2 IziKronike 15:1-19

15  Ngokuqondene no-Azariya indodana ka-Odedi,+ umoya+ kaNkulunkulu waba phezu kwakhe.  Ngenxa yalokho waphuma waya phambi kuka-Asa wathi kuye: “O Asa naye wonke uJuda noBhenjamini, ngizweni! UJehova unani kuphela uma nina niba naye;+ uma nimfuna,+ uyozenza ukuba nimthole, kodwa uma nimshiya uyonishiya.+  Ziningi izinsuku u-Israyeli+ ayengenaye uNkulunkulu weqiniso ngazo futhi engenaye umpristi ofundisayo+ engenawo noMthetho.  Kodwa lapho ekucindezelekeni kwakhe+ ebuyela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli+ futhi emfuna, khona-ke wazenza ukuba amthole.+  Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula kophumayo noma kongenayo,+ ngoba zaziziningi iziyaluyalu phakathi kwabo bonke abakhileyo emazweni.+  Bachotshozwa baba yizicucu, isizwe savukela isizwe+ nomuzi wavukela umuzi, ngoba uNkulunkulu ngokwakhe wabagcina beyaluza ngazo zonke izinhlobo zokucindezeleka.+  Nina, yibani nesibindi+ futhi ningavumeli izandla zenu ziyethe,+ ngoba ukhona umvuzo womsebenzi wenu.”+  Ngokushesha nje lapho u-Asa ezwa la mazwi nesiprofetho sika-Odedi+ umprofethi, wema isibindi futhi wenza ukuba izinengiso+ zishabalale kulo lonke izwe lakwaJuda nelakwaBhenjamini nasemizini ayeyithumbile esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi,+ wavuselela ne-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.+  Waqala ukuqoqa wonke uJuda noBhenjamini+ nabafokazi+ ababekanye nabo abavela kwa-Efrayimi nakwaManase nakwaSimeyoni, ngoba babehlamukele kuye besuka kwa-Israyeli beyisibalo esikhulu lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayekanye naye.+ 10  Ngakho baqoqana eJerusalema ngenyanga yesithathu yonyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. 11  Khona-ke benzela uJehova umhlatshelo ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkomo ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. 12  Ngaphezu kwalokho, bangena esivumelwaneni+ sokufuna uJehova uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo;+ 13  ukuthi noma ubani ongeke amfune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kufanele abulawe,+ kungakhathaliseki ukuthi mncane noma mkhulu,+ kungakhathaliseki ukuthi owesilisa noma owesifazane.+ 14  Ngakho bafunga+ kuJehova ngezwi elikhulu nangokumemeza kwenjabulo nangamacilongo nangezimpondo. 15  Wonke uJuda wajabula+ ngale nto efungelwe; ngoba babefunge ngenhliziyo yabo yonke futhi babemfune ngenjabulo ephelele, kangangokuba wazenza ukuba bamthole;+ futhi uJehova waqhubeka ebanika ukuphumula nxazonke.+ 16  Ngisho noMahakha+ uninakhulu, u-Asa inkosi+ wamsusa wangabe esaba yindlovukazi,+ ngoba wayenzele isigxobo esingcwele isithombe esisabekayo;+ khona-ke u-Asa wasigawula leso sithombe sakhe esisabekayo+ wasicola wasishisa+ esigodini sesifufula saseKidroni.+ 17  Kodwa izindawo eziphakeme+ zona azizange zinyamalale kwa-Israyeli.+ Kuphela inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.+ 18  Wazingenisa endlini kaNkulunkulu weqiniso izinto uyise ayezenze ngcwele nezinto+ yena ngokwakhe ayezenze ngcwele, isiliva negolide nezinto zokusetshenziswa.+ 19  Impi yona ayizange ibe khona kwaze kwaba ngunyaka wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.+

Imibhalo yaphansi