2 IziKronike 31:1-21

31  Ngokushesha nje lapho beqeda konke lokhu, wonke ama-Israyeli+ ayetholakala lapho aphuma aya emizini yakwaJuda,+ aphula izinsika ezingcwele,+ agawula izigxobo ezingcwele+ adiliza nezindawo eziphakemeyo+ nama-altare+ kulo lonke elakwaJuda+ nelakwaBhenjamini nakwa-Efrayimi+ nakwaManase+ aze aqeda; okwathi ngemva kwalokho bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela emizini yabo, yilowo nalowo efeni lakhe.  Khona-ke uHezekiya wamisa izigaba+ zabapristi nezamaLevi+ ezigabeni zabo, yileso naleso ngokwenkonzo yaso yabapristi+ neyamaLevi+ ngokuphathelene nomnikelo wokushiswa+ nemihlatshelo yenhlanganyelo+ ukuba sikhonze,+ sibonge+ futhi sidumise+ emasangweni amakamu kaJehova.  Futhi kwakukhona isabelo senkosi esasivela ezimpahleni zayo siqu+ seminikelo yokushiswa,+ seminikelo yokushiswa yasekuseni+ neyakusihlwa, kanye neminikelo yokushiswa yamasabatha+ neyokwethwasa kwezinyanga+ neyezinkathi zemikhosi,+ ngokuvumelana nalokho okulotshwe emthethweni kaJehova.+  Ngaphezu kwalokho, watshela abantu, abakhileyo eJerusalema, ukuba bakhiphe isabelo sabapristi+ nesamaLevi,+ ukuze bona banamathele+ ngokuqinile emthethweni kaJehova.+  Ngokushesha nje lapho leli zwi lizwakala, abantwana bakwa-Israyeli+ bandisa ulibo lokusanhlamvu,+ iwayini elisha+ namafutha+ noju+ nayo yonke imikhiqizo yensimu,+ futhi okweshumi kwako konke bakuletha ngobuningi.+  Abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda,+ nabo baletha okweshumi kwezinkomo nezimvu nokweshumi kwezinto ezingcwele,+ izinto ezingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo. Baletha futhi banikela izinqwaba ngezinqwaba.  Ngenyanga yesithathu+ baqala izinqwaba ngokubeka ungqimba olungaphansi impela, ngenyanga yesikhombisa+ aqeda.  Lapho uHezekiya nezikhulu+ befika futhi bebona izinqwaba, bamdumisa+ uJehova babusisa nabantu bakhe u-Israyeli.+  Ngokuhamba kwesikhathi uHezekiya wabuza abapristi namaLevi ngokuphathelene nalezi zinqwaba.+ 10  Khona-ke u-Azariya+ umpristi omkhulu wendlu kaZadoki+ wathi kuye, yebo, wathi: “Kusukela esikhathini abaqala ngaso ukuletha umnikelo+ endlini kaJehova bekulokhu kudliwa futhi kusuthwa+ futhi kuba khona insalela eningi kakhulu;+ ngoba uJehova ngokwakhe uye wababusisa abantu bakhe,+ futhi le ntilibathwa iyileyo nsalela.” 11  UHezekiya wathi makulungiswe amakamelo okudlela+ endlini kaJehova. Bawalungisa-ke. 12  Baqhubeka beletha umnikelo+ nokweshumi+ nezinto ezingcwele ngokuthembeka;+ uKhonaniya umLevi wayeyengamele njengomholi, uShimeyi umfowabo engowesibili. 13  UJehiyeli no-Azaziya noNahati no-Asaheli noJerimoti noJozabhadi no-Eliyeli no-Isimakiya noMahati noBhenaya babengabaphathi eceleni kukaKhonaniya noShimeyi umfowabo, ngokomyalo kaHezekiya inkosi, futhi u-Azariya+ wayengoholayo wendlu kaNkulunkulu weqiniso. 14  UKore indodana ka-Imna umLevi wayengumlindisango+ ngasempumalanga,+ engamele iminikelo yokuzithandela+ kaNkulunkulu weqiniso, ukuba anikele umnikelo kaJehova+ nezinto ezingcwelengcwele.+ 15  Ngaphansi kwakhe kwakukhona u-Edene noMiniyamini noJeshuwa noShemaya, u-Amariya noShekaniya, emizini yabapristi,+ esikhundleni sokwethenjelwa,+ ukuba banike abafowabo ezigabeni,+ omkhulu ngokulinganayo nomncane;+ 16  ngaphandle kwabesilisa ababhaliswe ngokohlu lozalo+ lwabo kusukela eminyakeni emithathu ubudala kuya phezulu,+ kubo bonke ababeza endlini kaJehova njengento eyimfuneko yansuku zonke, bezokwenza inkonzo yabo ngokwezibopho zabo ngokwezigaba zabo. 17  Yilokhu ukubhalwa kwabapristi ngokohlu lozalo ngokwendlu yoyise+ nokwamaLevi,+ kusukela eminyakeni engamashumi amabili+ ubudala kuya phezulu, ngokwezibopho zabo ezigabeni zabo;+ 18  ukubhalwa ngokohlu lozalo phakathi kwabo bonke abancane babo, omkabo namadodana abo namadodakazi abo, kwalo lonke ibandla, ngoba esikhundleni sabo sokwethenjelwa+ bazingcwelisela+ okungcwele; 19  nokwamadodana ka-Aroni,+ abapristi, emadlelweni+ emizi yabo. Kuyo yonke imizi ehlukahlukene kwakukhona amadoda ayeshiwo ngamagama, ukuba anike izabelo kubo bonke abesilisa phakathi kwabapristi nakubo bonke ababhalwe ohlwini lozalo phakathi kwamaLevi. 20  UHezekiya wenza ngale ndlela kuJuda wonke, futhi waqhubeka enza okuhle+ nokulungile+ nokuthembekile+ phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe. 21  Futhi kuyo yonke imisebenzi ayiqala enkonzweni+ yendlu kaNkulunkulu weqiniso nasemthethweni+ nasemyalweni ukuba afune+ uNkulunkulu wakhe, wenza ngenhliziyo yakhe yonke,+ waphumelela.+

Imibhalo yaphansi