2 IziKronike 34:1-33

34  UJosiya+ wayeneminyaka eyisishiyagalombili+ lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.+  Wenza okulungileyo emehlweni kaJehova+ wahamba ezindleleni zikaDavide ukhokho wakhe;+ futhi akaphambukelanga kwesokunene noma kwesobunxele.+  Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esengumfana,+ wafuna+ uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakhe; futhi ngonyaka weshumi nambili wahlanza+ uJuda neJerusalema wasusa zonke izindawo eziphakemeyo+ nezigxobo ezingcwele+ nemifanekiso ebaziweyo+ nezithombe ezincibilikisiwe.  Ngaphezu kwalokho, kwadilizwa phambi kwakhe ama-altare+ oBhali;+ futhi izinti zezitsha zempepho+ ezaziphezulu wazinquma kuwo; nezigxobo ezingcwele+ nemifanekiso ebaziweyo+ nezithombe ezincibilikisiwe waziphihliza zaba yizicucu wazenza zaba uthuli,+ wayeselufafaza phezu kwamangcwaba alabo ababekwenzela imihlatshelo.+  Amathambo+ abapristi wawashisa phezu kwama-altare abo.+ Kanjalo wahlanza uJuda neJerusalema.  Futhi, emizini yakwaManase+ nakwa-Efrayimi+ nakwaSimeyoni kuze kufike kwaNafetali, ezindaweni zayo ezibhuqiwe nxazonke,  wadiliza ngisho nama-altare+ nezigxobo ezingcwele,+ futhi imifanekiso ebaziweyo+ wayichoboza wayenza yaba luthuli;+ zonke izinti zezitsha zempepho+ wazinquma kulo lonke izwe lakwa-Israyeli, ngemva kwalokho wabuyela eJerusalema.  Ngonyaka weshumi nesishiyagalombili+ wokubusa kwakhe, lapho eselihlanzile izwe nendlu, wathuma uShafani+ indodana ka-Azaliya noMahaseya induna yomuzi noJowa indodana kaJowahazi umgcini-mibhalo ukuba balungise+ indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.  Baya kuHilikiya+ umpristi ophakeme bamnika imali eyayilethwa endlini kaNkulunkulu, amaLevi abalindimnyango+ ababeyiqoqile esandleni sikaManase+ nesika-Efrayimi+ nakwesika-Israyeli wonke+ nakuJuda wonke nakuBhenjamini nakwabakhileyo eJerusalema. 10  Khona-ke bayibeka esandleni sabenzi bomsebenzi ababemiswe phezu kwendlu kaJehova.+ Abenzi bomsebenzi abakhuthele endlini kaJehova bona bayisebenzisela ukuvuselela nokulungisa indlu. 11  Ngakho bayinika izingcweti nabakhi+ ukuba bathenge amatshe aqoshiwe+ nezingodo zokwenza izibopho futhi bazakhe ngemishayo izindlu ezazichithwe amakhosi+ akwaJuda. 12  Amadoda ayenza umsebenzi ngokuthembeka;+ futhi phezu kwawo kwakumiswe uJahati no-Obadiya amaLevi, kubantwana bakwaMerari,+ noZakariya noMeshulami, kubantwana bamaKohati,+ ukuba basebenze njengababonisi. AmaLevi, ngamunye kuwo owayenguchwepheshe ezinsimbini zomculo,+ 13  ayengamele abathwala imithwalo,+ nababonisi+ babo bonke abenzi bomsebenzi ezinkonzweni ezihlukahlukene; kumaLevi+ kwakukhona onobhala+ nezikhulu nabalindisango.+ 14  Lapho bekhipha imali+ eyayilethwa endlini kaJehova, uHilikiya+ umpristi wathola incwadi+ yomthetho kaJehova+ owanikezwa ngesandla sikaMose.+ 15  Ngakho uHilikiya waphendula wathi kuShafani+ unobhala: “Ngitholé yona kanye incwadi yomthetho endlini kaJehova.” Ngalokho uHilikiya wayinika uShafani le ncwadi. 16  Khona-ke uShafani wayisa le ncwadi enkosini futhi waphendula inkosi, wathi: “Konke okubekwe esandleni sezinceku zakho ziyakwenza. 17  Futhi zithulula imali etholakala endlini kaJehova ziyibeke esandleni samadoda amisiwe nasesandleni sabenzi bomsebenzi.”+ 18  UShafani unobhala wabikela inkosi, wathi: “Kukhona incwadi+ uHilikiya umpristi anginiké yona.”+ UShafani wayifunda phambi kwenkosi.