2 IziKronike 19:1-11
19 Khona-ke uJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuthula+ endlini yakhe eJerusalema.
2 Manje uJehu+ indodana kaHanana+ umboni wemibono+ waphuma waya phambi kwakhe wathi eNkosini uJehoshafati: “Ingabe usizo kufanele lunikezwe abantu ababi,+ futhi ingabe yilabo abazonda+ uJehova okufanele ubathande?+ Ngenxa yalokhu kukhona intukuthelo+ ngokumelene nawe evela ebusweni bukaJehova.
3 Noma kunjalo, kukhona izinto ezinhle+ eziye zatholakala kuwe, ngoba uye wasusa izigxobo ezingcwele ezweni+ futhi uye walungisa inhliziyo yakho ukuba ufune uNkulunkulu weqiniso.”+
4 UJehoshafati waqhubeka ehlala eJerusalema; waphuma futhi phakathi kwabantu esuka eBheri-sheba+ eya esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi,+ ukuba ababuyisele kuJehova uNkulunkulu wokhokho babo.+
5 Wamisa abahluleli kulo lonke izwe kuyo yonke imizi yakwaJuda enezivikelo eziqinile, emzini ngomuzi.+
6 Waqhubeka wathi kubahluleli: “Qikelelani kwenikwenzayo,+ ngoba anahluleleli umuntu kodwa uJehova;+ futhi ukanye nani endabeni yokwahlulela.+
7 Manje ingebhe+ ngoJehova mayibe phezu kwenu.+ Qaphelani nithathe isinyathelo,+ ngoba kuJehova uNkulunkulu wethu akukho ukungalungi+ noma ukukhetha+ noma ukwamukela isifumbathiso.”+
8 UJehoshafati wamisa naseJerusalema futhi abanye kumaLevi+ nakubapristi+ nabanye bezinhloko zezindlu zoyise+ zakwa-Israyeli ukuba bahlulelele+ uJehova futhi basingathe amacala omthetho+ abakhileyo eJerusalema.
9 Ngaphezu kwalokho, wabeka umyalo phezu kwabo, wathi: “Yile ndlela okufanele nenze ngayo ngokwesaba+ uJehova ngokuthembeka nangenhliziyo epheleleyo.
10 Ngokuqondene nawo wonke amacala omthetho abafowenu abahlala emizini yabo ayoza kini, ahilela ukuchithwa kwegazi,+ ahilela umthetho+ nomyalo+ neziqondiso+ nezinqumo zokwahlulela,+ kumelwe nibaxwayise ukuze bangenzi okubi kuJehova futhi kungabikho ntukuthelo+ eba khona ngani nangabafowenu. Yile indlela okumelwe nenze ngayo ukuze ningaziletheli icala.
11 Nangu u-Amariya umpristi omkhulu phezu kwenu ukuba asingathe zonke izindaba zikaJehova;+ noZebadiya indodana ka-Ishmayeli umholi wendlu kaJuda ukuze asingathe zonke izindaba zenkosi; akhona namaLevi ukuze asebenze njengezikhulu zenu. Yibani namandla+ nithathe isinyathelo, futhi uJehova+ makabe nokuhle.”+