2 IziKronike 14:1-15

14  Ekugcineni u-Abhiya walala nokhokho bakhe,+ wangcwatshwa eMzini KaDavide;+ u-Asa+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe. Ezinsukwini zakhe izwe alizange libe nasiphazamiso+ iminyaka eyishumi.  U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.  Ngakho wasusa ama-altare abanye onkulunkulu+ nezindawo eziphakeme+ futhi waphula izinsika ezingcwele+ wanquma nezigxobo ezingcwele.+  Ngaphezu kwalokho, watshela uJuda ukuba afune+ uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe futhi enze umthetho+ nomyalo.+  Ngokuvumelana nalokho, wasusa kuyo yonke imizi yakwaJuda izindawo eziphakeme nezinti zezitsha zempepho;+ umbuso waqhubeka ngaphandle kwesiphazamiso+ phambi kwakhe.  Waqhubeka wakha imizi enezivikelo eziqinile kwaJuda,+ ngoba izwe lalingenasiphazamiso; futhi akukho mpi eyamelana naye phakathi nale minyaka, ngoba uJehova wamnika ukuphumula.+  Ngakho wathi kuJuda: “Masiyakhe le mizi futhi senze izindonga+ nxazonke nemibhoshongo,+ izicabha ezingamabhangqa nemigoqo.+ Izwe lisatholakala, ngoba siye samfuna uJehova uNkulunkulu wethu.+ Simfunile, yena usinika ukuphumula nxazonke.”+ Base beyakha futhi baba nempumelelo.+  U-Asa waba nebutho lempi eliphatha isihlangu esikhulu+ nesijula,+ izinkulungwane ezingamakhulu amathathu kwaJuda.+ KwaBhenjamini abaphatha ihawu futhi bensala umnsalo+ babeyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili.+ Bonke laba kwakungamadoda angamaqhawe, anamandla.  Kamuva uZera umTopiya+ waphuma eyolwa nabo enebutho lempi lamadoda ayisigidi+ nezinqola ezingamakhulu amathathu, weza waze wafika eMareshahi.+ 10  Khona-ke u-Asa waphuma wamelana naye futhi bahlelekela impi esigodini saseZefata eMareshahi. 11  U-Asa waqala ukubiza uJehova uNkulunkulu wakhe+ wathi: “O Jehova, ngokuphathelene nokusiza, akunandaba kuwe ukuthi kukhona abaningi noma kukhona abangenamandla.+ O Jehova Nkulunkulu wethu, sisize, ngoba sinciké kuwe,+ futhi size ukuzomelana nalesi sixuku egameni lakho.+ O Jehova, wena unguNkulunkulu wethu.+ Ungavumeli umuntu ofayo abe namandla ngokumelene nawe.”+ 12  Khona-ke uJehova wawahlula+ amaTopiya phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda, futhi amaTopiya abaleka. 13  U-Asa nabantu ababenaye bawajaha baze bafika eGerari,+ futhi labo ababengamaTopiya babelokhu bewa kwaze kwangaba bikho muntu ophilayo kubo; ngoba baphihlizwa baba yizicucu phambi kukaJehova+ naphambi kwekamu lakhe.+ Ngemva kwalokho bathatha impango eningi kakhulu.+ 14  Ngaphezu kwalokho, bayishaya yonke imizi ezungeze iGerari, ngoba ingebhe+ kaJehova yayiphezu kwayo; futhi bayiphanga yonke imizi, ngoba kwakukuningi ababengakuphanga kuyo.+ 15  Ngisho namatende+ ayenempahla bawashaya kangangokuba bathumba+ isibalo esikhulu semihlambi yezimvu namakamela,+ okwathi ngemva kwalokho babuyela eJerusalema.

Imibhalo yaphansi