2 IziKronike 17:1-19
17 UJehoshafati+ indodana yakhe waqala ukubusa esikhundleni sakhe nokuqinisa isikhundla sakhe phezu kuka-Israyeli.
2 Wabeka amabutho empi kuyo yonke imizi enezivikelo eziqinile yakwaJuda wabeka nezikaniso zamabutho ezweni lakwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayeyithumbile.+
3 UJehova waqhubeka enoJehoshafati,+ ngoba wahamba ezindleleni zangaphambili zikaDavide ukhokho wakhe+ futhi akazange afune oBhali.+
4 Ngoba wafuna uNkulunkulu kayise+ futhi wahamba ngomyalo wakhe,+ akenzanga ngokwesenzo sika-Israyeli.+
5 UJehova wagcina umbuso wakhe umi uqinile esandleni sakhe,+ futhi wonke uJuda waqhubeka enika uJehoshafati izipho,+ waba nengcebo nenkazimulo ngokuchichimayo.+
6 Inhliziyo yakhe yaba nesibindi ezindleleni+ zikaJehova, wasusa ngisho nezindawo eziphakeme+ nezigxobo ezingcwele+ kwaJuda.
7 Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ukuba kubizwe izikhulu zakhe, okungukuthi, uBheni-hayili no-Obadiya noZakariya noNethaneli noMikhaya, ukuba bafundise emizini yakwaJuda,
8 wathuma kanye nabo amaLevi, uShemaya noNethaniya noZebadiya no-Asaheli noShemiramoti noJehonathani no-Adoniya noThobija noThobi-adoniya amaLevi, no-Elishama noJehoramu abapristi kanye nabo.+
9 Baqala ukufundisa+ kwaJuda, babephethe incwadi yomthetho kaJehova;+ futhi babelokhu bezungeza kuyo yonke imizi yakwaJuda befundisa phakathi kwabantu.
10 Ingebhe+ kaJehova yaba phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayizungeze uJuda, futhi ayizange ilwe noJehoshafati.+
11 Babeletha izipho kuJehoshafati+ nemali njengenkokhiso+ kuvela kumaFilisti. Ama-Arabhu+ nawo ayeletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.+
12 UJehoshafati waqhubeka ethuthuka futhi ekhula eba mkhulu+ ngezinga eliphakeme; waqhubeka akha izindawo ezinezivikelo eziqinile+ nemizi yokugcina izinto+ kwaJuda.
13 Futhi waba nemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda; amaqhawe,+ amadoda anamandla,+ anesibindi ayeseJerusalema.
14 Lezi kwakuyizikhundla zawo ngokwendlu yokhokho bawo: KwaJuda izinduna zezinkulungwane, u-Adinahi induna, kanye naye kwakukhona amadoda anamandla, angamaqhawe ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu.+
15 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehohanani induna, kanye naye kwakukhona izinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili.
16 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona u-Amasiya indodana kaZikiri isisebenzi sokuzithandela+ sikaJehova, kanye naye kwakukhona amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili anamandla, amaqhawe.
17 KwaBhenjamini+ kwakukhona indoda enamandla, eyiqhawe, u-Eliyada, kanye nayo kwakukhona amadoda ahlome ngomnsalo nangesihlangu ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili.+
18 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehozabhadi, kanye naye kwakukhona amadoda ahlonyiselwe impi ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
19 Laba yibo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini enezivikelo eziqinile+ kulo lonke elakwaJuda.