2 IziKronike 26:1-23

26  Khona-ke bonke abantu+ bakwaJuda bathatha u-Uziya,+ eneminyaka eyishumi nesithupha ubudala, bambeka+ inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.+  Nguye owalakha kabusha i-Eloti+ wayeselibuyisela kuJuda ngemva kokuba inkosi isilele nokhokho bayo.+  Wayeneminyaka eyishumi nesithupha u-Uziya+ lapho eqala ukubusa, wabusa eJerusalema iminyaka engamashumi amahlanu nambili. Igama likanina kwakunguJekoliya+ waseJerusalema.  Wayelokhu enza okulungile emehlweni kaJehova,+ ngokuvumelana nakho konke u-Amaziya uyise ayekwenzile.+  Waqhubeka ethambekele ekufuneni+ uNkulunkulu ezinsukwini zikaZakariya, umfundisi wokwesaba uNkulunkulu weqiniso;+ futhi, ezinsukwini zokufuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu weqiniso wamenza wachuma.+  Waphuma walwa namaFilisti+ wafohla udonga lwaseGati+ nodonga lwaseJabine+ nodonga lwase-Ashidodi,+ ngemva kwalokho wakha imizi endaweni yase-Ashidodi+ naphakathi kwamaFilisti.  UNkulunkulu weqiniso waqhubeka emsiza+ ekulweni namaFilisti nasekulweni nabase-Arabhiya+ ababehlala eGuribhali namaMeyuni.+  Ama-Amoni+ anika u-Uziya inkokhiso.+ Ekugcineni udumo+ lwakhe lwaze lwafika ngisho naseGibhithe, ngoba wabonisa amandla ngezinga elingaphezu kwelivamile.  Ngaphezu kwalokho, u-Uziya wakha imibhoshongo+ eJerusalema ngaseSangweni Legumbi+ nangaseSangweni Lesigodi+ nangaseNqutshini, wayiqinisa. 10  Ngaphezu kwalokho, wakha imibhoshongo+ ehlane, wemba imithombo eminingi (ngoba waba nemfuyo eningi), naseShefela+ nasezweni elindlalekile. Kwakukhona abalimi nabagcini-zivini ezintabeni naseKarmeli, ngoba waba umthandi wezolimo. 11  Ngaphezu kwalokho, u-Uziya waba nebutho elilwa impi, eliphuma impi ngamaviyo,+ ngesibalo sokubhaliswa kwalo+ ngesandla sikaJeheyeli unobhala+ noMahaseya isikhulu esingaphansi kokulawula+ kukaHananiya wezikhulu zenkosi.+ 12  Sisonke isibalo sezinhloko zezindlu zoyise,+ samadoda angamaqhawe,+ anamandla,+ sasiyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha. 13  Ngaphansi kokulawula kwazo amabutho empi ayengamadoda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nesikhombisa namakhulu amahlanu alwa impi anamandla ebutho lempi ukuze asize inkosi ekulweni nesitha.+ 14  U-Uziya wawalungiselela, lonke ibutho, izihlangu+ nezijula+ nezigqoko zokuzivikela+ namajazi ensimbi+ neminsalo+ namatshe endwayimane.+ 15  Ngaphezu kwalokho, wenza imishini yempi eJerusalema, eyayisungulwe ngonjiniyela, ukuze ibe phezu kwemibhoshongo+ naphezu kwamagumbi, yokucibishela imicibisholo nokujikijela amatshe amakhulu. Ngenxa yalokho udumo lwakhe+ lwaphumela emajukujukwini, ngoba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla. 16  Nokho, kwathi nje lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yazidla+ kwaze kwaba seqophelweni lokubangela incithakalo,+ kangangokuba wenza isenzo sokungathembeki kuJehova uNkulunkulu wakhe wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.+ 17  Masinyane u-Azariya umpristi nabapristi bakaJehova ababekanye naye, amadoda angamaqhawe angamashumi ayisishiyagalombili, bangena ngemva kwakhe. 18  Khona-ke bamelana no-Uziya inkosi+ bathi kuye: “O Uziya, akuwona umsebenzi wakho,+ ukushisela uJehova impepho, kodwa kuwumsebenzi wabapristi amadodana ka-Aroni,+ angcwelisiwe, ukushisa impepho. Phuma endlini engcwele; ngoba ukungathembeki lokhu okwenzile, futhi akwenzi nakancane ukuba uJehova uNkulunkulu akukhazimulise.”+ 19  Kodwa u-Uziya wafutheka+ ephethe umcengezi+ wokushisa impepho, futhi, ngesikhathi esafuthekele abapristi, kwavela+ uchoko+ ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho. 20  Lapho u-Azariya umpristi omkhulu nabo bonke abapristi bephendukela kuye, bheka, wayeseshaywe ngochoko ebunzini lakhe!+ Ngakho bamsusa lapho bethukile, naye ngokwakhe washesha waphuma, ngoba uJehova wayesemshayile.+ 21  U-Uziya+ inkosi waqhubeka engonochoko kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe, waqhubeka ehlala endlini ekhululiwe emisebenzini, njengonochoko;+ ngoba wayehlukanisiwe nendlu kaJehova, kuyilapho uJothamu indodana yakhe engamele indlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe. 22  Zonke ezinye izindaba zika-Uziya,+ ezokuqala nezokugcina, zilotshwe u-Isaya+ indodana ka-Amozi+ umprofethi. 23  Ekugcineni u-Uziya walala nokhokho bakhe; ngakho wangcwatshwa kanye nokhokho bakhe, kodwa ensimini yokungcwaba yamakhosi,+ ngoba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.

Imibhalo yaphansi