2 IziKronike 3:1-17
3 Ekugcineni uSolomoni waqala ukwakha indlu kaJehova+ eJerusalema eNtabeni iMoriya,+ lapho [uJehova] ayebonakele khona kuDavide uyise,+ endaweni uDavide ayeyilungiselele esibuyeni sika-Orinani+ umJebusi.
2 Ngakho waqala ukwakha ngenyanga yesibili ngosuku lwesibili, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe.+
3 Lezi zinto uSolomoni wazibeka njengesisekelo sokwakha indlu kaNkulunkulu weqiniso, ubude ngezingalo ngokwesilinganiso sangaphambili buyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili.+
4 Umpheme+ owawuphambi kobude wawuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kobubanzi bendlu, futhi ukuphakama kwawo kwakungeziyikhulu namashumi amabili; ngaphakathi wawunameka ngegolide elihlanzekile.
5 Indlu+ enkulu wayimboza ngokhuni lomjunipha, okwathi ngemva kwalokho wayimboza ngegolide elihle,+ ngaphezulu wayesebeka imidwebo yemithi yesundu+ namaketanga.+
6 Ngaphezu kwalokho, wanameka indlu ngamatshe ayigugu ukuze ibe yinhle;+ futhi igolide+ kwakuyigolide elivela ezweni legolide.
7 Waqhubeka wamboza indlu, imishayo, imibundu nezindonga zayo nezicabha zayo ngegolide;+ waqopha amakherubi ezindongeni.+
8 Wenza indlu yeNgcwelengcwele,+ ubude bayo uma buqhathaniswa nobubanzi bendlu buyizingalo ezingamashumi amabili, yona ububanzi bayo buyizingalo ezingamashumi amabili;+ wayeseyimboza ngegolide elihle elingamathalenta angamakhulu ayisithupha.
9 Isisindo sezipikili+ sasingamashekeli egolide angamashumi amahlanu; futhi amagumbi asophahleni wawamboza ngegolide.
10 Khona-ke endlini yeNgcwelengcwele wenza amakherubi+ amabili ngendlela okwenziwa ngayo imifanekiso, wawanameka ngegolide.+
11 Ngokuqondene namaphiko amakherubi,+ ubude bawo babuyizingalo ezingamashumi amabili, elinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lifinyelela odongeni lwendlu nelinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lifinyelela ephikweni lelinye ikherubi.+
12 Iphiko lelinye ikherubi eliyizingalo ezinhlanu lalifinyelela odongeni lwendlu, nelinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lalithintene nephiko lelinye ikherubi.+
13 Amaphiko ala makherubi ayeluleke izingalo ezingamashumi amabili; futhi ayemi ngezinyawo ubuso bawo bubhekene.
14 Ngaphezu kwalokho, wenza isihenqo+ sentambo eluhlaza okwesibhakabhaka+ noboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu nobububende nendwangu ecolekileyo, wathungela amakherubi phezu kwaso.+
15 Khona-ke wenza phambi kwendlu izinsika ezimbili,+ ubude bazo buyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu, futhi isihloko+ esasiphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo ezinhlanu.
16 Ngaphezu kwalokho, wenza amaketanga+ anjengemigexo wawabeka phezu kwezihloko zezinsika, futhi wenza amahalananda ayikhulu+ wawafaka emaketangeni.
17 Wazimisa lezi zinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesobunxele, okwathi ngemva kwalokho waqamba engakwesokunene ngokuthi uJakini nengakwesobunxele ngokuthi uBhowazi.+