2 IziKronike 1:1-17

1  USolomoni indodana kaDavide waqhubeka eba namandla ebukhosini bakhe,+ uJehova uNkulunkulu wakhe enaye+ futhi elokhu emenza ukuba abe mkhulu ngokwedlulele.+  USolomoni wakhuluma izwi ku-Israyeli wonke, ezinduneni zezinkulungwane+ nezamakhulu+ nakubahluleli+ nakuzo zonke izikhulu zika-Israyeli wonke,+ izinhloko zezindlu zoyise.+  Khona-ke uSolomoni nalo lonke ibandla kanye naye baya endaweni ephakeme eyayiseGibheyoni;+ ngoba yilapho kwakukhona khona itende lokuhlangana+ likaNkulunkulu weqiniso uMose inceku+ kaJehova ayelenzile ehlane.  Nokho, umphongolo+ kaNkulunkulu weqiniso uDavide wayewukhuphulile eKiriyati-jeyarimi+ wawuletha endaweni uDavide ayewulungiselele yona,+ ngoba wayewugxumekele itende eJerusalema.+  Futhi i-altare+ lethusi uBhezaleli+ indodana ka-Uri indodana kaHure+ ayelenzile lalibekwe phambi kwetabernakele likaJehova; uSolomoni nebandla babebuza kulo njengokuvamile.  USolomoni wenza iminikelo lapho phambi kukaJehova phezu kwe-altare lethusi letende lokuhlangana, wanikela phezu kwalo iminikelo yokushiswa eyinkulungwane.+  Phakathi nalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni wayesethi kuye: “Cela! Ngikupheni?”+  Khona-ke uSolomoni wathi kuNkulunkulu: “NguWe owabonisa umusa wothando omkhulu kuDavide ubaba+ futhi ongenzé inkosi esikhundleni sakhe.+  Manje, Jehova Nkulunkulu, isithembiso sakho kuDavide ubaba masibe esithembekile,+ ngoba wena ngokwakho ungenzé ngaba yinkosi+ phezu kwesizwe esinabantu abaningi ngangezinhlayiya zothuli lomhlaba.+ 10  Manje nginike ukuhlakanipha nolwazi+ ukuze ngiphume futhi ngingene phambi kwalesi sizwe,+ ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu na?”+ 11  Khona-ke uNkulunkulu wathi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuye kwathandeka enhliziyweni yakho+ futhi awuzange ucele umnotho, ingcebo nodumo noma umphefumulo walabo abakuzondayo, futhi awucelanga ngisho nezinsuku eziningi,+ kodwa uzicelele ukuhlakanipha nolwazi ukuze wahlulele isizwe sami engikubeke ukuba ube yinkosi phezu kwaso,+ 12  unikwa lokho kuhlakanipha nolwazi;+ futhi ngizokunika umnotho nengcebo nodumo okungekho makhosi ayengaphambi kwakho ake aba nokunjengakho,+ futhi okungekho muntu ngemva kwakho oyoba nakho okunjengakho.”+ 13  Ngakho uSolomoni wasuka endaweni ephakeme eyayiseGibheyoni,+ phambi kwetende lokuhlangana,+ weza eJerusalema waqhubeka ebusa phezu kuka-Israyeli.+ 14  USolomoni wayelokhu ebutha izinqola namahhashi kangangokuba waba nezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane namahhashi ayizinkulungwane eziyishumi nambili,+ wakugcina kumi emizini yezinqola+ naseduze kwenkosi eJerusalema. 15  Inkosi yenza isiliva negolide eJerusalema kwaba njengamatshe;+ ukhuni lomsedari yalwenza lwaba luningi njengemisikhamori+ eseShefela.+ 16  USolomoni wayethunyelelwa amahhashi evela eGibhithe,+ futhi iqembu labathengisi benkosi lalithatha umhlambi wamahhashi ngemali.+ 17  Futhi kwakuyinkambiso ukuba lilande inqola ethengwe eGibhithe ngezinhlamvu zesiliva ezingamakhulu ayisithupha nehhashi ngeziyikhulu namashumi amahlanu; kwakungaleyo ndlela nangawo wonke amakhosi amaHeti namakhosi aseSiriya.+ Kwakusetshenziswa lona ekuthengeni izinto kwamanye amazwe.

Imibhalo yaphansi