Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Umbukiso 4 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-May Kuya Ku-August 2015)

Umbukiso 4 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-May Kuya Ku-August 2015)

Kulo mbukiso wezithombe, bona intuthuko yomsebenzi wasendlunkulu entsha yoFakazi BakaJehova nendlela amavolontiya awusekele ngayo umsebenzi wokwakha phakathi kuka-May no-August 2015.

Umdwebo wendawo yaseWarwick lapho isiphothuliwe.

  1. ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

  2. ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

  3. ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

  4. ISakhiwo Sokuhlala B

  5. ISakhiwo Sokuhlala D

  6. ISakhiwo Sokuhlala C

  7. ISakhiwo Sokuhlala A

  8. Amahhovisi/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

May 6, 2015—Esakhiweni SaseWarwick

Kulungiselelwa ukufaka isisefo kuyiSterling Forest Lake (Blue Lake). Sizovimbela udoti omkhulu ukuba ungangeni emapayipini angaphansi kwechibi.

May 6, 2015—ESakhiweni Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Kuthelwa ukhonkolo ngesibhamu sakhona othangweni lophandla lweSakhiwo Samashabhu. Ukuthelwa kwawo ngale ndlela kuyashesha kunezindlela ezivamile.

May 15, 2015—ESakhiweni SaseWarwick

Umthwebuli oseMnyangweni Wezamafayela uthatha izithombe zomsebenzi wokwakha. INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ibuka izithombe isonto ngalinye ukuze ibone intuthuko yalo msebenzi.

May 30, 2015—ESakhiweni SaseTuxedo

Amavolontiya amabili avela eNingizimu YeCalifornia ayafika ezosebenza eMnyangweni Wamapayipi Amanzi. Aphakathi kwamakhulu amavolontiya afika ngalolo suku eTuxedo, eyindawo enjengesiteshi somsebenzi oya eWarwick. Ngo-August 1, kwafika inani eliphakeme kunawo wonke lezisebenzi ezintsha ezingu-707 zize kulo msebenzi.

June 9, 2015—ESakhiweni Sokuhlala B

Inkontileka isebenzisa i-crane ukuze zifake ingxenye yodonga endaweni yayo. Kwagcinwa ngeSakhiwo Sokuhlala B ukufaka izindonga namafasitela ezakhiweni zokuhlala.

June 16, 2015—EZakhiweni Zokuhlala C no-D

Inkontileka ifaka ibhuloho elihlanganisa iZakhiwo Zokuhlala C no-D.

June 25, 2015—ESakhiweni Sokuhlala C

Abalungisa igceke bafaka utshani bohlobo lwesinandi ngasentshonalanga yesakhiwo.

July 2, 2015—ESakhiweni SaseWarwick

Kulungiswa umsele oyinhloko idamu elingachithekela kuwo. Owokuqala wawakhiwe ngawo-1950. Ulungiswa ngenxa yezikhukhula nezimvula esezinkudlwana ukuze kuvikeleke isakhiwo saseWarwick nezindawo ezingomakhelwane ukuba zingonakaliswa yizikhukhula.

July 15, 2015—ESakhiweni Sokuhlala A

Ukuze kuncishiswe ukuminyana esakhiweni, imisebenzi eyenziwa ngaphakathi, njengokupenda nokumbozwa kwamapayipi, yenziwa kuze kube sebusuku. Lapho kusasetshenzwa neshifu yesibili, amakhulu ezisebenzi abelwa ukuba asebenze kusukela ngo-3:00 ntambama kuze kube u-2:00 ekuseni.

July 20, 2015—ESakhiweni Sokuhlala D

Osebenza ngokushisisa nokupholisa isakhiwo uqeqesha isisebenzi esisha ekumbozeni amapayipi.

July 21, 2015—ESakhiweni Sokuhlala B

Kupendwa ibhuloho elihlanganisa iSakhiwo Sokuhlala B neSakhiwo Samashabhu.

July 27, 2015—ESakhiweni SaseTuxedo

Endaweni yokupaka engemuva, iqembu lezisebenzi lilindele izinto zokuhamba eziya eWarwick. Izisebenzi zilethwa futhi zihanjiswe ngamabhasi esakhiweni.

July 27, 2015—ESakhiweni SaseTuxedo

Izisebenzi ezintathu zaseWarwick ziyagundwa. Isonto ngalinye, kugundwa izisebenzi ezingaphezu kuka-400 eTuxedo, eWarwick nasendaweni yokugcina izimpahla eMontgomery.

August 3, 2015—ESakhiweni SaseWarwick

Kufakwa amafolomu okuthela ukhonkolo ezindaweni ezizosetshenziselwa ukulawula ukushisa nokubanda. Le ndlela esebenzisa imigodi engu-120 engamamitha angaba ngu-150 ukujula, izofudumeza ebusika ipholise ehlobo. Ukusebenzisa amandla avela ngaphansi komhlaba kuzonciphisa izindleko futhi konge imvelo.

August 7, 2015—EMontgomery, eNew York

Kwamukelwa izimpahla ezivela kubathengisi bese zihlanganiselwa imisebenzi ethile yasesakhiweni saseWarwick.

August 14, 2015—ETuxedo Park, eNew York

Izisebenzi ezimbili zaseWarwick (owesibili nowesithathu ukusuka kwesokudla) zidla nomndeni osendaweni. Kunemindeni eminingana yoFakazi BakaJehova, njengalona, evule imizi yayo yamukela amavolontiya akulesi sakhiwo.

August 17, 2015—ESakhiweni Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Isisebenzi sihlola ukuphakama kwendawo.

August 20, 2015—Emahhovisi/ESakhiweni Sezinkonzo Zomkhaya

Ukufakwa kwamafasitela sekuphelile endaweni eyinhloko yokwamukela izivakashi ezizobuka indawo.

August 26, 2015—ESakhiweni SaseWarwick

Phakathi kukaMay no-August, kwaqedwa izingxenye zezindonga nophahla eSakhiweni Sokuhlala B, esiyisakhiwo sokuhlala sokugcina. Kwase kufakwe wonke amabhuloho abahamba ngezinyawo, kwaqalwa ngomsebenzi wokulungisa igceke ezindaweni ezihlukahlukene.