2 IziKronike 2:1-18

2  Manje uSolomoni wakhipha izwi lokuba kwakhelwe igama likaJehova+ indlu,+ kwakhiwe nendlu yobukhosi bakhe.+  Ngokuvumelana nalokho uSolomoni wabala amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa njengabathwali bemithwalo namadoda ayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili njengabasiki entabeni,+ futhi wabala izinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukuba zibe ngababonisi abawengamele.+  Ngaphezu kwalokho, uSolomoni wathumela kuHiramu+ inkosi yaseThire, ethi: “Njengoba nje wasebenzelana noDavide+ ubaba futhi waqhubeka umthumelela izingodo zomsedari ukuze azakhele indlu ayezohlala kuyo,—  bheka ngakhela+ igama+ likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuze ngiyingcwelisele+ yena, ukuze ngishise impepho enamakha+ phambi kwakhe, futhi kube khona nesinkwa esibekwa ngezinhla njalo+ neminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa,+ ngamasabatha+ nangokwethwasa kwezinyanga+ nangezinkathi zemikhosi+ kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kuyoba phezu kuka-Israyeli kuze kube nini nanini.+  Indlu engiyakhayo iyoba nkulu,+ ngoba uNkulunkulu wethu mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu.+  Futhi ubani ongaba namandla okumakhela indlu?+ Ngoba amazulu nezulu lamazulu akukwazi ukumthwala,+ futhi ngingubani mina+ ukuba ngimakhele indlu ngaphandle kokuba kungeyokushunqisa umusi womhlatshelo phambi kwakhe?+  Manje ngithumelele umuntu onekhono ukuba azosebenza ngegolide nangesiliva nangethusi+ nangensimbi nangoboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu nangentambo ebubende neluhlaza okwesibhakabhaka, futhi okwaziyo ukuqopha, kanye nabanekhono abakanye nami lapha kwaJuda naseJerusalema, labo uDavide ubaba abalungiselele.+  Ngithumelele izingodo zaseLebhanoni+ zomsedari,+ umjunipha+ nom-aligamu,+ ngoba ngazi kahle ukuthi izinceku zakho zingomakadebona ekugawuleni imithi yaseLebhanoni,+ (bheka izinceku zami zikanye nezinceku zakho,)  yebo ukungilungisela izingodo ngesibalo esikhulu, ngoba indlu engiyakhayo iyoba nkulu, yebo ngendlela emangalisayo. 10  Bheka! Labo ababutha izingodo, abagawula imithi, ngibanika ukolweni njengokudla kwezinceku zakho, amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili,+ nebhali amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili, newayini+ amabhathi ayizinkulungwane ezingamashumi amabili, namafutha amabhathi ayizinkulungwane ezingamashumi amabili.” 11  UHiramu inkosi yaseThire+ washo izwi ngokuloba futhi walithumela kuSolomoni wathi: “Ngenxa yokuba uJehova esithanda+ isizwe sakhe uye wakubeka waba yinkosi phezu kwaso.”+ 12  UHiramu wathi: “Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,+ owenza amazulu nomhlaba,+ ngoba uniké uDavide inkosi indodana ehlakaniphile, enokuhlangenwe nakho ekukhalipheni nasekuqondeni,+ ezokwakhela uJehova indlu nendlu yobukhosi bayo.+ 13  Manje ngikuthumelela umuntu onekhono, onokuhlangenwe nakho ekuqondeni, ongokaHiramu-abi,+ 14  indodana yowesifazane wabantwana bakwaDani kodwa eyise kwakungumuntu waseThire, ongumakadebona, ukuba asebenze ngegolide nangesiliva, ngethusi,+ ngensimbi, ngamatshe,+ nangezingodo, ngoboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu,+ ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka+ nangendwangu ecolekileyo+ nangebubende+ nasekuqopheni zonke izinhlobo zokuqopha+ nasekuklameni zonke izinhlobo zemiklamo+ angase anikwe zona kanye namadoda akho anekhono namadoda anekhono enkosi yami uDavide uyihlo. 15  Ukolweni nebhali, amafutha newayini inkosi yami ekuthembisile, mayikuthumele ezincekwini zayo.+ 16  Thina, sizogawula imithi+ yaseLebhanoni ngokwazo zonke izidingo zakho,+ futhi sizoyiletha kuwe njengezihlenga ngolwandle+ eJopha,+ wena-ke, uyikhuphulele eJerusalema.” 17  Khona-ke uSolomoni wabala bonke abantu ababengabafokazi, ababesezweni lakwa-Israyeli,+ ngemva kokubalwa kwabo okwakwenziwe uDavide uyise;+ kwatholakala izinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu nantathu namakhulu ayisithupha. 18  Ngakho wenza abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kubo baba ngabathwali bemithwalo,+ abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili baba ngabasiki+ entabeni, abayizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha baba ngababonisi ukuze kugcinwe abantu besebenza.+

Imibhalo yaphansi