kukaJehova.+  INkosi uSolomoni yanikela umhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.+ Kanjalo inkosi nabo bonke abantu bayivula+ indlu kaNkulunkulu weqiniso.  Abapristi+ babemi ezindaweni abasebenza kuzo, amaLevi+ ephethe izinsimbi zokuculela+ uJehova lezo uDavide+ inkosi ayezenzele ukubonga uJehova, “ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini,” lapho uDavide ayedumisa ngesandla sawo; futhi abapristi babeshaya amacilongo+ kakhulu phambi kwawo, wonke ama-Israyeli emile.  Khona-ke uSolomoni wangcwelisa+ indawo emaphakathi yegceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngoba wanikela lapho iminikelo yokushiswa+ namaqatha anonile emihlatshelo yenhlanganyelo, ngoba i-altare lethusi+ uSolomoni ayelenzile lalingenakukwazi ukuwuthwala lona lodwa umnikelo wokushiswa nomnikelo wokusanhlamvu+ namaqatha anonile.+  Ngaleso sikhathi uSolomoni wagubha umkhosi+ izinsuku eziyisikhombisa, no-Israyeli wonke,+ ibandla elikhulu+ kusukela ekungeneni kweHamati+ kwehle kuze kufike esigodini sesifufula saseGibhithe.+  Kodwa ngosuku lwesishiyagalombili benza umbuthano onesizotha,+ ngoba ukuvulwa kwe-altare babekwenzé izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa. 10  Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya emakhaya bejabule+ futhi beneme enhliziyweni ngenxa yobuhle+ uJehova ayebenzele uDavide noSolomoni no-Israyeli isizwe sakhe.+ 11  Kanjalo uSolomoni wayiqeda indlu kaJehova+ nendlu yenkosi;+ futhi waphumelela kukho konke okwakufiké enhliziyweni kaSolomoni ukuba akwenze ngokuqondene nendlu kaJehova nendlu yakhe siqu. 12  Manje uJehova wabonakala+ kuSolomoni ebusuku wathi kuye: “Ngiwuzwile umthandazo wakho,+ futhi ngizikhethele+ le ndawo njengendlu yomhlatshelo.+ 13  Lapho ngivala amazulu ukuba imvula ingani+ nalapho ngiyala izintethe ukuba zidle izwe+ futhi uma ngithumela isifo esiwumshayabhuqe phakathi kwabantu bami,+ 14  bese abantu bami+ igama lami+ elibizwe phezu kwabo bezithoba+ futhi bathandaze+ bafune ubuso bami+ babuye ezindleleni zabo ezimbi,+ khona-ke mina ngokwami ngiyozwa ngisemazulwini+ ngithethelele isono sabo,+ ngiliphulukise izwe labo.+ 15  Manje amehlo ami+ ayobe evulekile nezindlebe zami+ zilalelé umthandazo kule ndawo. 16  Manje ngiyayikhetha+ le ndlu futhi ngiyayingcwelisa ukuze igama lami+ libe lapho kuze kube nini nanini,+ futhi amehlo ami nenhliziyo yami ngokuqinisekile kuyoba lapho ngaso sonke isikhathi.+ 17  “Futhi uma wena uzohamba phambi kwami, njengoba nje uDavide+ uyihlo ahamba, yebo ngokwenza ngokuvumelana nakho konke engikuyale ngakho,+ futhi uma uzogcina iziqondiso zami+ nezinqumo zami zokwahlulela,+ 18  nami futhi ngizosimisa isihlalo sobukhosi bakho,+ njengoba nje ngenza isivumelwano noDavide uyihlo,+ ngithi, ‘Ngeke kunqunywe muntu wakho ukuba angabusi phezu kuka-Israyeli.’+ 19  Kodwa uma nina nifulathela+ futhi empeleni nishiya izimiso zami+ nemiyalo yami+ engiyibeke phambi kwenu, futhi nihambe nikhonze abanye onkulunkulu+ nibakhothamele,+ 20  nami ngiyobasiphula emhlabathini wami engibanike wona;+ le ndlu engiyingcwelisele+ igama lami, ngiyoyitshinga isuke phambi kobuso bami,+ ngiyenze isaga+ nento yokuklolodelwa phakathi kwazo zonke izizwe.+ 21  Kepha le ndlu esibé yizinqwaba zezincithakalo,+ wonke umuntu odlula ngakuyo uyoyigqolozela emangele+ futhi ngokuqinisekile uyothi, ‘Kungani uJehova enza ngaleyo ndlela kuleli zwe nakule ndlu?’+ 22  Bayothi, ‘Kwakungenxa yokuthi bamshiya uJehova+ uNkulunkulu wokhokho babo owayebakhiphe ezweni laseGibhithe,+ bathatha abanye onkulunkulu+ babakhothamela babakhonza.+ Yingakho aletha phezu kwabo yonke le nhlekelele.’”+

Imibhalo yaphansi