2 IziKronike 16:1-14

16  Ngonyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBhahasha+ inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda futhi waqala ukwakha iRama,+ ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa inkosi yakwaJuda.+  U-Asa wabe esekhipha isiliva negolide engcebweni yendlu kaJehova+ nendlu yenkosi+ wakuthumela kuBheni-hadadi+ inkosi yaseSiriya,+ owayehlala eDamaseku,+ ethi:  “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Bheka ngikuthumelela isiliva negolide. Hamba uyophula isivumelwano sakho noBhahasha+ inkosi yakwa-Israyeli, ukuze angiyeke.”+  Ngakho uBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa wathumela izinduna zamabutho akhe empi ukuyokulwa nemizi yakwa-Israyeli, kangangokuba zalishaya i-Ijoni+ nelakwaDani+ ne-Abela-mayimi+ nazo zonke izindawo zokugcina izinto+ zemizi yakwaNafetali.+  Kwathi nje lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka masinyane ukwakha iRama wawumisa umsebenzi wakhe.+  U-Asa inkosi yena, wathatha uJuda wonke,+ futhi bathatha amatshe aseRama+ nezingodo zalo uBhahasha ayakhe ngako+ bamuka nakho, futhi wakha ngakho iGeba+ neMispa.+  Ngaleso sikhathi uHanana+ umboni weza ku-Asa inkosi yakwaJuda wayesethi kuye: “Ngenxa yokuthi unciké enkosini yaseSiriya+ wangancika kuJehova uNkulunkulu wakho,+ ngenxa yaleso sizathu ibutho lempi lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho.  AmaTopiya+ nabaseLibhiya+ babengelona yini ibutho lempi elikhulu kakhulu ngobuningi, ngezinqola nangezinkweli zamahhashi;+ ngenxa yokuncika kwakho kuJehova akazange yini abanikele esandleni sakho?+  Ngoba, ngokuqondene noJehova, amehlo+ akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba+ ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo+ yabo iphelele kuye. Wenzé ngobuwula+ ngokuqondene nalokhu, ngoba kusukela manje kuqhubeke kuzoba khona izimpi ngokumelene nawe.”+ 10  Nokho, u-Asa wamcasukela umboni wamfaka esitokisini,+ ngoba wayemthukuthelele ngenxa yalokhu.+ U-Asa waqala ukucindezela+ abanye kubantu ngaso leso sikhathi. 11  Bheka! Izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshwe eNcwadini+ Yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli. 12  U-Asa ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe wangenwa isifo ezinyaweni zakhe waze wagula kakhulu;+ ngisho nasekuguleni kwakhe akafunanga uJehova+ kodwa abaphulukisi.+ 13  Ekugcineni u-Asa walala nokhokho bakhe+ futhi wafa ngonyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe. 14  Ngakho bamngcwaba endaweni yakhe yokungcwaba yobukhosi+ ayezigubhele yona eMzini KaDavide;+ bambeka embhedeni owawugcwele amafutha ebhalsamu+ nezinhlobo ezihlukahlukene zamafutha okugcoba+ ezazixutshwe namafutha okugcoba ekhethelo.+ Ngaphezu kwalokho, bamenzela ukushisela umngcwabo okukhulu ngokungaphezu kokuvamile.+

Imibhalo yaphansi