2 IziKronike 25:1-28

25  U-Amaziya+ waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, futhi wabusa eJerusalema iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye. Igama likanina kwakunguJehowadani+ waseJerusalema.  Wenza okulungile emehlweni kaJehova,+ kuphela akenzanga ngenhliziyo ephelele.+  Kwathi lapho nje umbuso usuqinile phezu kwakhe, wabulala+ masinyane izinceku zakhe+ ezazibulale inkosi uyise.+  Abantwana bazo akababulalanga, kodwa wenza ngokuvumelana nalokho okulotshwe emthethweni, encwadini kaMose,+ lokho uJehova akuyala, ukuthi: “Oyise akufanele bafe ngenxa yabantwana,+ nabantwana akufanele bafe ngenxa yoyise;+ kodwa yilowo nalowo kufanele afe ngenxa yesono sakhe siqu.”+  U-Amaziya waqoqa uJuda wamenza ukuba eme ngokwendlu yokhokho,+ ngokwezinduna zezinkulungwane+ nangokwezinduna zamakhulu+ zikaJuda noBhenjamini wonke; waqhubeka ebabhalisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili+ ubudala kuya phezulu, ekugcineni wabathola bengamadoda ekhethelo ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu aphuma impi, aphatha isijula+ nesihlangu esikhulu.+  Ngaphezu kwalokho, waqasha kwa-Israyeli amadoda angamaqhawe, anamandla, ayizinkulungwane eziyikhulu ngamathalenta esiliva ayikhulu.  Kweza kuye umuntu othile kaNkulunkulu weqiniso,+ wathi: “O nkosi, ungavumeli ibutho lika-Israyeli lihambe nawe, ngoba uJehova akakanye no-Israyeli,+ okungukuthi bonke abantwana bakwa-Efrayimi.  Kodwa woza wena ngokwakho, thatha isinyathelo, yiba nesibindi ngenxa yempi.+ UNkulunkulu weqiniso angakubangela ukuba ukhubeke phambi kwesitha; ngoba kuNkulunkulu kukhona amandla okusiza+ nawokubangela ukukhubeka.”+  U-Amaziya+ wathi kumuntu kaNkulunkulu weqiniso: “Kodwa kuzokwenziwani ngamathalenta ayikhulu engiwanike amaviyo ka-Israyeli?”+ Umuntu kaNkulunkulu weqiniso wathi: “KuJehova kukhona indlela yokukunika okuningi kakhulu kunalokhu.”+ 10  Ngokuvumelana nalokhu u-Amaziya wawahlukanisa, okungukuthi, amaviyo ayeze kuye evela kwa-Efrayimi, ukuba aye endaweni yawo. Nokho, intukuthelo yawo yamvuthela kakhulu uJuda, kangangokuba abuyela endaweni yawo evutha intukuthelo.+ 11  U-Amaziya, wema isibindi futhi wahola abantu bakhe waya eSigodini Sikasawoti;+ wabulala abantwana baseSeyiri,+ izinkulungwane eziyishumi kubo.+ 12  Kwaba khona izinkulungwane eziyishumi abantwana bakwaJuda abazithumba ziphila. Ngakho baziletha esiqongweni sedwala, baziphonsa besesiqongweni sedwala; futhi, zonke ngothi lwazo zaqhekezeka.+ 13  Kepha amalungu eviyo u-Amaziya ayelibuyisele emuva ukuba lingayi naye empini,+ aqala ukuthelekela imizi yakwaJuda, ukusuka eSamariya+ kuze kufike eBheti-horoni,+ abulala abayizinkulungwane ezintathu kuyo futhi athatha impango enkulu. 14  Kodwa kwathi ngemva kokuba u-Amaziya ebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi waletha onkulunkulu+ babantwana baseSeyiri wazimisela bona njengonkulunkulu,+ waqala ukukhothama phambi kwabo,+ futhi waqala ukubashunqisela umusi womhlatshelo.+ 15  Ngenxa yalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amaziya, ngakho wamthumelela umprofethi wathi kuye: “Kungani uye wafuna+ onkulunkulu balaba bantu+ abangazange babakhulule abantu babo siqu esandleni sakho?”+ 16  Kwathi lapho ekhuluma nayo inkosi masinyane yathi kuye: “Ingabe sakwenza umeluleki wenkosi?+ Yeka ukuze kube kuhle kuwe.+ Kungani kufanele bakubulale?” Ngokuvumelana nalokho umprofethi wayeka, kodwa wathi: “Ngokuqinisekile ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumé ukukuchitha,+ ngoba wenzé lokhu+ futhi awusilalelanga iseluleko sami.”+ 17  Khona-ke u-Amaziya inkosi yakwaJuda wacebisana nabanye futhi wathumela kuJehowashi indodana kaJehowahazi indodana kaJehu inkosi yakwa-Israyeli,+ wathi: “Woza! Masibhekane ebusweni.”+ 18  Khona-ke uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amaziya inkosi yakwaJuda, wathi:+ “Ukhula olunameva olwaluseLebhanoni lwathumela kumsedari owawuseLebhanoni,+ lwathi, ‘Ganisela indodana yami indodakazi yakho.’+ Nokho, kwadlula isilo sasendle+ esasiseLebhanoni salunyathela ukhula olunameva. 19  Uzitshele ukuthi, Bheka umshayile u-Edomi.+ Manje inhliziyo yakho+ ikuphakamisile ukuba ukhazinyuliswe.+ Manje qhubeka uhlala endlini yakho.+ Kungani kufanele ulwe usesimweni esibi+ futhi kudingeke ukuba uwe, wena noJuda kanye nawe?”+ 20  Kodwa u-Amaziya akalalelanga; ngoba kwakuvela kuNkulunkulu weqiniso+ ngenjongo yokuba abanikele esandleni sakhe, ngoba babeye bafuna onkulunkulu bakwa-Edomi.+ 21  Ngakho uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka,+ babhekana ebusweni,+ yena no-Amaziya inkosi yakwaJuda, eBheti-shemeshi,+ elingelakwaJuda. 22  UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli,+ wabaleka yilowo nalowo waya etendeni lakhe.+ 23  Ngu-Amaziya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi indodana kaJehowahazi, uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli ambamba+ eBheti-shemeshi, okwathi ngemva kwalokho wamletha eJerusalema+ wabhodloza udonga lwaseJerusalema, kusukela eSangweni Lika-Efrayimi+ kwaze kwafika eSangweni Legumbi,+ izingalo ezingamakhulu amane. 24  Wathatha lonke igolide nesiliva nazo zonke izinto ezazitholakala endlini kaNkulunkulu weqiniso kanye no-Obede-edomi+ nengcebo yendlu yenkosi+ nezithunjwa, wayesebuyela eSamariya.+ 25  U-Amaziya+ indodana kaJehowashi inkosi yakwaJuda waqhubeka ephila iminyaka eyishumi nanhlanu+ ngemva kokufa kukaJehowashi+ indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli. 26  Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zika-Amaziya, ezokuqala nezokugcina,+ bheka! azilotshiwe yini eNcwadini+ Yamakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli?+ 27  Kusukela esikhathini u-Amaziya aphambuka ngaso ekulandeleni uJehova, bamakhela uzungu+ eJerusalema. Ekugcineni wabalekela eLakishi;+ kodwa bathumela bamlandela eLakishi bambulalela khona.+ 28  Ngakho bamthwala ngamahhashi+ bamngcwaba kanye nokhokho bakhe emzini wakwaJuda.+

Imibhalo yaphansi