2 IziKronike 27:1-9
27 UJothamu+ wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha+ indodakazi kaZadoki.
2 Wayelokhu enza okulungileyo emehlweni kaJehova,+ ngokuvumelana nakho konke u-Uziya uyise ayekwenzile.+ Kuphela yena akazange alifohle ithempeli likaJehova.+ Nokho, abantu babesenza ngendlela eyincithakalo.+
3 Yena wakha isango elingenhla+ lendlu kaJehova, futhi odongeni lwase-Ofeli+ wenza umsebenzi omkhulu wokwakha.
4 Wakha nemizi+ esifundeni sezintaba sakwaJuda,+ nasemahlathini+ wakha izindawo ezinezivikelo eziqinile+ nemibhoshongo.+
5 Yena walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni+ futhi ekugcineni waba namandla kunabo, kangangokuba ngalowo nyaka abantwana bakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu namakhora+ ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni+ nayizinkulungwane eziyishumi ebhali.+ Yilokhu abantwana bakwa-Amoni abakukhokha kuye, nangonyaka wesibili nangowesithathu.+
6 Ngakho uJothamu waqhubeka eziqinisa, ngoba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.+
7 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaJothamu+ nazo zonke izimpi zakhe nezindlela zakhe, bheka zilotshiwe eNcwadini+ Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda.
8 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.+
9 Ekugcineni uJothamu walala nokhokho bakhe,+ wangcwatshwa eMzini KaDavide.+ U-Ahazi+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.