Dlulela kokuphakathi

Umbukiso 7 Wezithombe ZaseWarwick (WangoSepthemba 2016 Kuya KuFebhuwari 2017)

Umbukiso 7 Wezithombe ZaseWarwick (WangoSepthemba 2016 Kuya KuFebhuwari 2017)

Kulo mbukiso wezithombe, bona indlela umsebenzi wasendlunkulu entsha yoFakazi BakaJehova ophothulwe ngayo nendlela izisebenzi eziqale ukuyisebenzisa ngayo le ndawo phakathi kukaSepthemba 2016 noFebhuwari 2017.

Isithombe sendawo yaseWarwick esiphothuliwe. Clockwise from top left:

  1. ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

  2. ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

  3. ISakhiwo Se-maintenance/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

  4. ISakhiwo Sokuhlala B

  5. ISakhiwo Sokuhlala D

  6. ISakhiwo Sokuhlala C

  7. ISakhiwo Sokuhlala A

  8. ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Septhemba 8, 2016​—Indawo YaseWarwick

Zonke izakhiwo zaseWarwick seziyasetshenziswa. Ngasekuqaleni kuka-Septhemba, kwakuhlala abantu abangaba ngu-500 lapha eWarwick. Abanye babo babengamavolontiya asesakhiweni nezisebenzi zesikhathi esigcwele ezazisuka eBrooklyn.

Septhemba 20, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ingcweti ihlola ama-tile asezindongeni lapho ungena endaweni yombukiso othi “Isizwe Segama LikaJehova.” La ma-tile enziwa ngokukhethekile ukuba abukeke emadala, okuhambisana kahle nombukiso wezinto zakudala.

Septhemba 28, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

UStephen Lett, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wayengusihlalo wengxoxo yokuqala yokuKhulekela Kwasekuseni eyasakazwa eWarwick. Ngalolo suku, uMfoweth’ uLett wafunda incwadi yokubonga amavolontiya angaphezu kuka-27 000 asiza ekwakheni isakhiwo esisha namanye amaningi asiza ekusekeleni lo msebenzi ngezindlela ezihlukahlukene.

Okthoba 3, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Umbazi ufaka izinhlamvu zamagama ophawini lwendawo ongena kuyo lapho uze komunye wemibukiso emithathu. Kulo mbukiso, othi “Isizwe Segama LikaJehova,” kulandelwa umlando woFakazi BakaJehova kusukela ngawo-1870 kuze kube manje.

Okthoba 5, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

IKomiti Yokubhala ihlangene, ikanye nabasizi bayo namalungu oMnyango Wokubhala. Izikrini ezinkulu zibonisa izithombe ezisekiselwa ukuba zifakwe ezincwadini ezisazonyatheliswa futhi zisiza iminyango ekwezinye izindawo ukuba ikwazi ukuxhumana nale komiti lapho kunemihlangano. Itafula, elanikelwa eminyakeni embalwa edlule, lathuthelwa eWarwick lisuka eBrooklyn.

Okthoba 20, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Umsizi eKomitini Yabaxhumanisi, nabanye abazalwane abasebenzelana nayo, uxoxa ngezindlela zokusiza abathintwe iSiphepho Esikhulu uHaima (uLawin), esasihlasele indawo yasePhilippines ngayizolo. Imishini yokuqhuba umhlangano nibonana ngevidiyo isiza iminyango yasendlunkulu yomhlaba wonke ekusingatheni izindaba eziphuthumayo ngokushesha nasekuxoxeni namahhovisi egatsha emhlabeni wonke.

Okthoba 28, 2016​—ISakhiwo Se-maintenance/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Ichibi lokuhlanza amanzi emvula liphakathi kweSakhiwo Se-maintenance nomgwaqo omkhulu ongenayo. Leli chibi namanye aseWarwick lisebenzisa izindlela ezingokwemvelo zokucwenga amanzi emvula, okonga uhhafu wezindleko zokuhlanza amanzi ngendlela evamile. Ngaphezu kwalokho, amanzi emvula acwengiwe angena emihosheni eseduze, enza indawo yezitshalo nezilwane ibe nempilo kakhudlwana.

