Ukubhekana Nezinkinga
OFakazi BakaJehova baye bathola ukuthi izinkinga zempilo nokukhubazeka akudingeki kubaphuce injabulo nokwaneliseka ekuphileni.
Imfundo YeBhayibheli Yashintsha Ukuphila Kwabo
Washintsha kanjani uLanh esuka ekugijimiseni imali waba umuntu ojabule ngempela? Washintsha kanjani uThắng esuka ekubeni isigebengu waba nokuphila okunenjongo?
UDeJanerio Brown: Inhliziyo Yami Ibuhlungu, Kodwa Ngiyakhuthazela
UJehova ubasiza kanjani labo abavelelwa izinhlekelele kungazelelwe?
Ududuza Abanye Naphezu Kwezinkinga Zakhe Zempilo
Ezimisele ukungazidabukeli, uClodean wathandaza kuNkulunkulu ecela ukuba amnikeze amandla okududuza abanye.
Uyakhuthazela Naphezu Kobunzima
UVirginia usephathwe i-locked-in syndrome iminyaka engu-23. Kodwa ithemba analo ngekusasa limnika induduzo nesivikelo.
Ukukhonza UNkulunkulu Kungumuthi Kuye!
U-Onesmus wazalwa enesifo sokukhumuzeka kwamathambo okuthiwa i-osteogenesis imperfecta. Izithembiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini zamkhuthaza kanjani?
Ngathola Ithemba Ngesikhathi Engangilidinga Ngaso Kakhulu
Lapho eneminyaka engu-20, uMiklós Aleksza wakhubazeka ngenxa yengozi ebuhlungu eyamehlela. IBhayibheli lamsiza kanjani ukuba athole ithemba langempela lekusasa elingcono?
Ukuphila Ngokuphuthaza
UJames Ryan wazalwa eyisithulu kwathi kamuva waba nayimpumputhe. Yini eyenza ukuphila kwakhe kwaba nenjongo?
“Angivumi Ukuhlale Ngikhathazeke Ngokugula Kwami”
Yini enikeza u-Elisa amandla okukhuthazelela ubuhlungu besifo esingamahlala khona ngisho nawokulibala ukuthi uyagula ngezinye izikhathi?
Wanamathela Ezinkolelweni Zakhe
USong Hee Kang wabhekana ngokuphumelelayo ngesimo sempilo esasisongela ukuphila kwakhe lapho eneminyaka engu-14.

