IsiZulu
Bathola “Ipharele Elilodwa Elibiza Kakhulu”
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/501000009/univ/art/501000009_univ_sqr_xl.jpg
ijwcl isihloko 26

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Bathola “Ipharele Elilodwa Elibiza Kakhulu”

Bathola “Ipharele Elilodwa Elibiza Kakhulu”

 UJesu wafundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoxazulula zonke izinkinga zabantu. (Mathewu 6:10) KuMathewu 13:44-46, washo le mifanekiso emibili elandelayo ukuze abonise ukubaluleka kweqiniso loMbuso kaNkulunkulu:

  •   Umuntu othile wayesebenza esigangeni, engalindele wathola ingcebo efihliwe.

  •   Umthengisi ohamba efuna amapharele amahle uthola ipharele elilodwa elibiza kakhulu.

 Bobabili laba bantu bathengisa konke abanakho ukuze bagcine ingcebo abayitholile. Laba bantu bamelela labo abawubheka njengobaluleke kakhulu uMbuso kaNkulunkulu kangangokuba bayazidela kakhulu ukuze bathole izibusiso zawo. (Luka 18:29, 30) Kule vidiyo, bona indaba yodade nomzalwane abafana nalaba bantu abasemfanekisweni kaJesu.