Novemba 4, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Iqembu labathuthi lehlisa izimpahla endaweni yokwamukela izimpahla ezifikayo. Zilinganiselwa ku-80 izisebenzi ezisize abazalwane basendlunkulu ekuthutheni besuka eBrooklyn beya ekhaya labo elisha eWarwick.

Disemba 14, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ababhaki bathulula inhlama enkulu beyikhipha endishini yokuxova bayibeke etafuleni. Njengoba inhlama exoviwe ingase ibe nesisindo esingaphezu kwamakhilogremu angu-45, umshini wokuphakamisa indishi wenza lo msebenzi uphephe futhi ube lula. Indawo yokubhaka yaseWarwick inanomshini wokukhukhumalisa inhlama ngokulawula izinga lokushisa. Lolu hlobo lomshini lunciphisa umsebenzi obungadingeka ekwenzeni izinkwa eziningi isonto ngalinye.

Disemba 14, 2016​—ISakhiwo Se-maintenance/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Izisebenzi ze-Building Services zikhiphela udoti ngaphandle kweSakhiwo Se-maintenance. Ngokungafani naseBrooklyn, la eWarwick izakhiwo zihlangene, okwenza zibe mbalwa izisebenzi nezimoto ezidingekayo ekuthutheni udoti.

Disemba 14, 2016​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ihembe lifafazwa ngamanzi bese liya-ayinwa. UMnyango Welondolo waseWarwick uhlanza izimpahla ezingaphezu kwamakhilogremu angu-5 000 isonto ngalinye. Ukuze uthole izimpahla zakho, osebenza elondolo uzifaka amakhodi anemininingwane yakho. Amakhodi anemininingwane ahlolwa ezindaweni ezahlukahlukene eziselondolo ukuze baqinisekise ukuthi zonke izimpahla ziphathwa futhi zihanjiswe ngendlela efanele kuyo yonke iminyango namagumbi okuhlala.

Disemba 20, 2016​—ISakhiwo Se-maintenance/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Umakhenikha uhlola umshini wokufinyelela izindawo eziphakeme osetshenziswa endaweni yokuphehla ugesi. Lokhu kwenza imishini ingasheshi ukuphuka futhi ingabi yingozi kwabayisebenzisayo.

Januwari 10, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Uchwepheshe uhlola isimiso se-computer sokudlala isethulo sombukiso othi “Izenzo Ezibonisa Ukholo.”

Januwari 11, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Abasebenza ngokhuni balungisa ibhayisikili elakhiwa ngo-1903 ukuze lifakwe embukisweni othi “Isizwe Segama LikaJehova.” Leli bhayisikili elinikelwe, elavuselelwa ngokucophelela eWarwick, lisetshenziselwa ukubonisa umzamo nokuzidela kwabaFundi BeBhayibheli (kamuva ababizwa ngoFakazi BakaJehova) ababesebenzisa izindlela zokuhamba ezinjengalezi lapho besakaza umyalezo weBhayibheli.

Januwari 12, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Abasebenza ngokhuni bafaka ingilazi endaweni okuzobukiswa kuyo ngezinto ezihambisana ne-“Photo-Drama of Creation,” ewumbukiso wezithombe nama-slide osekelwe eBhayibhelini owaqala ukudlala ngo-1914 futhi wabukwa abantu abangaba izigidi ezingu-9 ngalowo nyaka.

