1 IziKronike 19:1-19

19  Kamuva uNahashi+ inkosi yabantwana bakwa-Amoni wafa, indodana yakhe yabusa esikhundleni sakhe.+  UDavide wathi: “Ngizombonisa umusa wothando+ uHanuni indodana kaNahashi, ngoba uyise wangibonisa+ umusa wothando.” Ngakho-ke uDavide wathumela izithunywa ukuba ziyomduduza ngenxa kayise, zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni+ kuHanuni zizomduduza.  Nokho, izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ingabe uDavide udumisa uyihlo emehlweni akho ngokuba athumele kuwe abaduduzi? Akukhona yini ukuthi izinceku zakhe zize kuwe+ ngenjongo yokuhlolisisa nokugumbuqela nokuhlola+ izwe?”  Ngakho uHanuni wathatha izinceku zikaDavide+ waziphuca+ wahina izingubo zazo zafika ezinqeni,+ wazimukisa.+  Kamuva abantu baya batshela uDavide ngala madoda; yena wathumela masinyane ukuba ahlangatshezwe, ngoba la madoda ayelulazeke kakhulu; inkosi yathi: “Hlalani eJeriko+ zize zikhule kakhulu izintshebe zenu. Bese nibuya.”  Ngokuhamba kwesikhathi abantwana bakwa-Amoni babona ukuthi base benephunga elibi+ kuDavide, futhi uHanuni+ nabantwana bakwa-Amoni bathumela amathalenta+ esiliva ayinkulungwane okuziqashela izinqola+ nezinkweli zamahhashi eMesophothamiya nase-Aramu-mahakha+ naseZoba.+  Kanjalo baziqashela izinqola+ eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili nenkosi yaseMahakha nabantu bayo.+ Khona-ke zeza zakanisa phambi kwaseMedeba;+ kanti abantwana bakwa-Amoni bona babuthana bevela emizini yabo beza empini.  Lapho uDavide ezwa ngakho, ngokushesha wathumela uJowabe+ nalo lonke ibutho namadoda anamandla.+  Abantwana bakwa-Amoni baqala ukuphuma bahlelekela impi ekungeneni komuzi, futhi amakhosi+ ayezile ayewodwa endle. 10  Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayimgasele ngaphambili nangemuva, ngokushesha wakhetha amadoda athile kuwo wonke amadoda ekhethelo kwa-Israyeli wawahlela ukuba ahlangabeze amaSiriya.+ 11  Bonke abanye abantu wababeka esandleni sika-Abhishayi+ umfowabo, ukuba bahleleke bahlangabeze abantwana bakwa-Amoni.+ 12  Wathi: “Uma amaSiriya+ eba namandla kakhulu kimi, kumelwe ube yinsindiso yami;+ kodwa uma abantwana bakwa-Amoni beba namandla kakhulu kuwe, nami ngizokusindisa.+ 13  Yiba namandla,+ ukuze sizibonakalise sinesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu;+ uJehova yena, uzokwenza+ lokho okuhle emehlweni akhe.” 14  Khona-ke uJowabe kanye nabantu ababenaye badlulela phambili phambi kwamaSiriya baya empini,+ futhi abaleka+ phambi kwakhe. 15  Abantwana bakwa-Amoni bona, babona ukuthi amaSiriya abalekile, nawo ngokwawo abaleka+ phambi kuka-Abhishayi umfowabo ayesengena emzini.+ Kamuva uJowabe weza eJerusalema. 16  Lapho amaSiriya ebona ukuthi ahluliwe+ phambi kuka-Israyeli, athumela izithunywa alanda amaSiriya ayesesifundeni soMfula,+ kanye noShofaki induna yebutho likaHadadezeri phambi kwawo. 17  Lapho kubikwa kuDavide, ngokushesha wabutha wonke u-Israyeli wawela iJordani weza kuwo futhi wahleleka ngokumelene nawo.+ Lapho uDavide ehlelekela impi ukuze ahlangabeze amaSiriya, alwa naye. 18  Kodwa amaSiriya ambalekela+ u-Israyeli; uDavide wabulala kumaSiriya abashayeli bezinqola abayizinkulungwane eziyisikhombisa namadoda ayimigundatshani ayizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala+ noShofaki induna yempi. 19  Lapho izinceku zikaHadadezeri zibona ukuthi zihluliwe phambi kuka-Israyeli,+ ngokushesha zenza ukuthula noDavide zamkhonza;+ futhi iSiriya alifunanga ukuphinde lizame ukusindisa abantwana bakwa-Amoni.+

Imibhalo yaphansi