2 IziKronike 10:1-19

10  URehobowamu+ waya eShekemi,+ ngoba wonke ama-Israyeli afika eShekemi ezombeka inkosi.  Kwathi nje lapho uJerobowamu+ indodana kaNebhati ezwa ngakho lapho eseseGibhithe,+ (ngoba wayebalekile ngenxa kaSolomoni inkosi,) uJerobowamu wabuya masinyane eGibhithe.+  Ngakho bathumela bambiza, futhi uJerobowamu no-Israyeli wonke bafika bakhuluma noRehobowamu, bathi:+  “Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima;+ manje yenza inkonzo enzima kayihlo nejoka elinzima+ alibeke phezu kwethu kube lula, sizokukhonza.”+  Khona-ke wathi kubo: “Ake kudlule izinsuku ezintathu. Bese nibuyela kimi.” Ngakho abantu bahamba.  INkosi uRehobowamu yacebisana+ namadoda amadala ayekhonza uSolomoni uyise njalo ngesikhathi esaphila, yathi: “Ningiluleka ukuba ngisiphendule ngithini lesi sizwe na?”+  Akhuluma nayo, athi: “Uma uzoba muhle kulesi sizwe usijabulise impela futhi ukhulume amazwi amahle kuso,+ naso ngokuqinisekile siyoba yizinceku zakho njalo.”+  Nokho, yasishiya iseluleko+ samadoda amadala ayeyiluleke ngaso, yacebisana nezinsizwa ezazingontanga bayo,+ okuyizo ezaziyikhonza.+  Yathi kuzo: “Neluleka+ ukuba sisiphendule ngokuthini lesi sizwe esikhulume nami, sathi, ‘Lenze libe lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu’?”+ 10  Izinsizwa ezazingontanga bayo zona zakhuluma nayo, zathi: “Yilokhu okufanele ukusho kubantu abakhulumé nawe, bathi, ‘Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, kodwa, wena lenze libe lula phezu kwethu’; yilokhu okufanele ukusho kubo,+ ‘Ucikicane wami ngokuqinisekile uzoba mkhulu kunokhalo lukababa.+ 11  Ubaba yena wanithwesa ijoka elinzima, kodwa mina ngizonezela ejokeni lenu.+ Ubaba wanishaya ngezitswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngezitswebhu ezinameva.’”+ 12  UJerobowamu nabo bonke abantu beza kuRehobowamu ngosuku lwesithathu, njengoba nje inkosi yayikhulumile, yathi, “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.”+ 13  Inkosi yaqala ukubaphendula ngokhahlo.+ Yasishiya kanjalo iNkosi uRehobowamu iseluleko+ samadoda amadala,+ 14  yaqhubeka yakhuluma nabo ngokweseluleko sezinsizwa,+ yathi: “Ngizokwenza ijoka lenu libe nzima ngokwengeziwe, futhi mina ngizonezela kulo. Ubaba wanishaya ngezitswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngezitswebhu ezinameva.”+ 15  Inkosi ayizange ibalalele abantu; ngoba izinto zenzeka ngokuthanda kukaNkulunkulu+ weqiniso ukuze uJehova afeze izwi lakhe+ ayelikhulume ngo-Ahiya+ waseShilo+ kuJerobowamu indodana kaNebhati.+ 16  Kepha bonke abakwa-Israyeli, ngenxa yokuthi inkosi ingabalalelanga, abantu manje baphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide?+ Futhi alikho ifa endodaneni kaJese.+ O Israyeli, yilowo nalowo makaye konkulunkulu bakhe!+ Manje, Davide, zibonele indlu yakho.”+ Ngakho wonke u-Israyeli waya ematendeni akhe. 17  Kepha abantwana bakwa-Israyeli babehlala emizini yakwaJuda, uRehobowamu waqhubeka ebabusa.+ 18  INkosi uRehobowamu yabe isithumela uHadoramu,+ owayengamele labo ababebuthelwe umsebenzi ophoqelelwe, kodwa abantwana bakwa-Israyeli bamshaya ngamatshe,+ wafa. INkosi uRehobowamu yona yakwazi ukugibela enqoleni yayo yabalekela eJerusalema.+ 19  Ama-Israyeli aqhubeka nokuvukela+ kwawo indlu kaDavide kuze kube yilolu suku.

Imibhalo yaphansi