Januwari 12, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Abagcini bezinto zasendulo kanye nengcweti yezobuciko balungisa uhlelo lwango-1544 lweBhayibheli LesiLatini LaseZurich ukuze lufakwe embukisweni othi “IBhayibheli Negama LikaNkulunkulu.” Umcibisholo obomvu oseBhayibhelini eliphansi kwesokunxele ubonisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova. Abagcini bezinto zasendulo baqikelela kakhulu ukuze balondoloze amaBhayibheli asegugile. Ngokwesibonelo, amakhasi ahlanganiswe ngemidweshu yendwangu, umswakama nezinga lokushisa kugcinwa kusezingeni elifanele, futhi ukukhanya kwe-fiber-optic okusetshenziswayo kubekwa esilinganisweni esingalilimazi iphepha elithambile.

Januwari 16, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Izivakashi eziphelezelwayo ziyibona kahle iWarwick zikwelenyoni kule ndawo ephakeme ngamamitha angu-23. Ukuze ubuke imibukiso ungenamuntu okuphelezelayo kule ndawo yaseWarwick kudingeka ufake isicelo kusengaphambili. Le mibukiso yaqala ngo-Ephreli 3, 2017. Labo abafuna ukubuka indawo kumelwe babhukhe isikhathi besebenzisa iwebusayithi yethu engxenyeni ethi MAYELANA NATHI > AMAHHOVISI NOKUBUKA INDAWO.

Januwari 19, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Umgcini wezinto zasendulo ubeka ngokucophelela uhlelo lokuqala lwe-King James Version yango-1611 ebhokisini lengilazi lokubukisa. La mabhokisi engilazi okubukisa aklanywa futhi akhiwa ngokukhethekile izisebenzi zaseWarwick.

Januwari 19, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ingcweti yezobuciko ibeka isigqoko ebhokisini lengilazi lokubukisa. Lesi sigqoko kwakungesikaJoseph F. Rutherford, owaqala ukuhola koFakazi BakaJehova eminyakeni eyikhulu edlule. Le ndawo iyingxenye yombukiso othi “Isizwe Segama LikaJehova,” obonisa imizamo yakudala oFakazi ababeyenza ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso.

January 20, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ngosizo lweqembu labarekhoda okulalelwayo, umfundi ulandisa ngombukiso othi “IBhayibheli Negama LikaNkulunkulu.” Ngemva kwesonto elilodwa nje kuqaqwe imishini yokurekhoda eBrooklyn yayiswa eWarwick, umsebenzi wokurekhoda waphinde waqhubeka. Lesi studio sokurekhoda (i-studio esikhulu sise-Watchtower Educational Center ePatterson) sibuye sisetshenziselwe ukurekhoda i-Nguqulo Yezwe Elisha, INqabayokulinda ne-Phaphama! nezihloko eziba ku-jw.org, kuhlanganise nanoma iziphi ezinye izincwadi ezilalelwayo.

Januwari 27, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Umsizi wosebenza ngokhuni upenda amakhona endawo yokubukisa izithombe. Lo mbukiso, othi “Isizwe Segama LikaJehova,” uhlanganisa nezithombe zakudala zabaFundi BeBhayibheli ngekhulu le-19.

Febhuwari 15, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Ingcweti ipenda umfanekiso kaKhwezi, ongumlingiswa ochungechungeni lopopayi olunesihloko esithi Yiba Umngane KaJehova. Lo mfanekiso uzoba ingxenye yombukiso ogxile emathuluzini nasezinhlelweni oFakazi BakaJehova abazisungulele izingane ngokukhethekile.

Febhuwari 15, 2017​—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Osebenza ngokhuni usika izithombe nezimpawu zombukiso othi “Isizwe Segama LikaJehova.” Abantu abangaphezu kuka-250, okuhlanganisa kubo izingcweti zokusebenza ngokhuni, abahleli bezinhlelo ze-computer, abaklami, abasebenza ngogesi, abahleli bama-tile, abashuthi bamavidiyo kanye nababhali, basebenze kulo mbukiso onezingxenye ezintathu kusukela kusenomdwebo osephepheni kuze kube yilapho uphela uba ngokoqobo.