2 IziKronike 35:1-27
35 Khona-ke uJosiya+ wagubhela uJehova iphasika+ eJerusalema futhi bahlaba isisulu sephasika+ ngosuku lweshumi nane+ lwenyanga yokuqala.+
2 Ngakho wamisa abapristi phezu kwezinto ezazingaphansi kokunakekela kwabo+ futhi wabakhuthaza+ enkonzweni yendlu kaJehova.+
3 Waqhubeka wathi kumaLevi, abafundisi+ baka-Israyeli wonke, ababengcwele kuJehova: “Bekani uMphongolo ongcwele+ endlini+ uSolomoni indodana kaDavide inkosi yakwa-Israyeli ayakha; akusadingekile ukuba niwuthwale emahlombe njengomthwalo.+ Manje khonzani+ uJehova uNkulunkulu wenu nesizwe sakhe u-Israyeli.
4 Lungiselelani ngokwendlu yokhokho benu+ ngokwezigaba zenu,+ ngokuloba+ kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nangokuloba+ kukaSolomoni indodana yakhe.
5 Nimele+ abafowenu, amadodana abantu, endaweni engcwele ngezigaba zendlu yokhokho, kube khona nengxenye yendlu yoyise+ yamaLevi.+
6 Nihlabe isisulu sephasika+ futhi nizingcwelise+ nilungiselele abafowenu, ukuze nenze ngokuvumelana nezwi likaJehova ngoMose.”+
7 UJosiya manje wanikela kubantwana babantu imihlambi yezimvu nezimbuzi, amawundlu angamaduna namazinyane angamaduna, wonke ukuba abe yizisulu zephasika zabo bonke ababetholakala, ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ngesibalo, nezinkomo, eziyizinkulungwane ezintathu.+ Lezi zazivela empahleni yenkosi.+
8 Futhi izikhulu+ zakhe zona zenza umnikelo njengomnikelo wokuzithandela wabantu,+ wabapristi nowamaLevi. UHilikiya+ noZakariya noJehiyeli bona njengabaholi bendlu kaNkulunkulu weqiniso banika abapristi izisulu zephasika eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha, nezinkomo ezingamakhulu amathathu.
9 UKhonaniya noShemaya noNethaneli abafowabo noHashabiya noJeheyeli noJozabhadi, izinduna zamaLevi, banikela kumaLevi izisulu zephasika eziyizinkulungwane ezinhlanu, nezinkomo ezingamakhulu amahlanu.
10 Inkonzo yalungiswa+ futhi abapristi baqhubeka bemi+ ezindaweni zabo,+ namaLevi ngokwezigaba zawo,+ ngokomyalo wenkosi.+
11 Kwahlatshwa isisulu sephasika+ futhi abapristi+ bafafaza+ igazi ababelamukele esandleni sawo, kuyilapho amaLevi wona ayehlinza.+
12 Ngaphezu kwalokho, alungisa iminikelo yokushiswa ukuze ayinikele ezigabeni+ ngokwendlu yoyise,+ kubantwana babantu, ukuze ethule+ isipho kuJehova ngokwalokho okulotshwe encwadini kaMose;+ enza kanjalo futhi nangezinkomo.
13 Apheka+ umnikelo wephasika+ emlilweni ngokwenkambiso; nezinto ezenziwe ngcwele azipheka+ ezimbizeni zokupheka nasezimbizeni ezinezinqe eziyindilinga nasezitsheni zedili, okwathi ngemva kwalokho awuletha ngokushesha kubo bonke abantwana babantu.+
14 Ngemva kwalokho azilungisela wona nabapristi,+ ngoba abapristi amadodana ka-Aroni babebambekile benikela imihlatshelo yokushiswa+ namaqatha anonile+ kwaze kwaba sebusuku, amaLevi wona, azilungisela+ wona nabapristi amadodana ka-Aroni.
15 Abahlabeleli+ abantwana bakwa-Asafa+ babesesikhundleni sabo ngokomyalo kaDavide+ noka-Asafa+ nokaHemani+ nokaJeduthuni+ umboni wemibono+ wenkosi; abalindisango+ besemasangweni ahlukahlukene.+ Sasingekho isidingo sokuba baphambuke enkonzweni yabo, ngoba abafowabo amaLevi babalungiselela.+
16 Yonke inkonzo kaJehova yalungiswa ngalolo suku ukuze kugujwe iphasika+ futhi kunikelwe iminikelo yokushiswa e-altare likaJehova, ngokomyalo weNkosi uJosiya.+
17 Abantwana bakwa-Israyeli ababetholakala bagubha iphasika+ ngaleso sikhathi kanye nomkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.+
18 Futhi kwakungakaze kugujwe iphasika elinjengalo kwa-Israyeli kusukela ezinsukwini zikaSamuweli umprofethi,+ futhi ayikho enye yamakhosi+ akwa-Israyeli eyayike yagubha iphasika elinjengalelo uJosiya nabapristi namaLevi nawo wonke uJuda no-Israyeli owayetholakala nabakhileyo eJerusalema abaligubha.
19 Ngonyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya lagujwa leli phasika.+
20 Ngemva kwakho konke lokhu lapho uJosiya eseyilungisile indlu, uNekho+ inkosi yaseGibhithe+ wakhuphuka eyokulwa eKharikemishi+ ngase-Ewufrathe. Khona-ke uJosiya+ waphuma wayohlangabezana naye.+
21 Kulokho wathumela izithunywa kuye, ethi: ‘Ngihlangene ngani nawe, nkosi yakwaJuda? Angizelanga ukulwa nawe namuhla, kodwa ngizele ukulwa nenye indlu uNkulunkulu ngokwakhe athé kufanele ngiyiphazamise. Yeka ukuze kube kuhle kuwe ngenxa kaNkulunkulu okanye nami, futhi ungamenzi akuchithe.”+
22 UJosiya akazange abuphendule ubuso bakhe kuye,+ kodwa ukuze alwe naye wazifihla+ wangawalalela amazwi kaNekho+ avela emlonyeni kaNkulunkulu. Ngakho weza walwa ethafeni elisesigodini saseMegido.+
23 Abacibishelayo+ bayicibishela iNkosi uJosiya, kangangokuba inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngehliseni, ngoba ngilimele kakhulu.”+
24 Ngakho izinceku zamehlisa enqoleni zamgibelisa enqoleni yempi yesibili okwakungeyakhe zamletha eJerusalema.+ Wafa kanjalo+ wangcwatshwa emathuneni okhokho bakhe;+ wonke uJuda neJerusalema wayemlilela+ uJosiya.
25 UJeremiya+ wahaya+ ngoJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabahlabeleli besifazane+ basakhuluma ngoJosiya ezingomeni zabo zokulila kuze kube namuhla; futhi baye bazimisa njengesiqondiso phezu kuka-Israyeli, bheka zilotshiwe phakathi kwezingoma zokulila.+
26 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba+ zikaJosiya nezenzo zakhe zomusa wothando,+ ngokwalokho okulotshwe emthethweni+ kaJehova,
27 nezindaba zakhe, zokuqala nezokugcina,+ bheka zilotshiwe eNcwadini+ Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda.