2 IziKronike 3:1-17

3  Ekugcineni uSolomoni waqala ukwakha indlu kaJehova+ eJerusalema eNtabeni iMoriya,+ lapho [uJehova] ayebonakele khona kuDavide uyise,+ endaweni uDavide ayeyilungiselele esibuyeni sika-Orinani+ umJebusi.  Ngakho waqala ukwakha ngenyanga yesibili ngosuku lwesibili, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe.+  Lezi zinto uSolomoni wazibeka njengesisekelo sokwakha indlu kaNkulunkulu weqiniso, ubude ngezingalo ngokwesilinganiso sangaphambili buyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili.+  Umpheme+ owawuphambi kobude wawuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kobubanzi bendlu, futhi ukuphakama kwawo kwakungeziyikhulu namashumi amabili; ngaphakathi wawunameka ngegolide elihlanzekile.  Indlu+ enkulu wayimboza ngokhuni lomjunipha, okwathi ngemva kwalokho wayimboza ngegolide elihle,+ ngaphezulu wayesebeka imidwebo yemithi yesundu+ namaketanga.+  Ngaphezu kwalokho, wanameka indlu ngamatshe ayigugu ukuze ibe yinhle;+ futhi igolide+ kwakuyigolide elivela ezweni legolide.  Waqhubeka wamboza indlu, imishayo, imibundu nezindonga zayo nezicabha zayo ngegolide;+ waqopha amakherubi ezindongeni.+  Wenza indlu yeNgcwelengcwele,+ ubude bayo uma buqhathaniswa nobubanzi bendlu buyizingalo ezingamashumi amabili, yona ububanzi bayo buyizingalo ezingamashumi amabili;+ wayeseyimboza ngegolide elihle elingamathalenta angamakhulu ayisithupha.  Isisindo sezipikili+ sasingamashekeli egolide angamashumi amahlanu; futhi amagumbi asophahleni wawamboza ngegolide. 10  Khona-ke endlini yeNgcwelengcwele wenza amakherubi+ amabili ngendlela okwenziwa ngayo imifanekiso, wawanameka ngegolide.+ 11  Ngokuqondene namaphiko amakherubi,+ ubude bawo babuyizingalo ezingamashumi amabili, elinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lifinyelela odongeni lwendlu nelinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lifinyelela ephikweni lelinye ikherubi.+ 12  Iphiko lelinye ikherubi eliyizingalo ezinhlanu lalifinyelela odongeni lwendlu, nelinye iphiko eliyizingalo ezinhlanu lalithintene nephiko lelinye ikherubi.+ 13  Amaphiko ala makherubi ayeluleke izingalo ezingamashumi amabili; futhi ayemi ngezinyawo ubuso bawo bubhekene. 14  Ngaphezu kwalokho, wenza isihenqo+ sentambo eluhlaza okwesibhakabhaka+ noboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu nobububende nendwangu ecolekileyo, wathungela amakherubi phezu kwaso.+ 15  Khona-ke wenza phambi kwendlu izinsika ezimbili,+ ubude bazo buyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu, futhi isihloko+ esasiphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo ezinhlanu. 16  Ngaphezu kwalokho, wenza amaketanga+ anjengemigexo wawabeka phezu kwezihloko zezinsika, futhi wenza amahalananda ayikhulu+ wawafaka emaketangeni. 17  Wazimisa lezi zinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesobunxele, okwathi ngemva kwalokho waqamba engakwesokunene ngokuthi uJakini nengakwesobunxele ngokuthi uBhowazi.+

Imibhalo yaphansi