+ 19  Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi omthetho, masinyane yaklebhula izingubo zayo.+ 20  Khona-ke inkosi yayala uHilikiya+ no-Ahikamu+ indodana kaShafani no-Abhidoni indodana kaMika noShafani+ unobhala+ no-Asaya+ inceku yenkosi, yathi: 21  “Hambani nibuze+ kuJehova, nibuzele mina+ nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngokuphathelene namazwi encwadi+ etholakele, ngoba kukhulu ukufutheka kukaJehova+ okumelwe kuthululelwe phezu kwethu ngenxa yokuthi okhokho bethu abazange baligcine izwi likaJehova ngokwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kule ncwadi.”+ 22  Ngakho uHilikiya nalabo inkosi eyayibashilo baya kuHulida+ umprofethikazi,+ umkaShalumi indodana kaThikiva indodana kaHarihasi umnakekeli wezingubo,+ njengoba ayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye ngale ndlela. 23  Yena wathi kubo: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushilo, ‘Thanini kumuntu onithume kimi: 24  “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Bheka ngiletha inhlekelele+ phezu kwale ndawo nakwabakhileyo kuyo,+ zonke iziqalekiso+ ezilotshwe encwadini abayifunde phambi kwenkosi yakwaJuda,+ 25  ngenxa yokuthi bangishiyile+ bashunqisela abanye onkulunkulu umusi womhlatshelo,+ ukuze bangicasule+ ngakho konke abakwenzayo ngezandla zabo+ futhi ukuze ukufutheka kwami+ kuthululelwe kule ndawo futhi kungacimi.’”+ 26  Enkosini yakwaJuda, enithuma ukuba nibuze kuJehova, yilokhu okufanele nikusho kuyo: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushilo,+ ‘Ngokuqondene namazwi+ owezwile, 27  ngenxa yokuthi inhliziyo yakho+ iye yathamba wazithoba+ ngenxa kaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngokuphathelene nale ndawo nabakhileyo kuyo, futhi wazithoba phambi kwami+ waklebhula+ izingubo zakho wakhala phambi kwami, mina, yebo, mina ngizwile,+ kusho uJehova. 28  Bheka ngikubuthela kokhokho bakho, futhi ngokuqinisekile uyobuthelwa emathuneni akini ngokuthula,+ futhi amehlo akho ngeke ayibuke yonke le nhlekelele+ engiyiletha phezu kwale ndawo nakwabakhileyo kuyo.’”’”+ Khona-ke baletha impendulo enkosini. 29  Inkosi yathuma yabutha wonke amadoda amadala akwaJuda nawaseJerusalema.+ 30  Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova+ nawo wonke amadoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema nabapristi+ namaLevi nabo bonke abantu, abakhulu nabancane; yafunda+ ezindlebeni zabo wonke amazwi encwadi yesivumelwano, eyayitholakalé endlini kaJehova.+ 31  Inkosi yema endaweni+ yayo futhi yenza isivumelwano+ phambi kukaJehova ukuba ilandele uJehova nokuba igcine imiyalo yakhe+ nobufakazi+ bakhe neziqondiso zakhe+ ngayo yonke inhliziyo yayo+ nangawo wonke umphefumulo wayo,+ ukuba ifeze+ amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.+ 32  Ngaphezu kwalokho, yenza ukuba bonke ababetholakala eJerusalema nakwaBhenjamini beme ngakuso. Futhi abakhileyo eJerusalema benza ngokuvumelana nesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wokhokho babo.+ 33  Ngemva kwalokho uJosiya wasusa zonke izinto ezinengekayo+ kuwo wonke amazwe abantwana bakwa-Israyeli,+ futhi wenza ukuba bonke ababetholakala kwa-Israyeli baqale inkonzo, ukuba bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Zonke izinsuku zakhe abazange baphambuke ekulandeleni uJehova uNkulunkulu wokhokho babo.+

Imibhalo yaphansi