1 Korinte 6:1-20
6 Ingabe ukhona kini onodaba+ ngomunye olokotha aye enkantolo phambi kwabantu abangalungile,+ angayi phambi kwabangcwele?+
2 Noma anazi yini ukuthi abangcwele bayokwahlulela+ izwe?+ Uma izwe liyokwahlulelwa yini, ingabe anifaneleki ukuqula izindaba ezincane kakhulu?+
3 Ingabe anazi ukuthi siyokwahlulela izingelosi?+ Khona-ke, kungani singenakwahlulela izindaba zalokhu kuphila?
4 Khona-ke, uma ninazo izindaba zalokhu kuphila okumelwe ziqulwe,+ ingabe ngamadoda abukelwa phansi ebandleni eniwabeka njengabahluleli?+
5 Ngikhuluma ukuze nginibangele amahloni.+ Ingabe kuyiqiniso ukuthi akekho noyedwa ohlakaniphile+ phakathi kwenu oyokwazi ukwahlulela phakathi kwabafowabo,
6 kunalokho umuntu uyisa umfowabo enkantolo, futhi phambi kwabangewona amakholwa nokwenza?+
7 Khona-ke, ngempela kusho ukunqotshwa okuphelele ngani ukuthi niyamangalelana.+ Kunalokho kungani ningavumi ukuba noniwe?+ Kunalokho kungani ningavumi ukuba niphanjwe?+
8 Ngokuphambene nalokho, nona futhi niphambe abafowenu nokwenza.+
9 Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu?+ Ningadukiswa. Izifebe,+ noma abakhonza izithombe,+ iziphingi,+ amadoda agcinelwe izinjongo+ ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda,+
10 amasela, abantu abahahayo,+ izidakwa,+ izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.+
11 Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho.+ Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka,+ seniye nangcweliswa,+ sekuthiwe nilungile+ egameni leNkosi yethu uJesu Kristu+ nangomoya kaNkulunkulu wethu.+
12 Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo.+ Zonke izinto zingokomthetho+ kimi; kodwa ngeke ngivume ukuba noma yini ingibeke ngaphansi kwegunya layo.+
13 Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla;+ kodwa uNkulunkulu uyokwenza kokubili sona nakho kube yize.+ Umzimba awuwona owobufebe, kodwa ungoweNkosi;+ futhi iNkosi ingeyomzimba.+
14 Kodwa uNkulunkulu wavusa iNkosi+ futhi uzosivusa nathi ekufeni+ ngamandla akhe.+
15 Anazi yini ukuthi imizimba yenu ingamalungu+ kaKristu?+ Khona-ke, ingabe kufanele ngithathe amalungu kaKristu ngiwenze amalungu esifebe?+ Kwangathi kungelokothe kwenzeke lokho!
16 Babeshane! Anazi yini ukuthi lowo ohlanganiswe nesifebe, umzimba munye naso? Ngoba, “Laba ababili,” kusho yena, “bayoba nyamanye.”+
17 Kodwa lowo ohlanganiswe neNkosi umoya+ munye+ nayo.
18 Balekelani ubufebe.+ Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa lowo ofebayo wona owakhe umzimba.+
19 Babeshane! Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli+ lomoya ongcwele ongaphakathi kini,+ eniwuthole kuNkulunkulu? Futhi, anibona abenu,+
20 ngoba nathengwa ngentengo.+ Impela, khazimulisani+ uNkulunkulu emzimbeni+ wenu.