2 IziKronike 36:1-23

36  Khona-ke abantu bezwe bathatha uJehowahazi+ indodana kaJosiya bambeka inkosi esikhundleni sikayise eJerusalema.+  UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu lapho eqala ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema.+  Nokho, inkosi yaseGibhithe yamsusa eJerusalema+ futhi yahlawulisa izwe amathalenta esiliva+ ayikhulu nethalenta legolide.  Ngaphezu kwalokho, inkosi+ yaseGibhithe yabeka u-Eliyakimi+ umfowabo inkosi phezu kukaJuda neJerusalema futhi yashintsha igama lakhe laba nguJehoyakimi; kodwa umfowabo uJehowahazi uNekho+ wamthatha wamyisa eGibhithe.+  UJehoyakimi+ wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema;+ wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.+  UNebukhadinezari+ inkosi yaseBhabhiloni wakhuphuka+ wamelana naye ukuze ambophe ngezibopho ezimbili zethusi futhi amuke naye amyise eBhabhiloni.+  Ezinye zezinto+ zendlu kaJehova uNebukhadinezari+ waziyisa eBhabhiloni wayesezibeka esigodlweni sakhe eBhabhiloni.+  Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba+ zikaJehoyakimi nezinto zakhe ezinengekayo+ azenza nalokho okwakutholakala okumelene naye, bheka kulotshiwe eNcwadini+ Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda; uJehoyakini+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.  UJehoyakini+ wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili lapho eqala ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu+ nezinsuku eziyishumi eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova.+ 10  Ekuphendukeni+ konyaka iNkosi uNebukhadinezari yathumela+ ukuba alethwe eBhabhiloni+ nezinto ezifiselekayo zendlu kaJehova.+ Ngaphezu kwalokho, yabeka uZedekiya+ umfowabo kayise inkosi phezu kukaJuda neJerusalema.+ 11  UZedekiya+ wayeneminyaka engamashumi amabili nanye lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.+ 12  Wenza okubi+ emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe. Akazange azithobe+ phambi kukaJeremiya+ umprofethi+ ngomyalo kaJehova. 13  Wadlubulunda ngisho naseNkosini uNebukhadinezari,+ eyayimfungise uNkulunkulu;+ waqhubeka eqinisa+ intamo futhi eyenza lukhuni+ inhliziyo yakhe ukuze angabuyeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 14  Ngisho nazo zonke izinduna zabapristi+ nabantu ngokwabo benza ukungathembeki ngezinga elikhulu, ngokwazo zonke izinto ezinengekayo+ zezizwe, kangangokuba bayingcolisa indlu kaJehova ayeyingcwelisile eJerusalema.+ 15  UJehova uNkulunkulu wokhokho babo waqhubeka ethumela kubo ngezithunywa zakhe,+ ethumela ngokuphindaphindiwe, ngoba waba nobubele ngabantu bakhe+ nangendawo yakhe yokuhlala.+ 16  Kodwa babelokhu betekula+ ngezithunywa zikaNkulunkulu weqiniso bedelela amazwi akhe+ futhi bebahleka usulu+ abaprofethi bakhe, uJehova waze wabathukuthelela+ abantu bakhe, kwaze kwangaba bikho kuphulukiswa.+ 17  Ngakho wabalethela inkosi yamaKhaledi,+ eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba+ endlini yendlu yabo engcwele,+ ayibanga nabubele ngansizwa noma ngantombi, ngamuntu omdala noma ngoxhwalile.+ Wanikela konke esandleni sayo. 18  Zonke izinto,+ ezinkulu+ nezincane, zendlu kaNkulunkulu weqiniso nengcebo+ yendlu kaJehova nengcebo yenkosi+ neyezikhulu zayo, konke yakuletha eBhabhiloni. 19  Yashisa indlu kaNkulunkulu weqiniso+ futhi yadiliza udonga+ lwaseJerusalema; yonke imibhoshongo yalo yokuhlala bayishisa ngomlilo nazo zonke izinto zalo ezifiselekayo,+ ukuze babangele incithakalo.+ 20  Ngaphezu kwalokho, yathumba abaseleyo enkembeni yabayisa eBhabhiloni,+ baba yizinceku zayo+ nezabantwana bayo kwaze kwaqala ukubusa ubukhosi basePheresiya;+ 21  ukuze kugcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya,+ kuze kube yilapho izwe selikhokhe amasabatha alo.+ Zonke izinsuku lihleli liyincithakalo laligcina isabatha, ukuze kuphelele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.+ 22  Ngonyaka wokuqala kaKoresi+ inkosi yasePheresiya,+ ukuze kufezeke izwi likaJehova+ ngomlomo kaJeremiya,+ uJehova wavusa umoya+ kaKoresi inkosi yasePheresiya, wadlulisa isimemezelo kanye nombhalo,+ kuwo wonke umbuso wakhe, sithi: 23  “Yilokhu uKoresi inkosi yasePheresiya+ akushilo, ‘UJehova uNkulunkulu wamazulu uyiniké mina,+ yonke imibuso yomhlaba futhi yena ngokwakhe ungithumé ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, elikwaJuda.+ Noma ubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe,+ uJehova uNkulunkulu wakhe makabe naye.+ Ngakho makakhuphuke.’”+

Imibhalo yaphansi