ISIFUNDO 18
Sibasiza Kanjani Abafowethu Abasosizini?
EDominican Republic
EJapane
EHaiti
Lapho kuvela inhlekelele, ngokushesha oFakazi BakaJehova benza amalungiselelo okusiza abafowabo abathintekile. Imizamo enjalo ibonisa ubuqotho bothando esithandana ngalo. (Johane 13:34, 35; 1 Johane 3:17, 18) Sisiza ngaziphi izindlela?
Sinikela ngemali. Lapho kuvela indlala enkulu eJudiya, amaKristu ase-Antiyokiya athumela imali kubafowabo abangokomoya. (IzEnzo 11:27-30) Ngokufanayo, lapho sizwa ukuthi abafowethu kwamanye amazwe babhekene nobunzima, sithumela iminikelo ngamabandla ukuze abafowethu bathole izinto abazidingayo phakathi naleso sikhathi esibucayi.—2 Korinte 8:13-15.
Sisiza ngezindlela ezingokoqobo. Abadala abasendaweni yenhlekelele bacinga ilungu lebandla ngalinye ukuze baqiniseke ukuthi wonk’ umuntu uphephile. Ikomiti yosizo ingase iqondise ukwabiwa kokudla, amanzi okuphuza ahlanzekile, izingubo zokugqoka, indawo yokuhlala nemithi. OFakazi abaningi abanamakhono adingekayo bazinikela ngokuzithandela emsebenzini wokusiza noma ekulungiseni imizi namaHholo OMbuso onakele, bezikhokhela bona izindleko zokuhamba. Ubunye esinabo njengenhlangano nolwazi esiluthole ekusebenzeni ngokubambisana kusenza sikwazi ukusukumela phezulu lapho kuvela inhlekelele. Nakuba sisiza “labo abahlobene nathi okholweni,” siyabasiza nabanye uma kungenzeka, kungakhathaliseki ukuthi abayiphi inkolo.—Galathiya 6:10.
Sibaduduza ngemiBhalo. Abantu abavelelwe inhlekelele bayidinga kakhulu induduzo. Ngezikhathi ezinjalo, sithola amandla kuJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Siyakujabulela ukuxoxa ngezithembiso zeBhayibheli nalabo abaphelelwe ithemba, sibaqinisekise ngokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoziqeda zonke izinhlekelele ezibangela ubuhlungu nokuhlupheka.—IsAmbulo 21:4.
-
Kungani oFakazi bekwazi ukusukumela phezulu lapho kuvela inhlekelele?
-
Singabaduduza kanjani ngemiBhalo abasinde enhlekeleleni?

