2 IziKronike 16:1-14
16 Ngonyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBhahasha+ inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda futhi waqala ukwakha iRama,+ ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa inkosi yakwaJuda.+
2 U-Asa wabe esekhipha isiliva negolide engcebweni yendlu kaJehova+ nendlu yenkosi+ wakuthumela kuBheni-hadadi+ inkosi yaseSiriya,+ owayehlala eDamaseku,+ ethi:
3 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Bheka ngikuthumelela isiliva negolide. Hamba uyophula isivumelwano sakho noBhahasha+ inkosi yakwa-Israyeli, ukuze angiyeke.”+
4 Ngakho uBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa wathumela izinduna zamabutho akhe empi ukuyokulwa nemizi yakwa-Israyeli, kangangokuba zalishaya i-Ijoni+ nelakwaDani+ ne-Abela-mayimi+ nazo zonke izindawo zokugcina izinto+ zemizi yakwaNafetali.+
5 Kwathi nje lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka masinyane ukwakha iRama wawumisa umsebenzi wakhe.+
6 U-Asa inkosi yena, wathatha uJuda wonke,+ futhi bathatha amatshe aseRama+ nezingodo zalo uBhahasha ayakhe ngako+ bamuka nakho, futhi wakha ngakho iGeba+ neMispa.+
7 Ngaleso sikhathi uHanana+ umboni weza ku-Asa inkosi yakwaJuda wayesethi kuye: “Ngenxa yokuthi unciké enkosini yaseSiriya+ wangancika kuJehova uNkulunkulu wakho,+ ngenxa yaleso sizathu ibutho lempi lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho.
8 AmaTopiya+ nabaseLibhiya+ babengelona yini ibutho lempi elikhulu kakhulu ngobuningi, ngezinqola nangezinkweli zamahhashi;+ ngenxa yokuncika kwakho kuJehova akazange yini abanikele esandleni sakho?+
9 Ngoba, ngokuqondene noJehova, amehlo+ akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba+ ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo+ yabo iphelele kuye. Wenzé ngobuwula+ ngokuqondene nalokhu, ngoba kusukela manje kuqhubeke kuzoba khona izimpi ngokumelene nawe.”+
10 Nokho, u-Asa wamcasukela umboni wamfaka esitokisini,+ ngoba wayemthukuthelele ngenxa yalokhu.+ U-Asa waqala ukucindezela+ abanye kubantu ngaso leso sikhathi.
11 Bheka! Izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshwe eNcwadini+ Yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli.
12 U-Asa ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe wangenwa isifo ezinyaweni zakhe waze wagula kakhulu;+ ngisho nasekuguleni kwakhe akafunanga uJehova+ kodwa abaphulukisi.+
13 Ekugcineni u-Asa walala nokhokho bakhe+ futhi wafa ngonyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.
14 Ngakho bamngcwaba endaweni yakhe yokungcwaba yobukhosi+ ayezigubhele yona eMzini KaDavide;+ bambeka embhedeni owawugcwele amafutha ebhalsamu+ nezinhlobo ezihlukahlukene zamafutha okugcoba+ ezazixutshwe namafutha okugcoba ekhethelo.+ Ngaphezu kwalokho, bamenzela ukushisela umngcwabo okukhulu ngokungaphezu kokuvamile.+