1 Korinte 16:1-24
16 Ngokuphathelene nokuqoqwa komnikelo+ ongowabangcwele,+ njengoba nje ngayala amabandla aseGalathiya,+ nani yenzani ngaleyo ndlela.
2 Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe makabeke eceleni okuthile, kuye ngokuchuma kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, ukuqoqwa kweminikelo kungenzeki ngaleso sikhathi.
3 Kodwa uma ngifika lapho, noma yibaphi abantu enithi bayamukeleka ngezincwadi,+ labo bantu ngiyobathumela ukuba bayise isipho senu somusa eJerusalema.
4 Nokho, uma kufanele ukuba nami ngiye khona, bayokuya nami.
5 Kodwa ngizokuza kini uma sengidabule eMakedoniya, ngoba ngizodabula eMakedoniya;+
6 futhi mhlawumbe ngizohlala ubusika noma buze budlule nginani, ukuze ningiphelezele+ ingxenye yendlela ukuya lapho ngingase ngiye khona.
7 Ngoba angifuni ukunibona njengamanje ekudluleni kwami, ngoba ngithemba ukuhlala isikhathi esithile nani,+ uma uJehova+ evuma.+
8 Kodwa ngizohlala e-Efesu+ kuze kube umkhosi wePhentekoste;
9 ngoba ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini,+ kodwa kukhona abaphikisi abaningi.
10 Nokho, uma uThimothewu+ efika, qinisekani ukuba angesabi phakathi kwenu, ngoba wenza umsebenzi kaJehova,+ njengoba nje nami ngiwenza.
11 Ngakho-ke, makungabikho muntu ombukela phansi.+ Mphelezeleni ingxenye yendlela ngokuthula, ukuze afike lapha kimi, ngoba ngimlindile kanye nabazalwane.
12 Ngokuphathelene no-Apholo+ umzalwane, ngamncenga kakhulu ukuba eze kanye nabazalwane kini, kodwa nokho kwakungeyona neze intando yakhe ukuza manje; kodwa uzokuza lapho eba nethuba.
13 Hlalani niphapheme,+ nime niqinile okholweni,+ niqhubeke njengamadoda,+ nibe namandla.+
14 Zonke izindaba zenu mazenzeke ngothando.+
15 Manje ngiyanikhuthaza, bazalwane: Niyazi ukuthi umkhaya kaStefana ululibo+ lwase-Akhaya nokuthi wazilungisela ukuba ukhonze abangcwele.+
16 Kwangathi nani ningaqhubeka futhi nizithoba kubantu balolo hlobo nakuwo wonke umuntu onobambiswano noshikashikekayo.+
17 Kodwa ngiyajabula ngokuba khona kukaStefana+ noFortunatu no-Akhayiku, ngoba bavale isikhala sokungabikho kwenu lapha.
18 Ngoba bawuqabulile umoya+ wami nowenu. Ngakho-ke waziseni amadoda alolo hlobo.+
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini.+ U-Akhwila noPriska kanye nebandla elisendlini+ yabo bayakhonza kini ngenhliziyo yonke eNkosini.
20 Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.+
21 Nanku umkhonzo wami, okaPawulu, ngesandla sami siqu.+
22 Uma noma ubani engayithandi iNkosi, makaqalekiswe.+ O Nkosi yethu, woza!+
23 Kwangathi umusa ongafanelwe weNkosi uJesu ungaba nani.
24 Kwangathi uthando lwami lungaba nani nonke kuKristu Jesu.

