Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Umbukiso 3 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-January Kuya Ku-April 2015)

Umbukiso 3 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-January Kuya Ku-April 2015)

Kulo mbukiso wezithombe, bona indlela umsebenzi oqhubeke ngayo endlunkulu yoFakazi BakaJehova entsha phakathi kuka-January no-April 2015.

Umdwebo wendawo yaseWarwick isiphothuliwe. Ukusuka phezulu uya kwesokudla:

  1. ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

  2. ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

  3. ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

  4. ISakhiwo Sokuhlala B

  5. ISakhiwo Sokuhlala D

  6. ISakhiwo Sokuhlala C

  7. ISakhiwo Sokuhlala A

  8. ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

January 2, 2015—ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

UHarold Corkern, umsizi eKomitini Yokunyathelisa YeNdikimba Ebusayo, unikeza inkulumo engokomBhalo enesihloko esithi “Ukwenza Konke Ongakwenza.” Izikhulumi zijwayele ukuya eWarwick ziyokhuthaza izisebenzi.

January 14, 2015—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Useyili omhlophe uvikela izisebenzi futhi uzisiza zifeze imisebenzi yazo ebusika. Le ngxenye yesakhiwo izoba nendawo yokudlela, isibhedlela esincane, ikhishi nelondolo.

January 16, 2015—ISakhiwo Sokuhlala D

Abasebenza ngogesi balungiselela ukufaka izintambo. Kakade sekufakwe amamitha angaphezu kuka-12 000 amakhebula ezakhiweni zokuhlala. Umsebenzi wokuxhuma ugesi eWarwick waqala ngokushesha ngemva kokuthengwa kwendawo futhi uyoqhubeka kuze kuqedwe izakhiwo.

January 16, 2015—ISakhiwo Sokuhlala A

Umzalwane ulungiselela ukuvala uvulandi ukuze ungangenwa amanzi. Lapha, ovulandi abasezindlini eziphezulu bavalwa nge-polymethyl methacrylate (PMMA)—ulwelwesi oluvimbela amanzi olugcobeka ngokushesha njengoketshezi.

January 23, 2015—ISakhiwo Sokuhlala A

Iqembu labafaka ugesi elakhiwa ubaba nendodakazi lixhuma ugesi ozosebenza ezindlini zokuhlala.

February 6, 2015—ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

Izisebenzi ziyadla egumbini lokudlela lesikhashana. Nsuku zonke, kuphakwa amapuleti okudla kwasemini angaphezu kuka-2 000.

February 12, 2015—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Iqembu likakhonkolo nezinsimbi lifaka izinsimbi engxenyeni engaphansi yamashabhu.

February 12, 2015—ISakhiwo Sokuhlala C

Izincwadi ezivela ezinganeni zibonisa ukwazisa kwazo izisebenzi zokwakha. Amavolontiya amaningi ahlala isikhashana. Empeleni, isonto ngalinye kufika izisebenzi ezintsha ezingaba ngu-500. Ngo-February, usuku ngalunye kwakusebenza ezingaba ngu-2 500.

February 24, 2015—Indawo yaseWarwick

Ingxenye yomsebenzi engaba amaphesenti angu-60 isiphelile. Phakathi kuka-January no-April 2015, isakhiwo sase siphakeme saya phezulu kwaqedwa nengxenye eyinsimbi yeSakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya. Phakathi naleso sikhathi, izisebenzi zaqala ukufaka ama-panel kakhonkolo eSakhiweni Samashabhu, zakha izindlela ezixhuma izakhiwo zokuhlala futhi zalungisa idamu laseSterling Forest Lake (iBlue Lake).

February 25, 2015—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Indlela isakhiwo esibukeka ngayo uma usendaweni ezoba nezitebhisi. Izinkontileka eziqashiwe zakha izinsimbi zalo mbhoshongo oyizitezi ezinhlanu, izisebenzi ezingoFakazi zabe sezithela ukhonkolo.

February 26, 2015—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Iqembu likakhonkolo nezinsimbi lifaka izinsimbi esitezi sokuqala ngosuku olubandayo. Phakathi kuka-January no-March, kwakhithika iqhwa elingamasentimitha acishe abe ngu-127 eWarwick. Amaqembu abasusa iqhwa ayelisusa ezindaweni okusetshenzelwa kuzo, kukhona nezindawo ezinama-heater ezazifudumeza izisebenzi.

March 12, 2015—ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

Kufakwa uthayela ophahleni olwase lwenziwe kakade. Ekupheleni kuka-April, ingxenye enkulu yophahla oluningi olwaluyigebula lwezakhiwo zokuhlala yayisiphelile futhi isifakiwe. Uphahla lokugcina luzobe selufakiwe eSakhiweni Sokuhlala B maphakathi no-June.

March 18, 2015—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Uma ubuka uphezulu emshinini, ubona iSakhiwo Sokuhlala B.

March 18, 2015—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Abasebenza ngamapayipi amanzi babuka imidwebo eSakhiweni Sokupaka Somkhaya. Kudingeka imidwebo ephasisiwe engaphezu kuka-3400 ukuze kuphothulwe wonke umsebenzi.

March 23, 2015—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Zisemshinini oyikheshi, izisebenzi zifaka useyili ukuze zivikele isakhiwo. Izinhlelo eziningi zokuqeqeshwa ziqinisekisa ukuthi izisebenzi zisebenzisa amakheshi noma imishini ngokuphepha. Amakilasi ezokuphepha afundisa ngemishini engamakheshi, izindlela zokuvikela ukuwa, ukuchazelwa ngezinto zokusebenza, indlela yokusebenzisa izinto zokuphefumula nendlela yokwenza izimpawu zokuxhumana.

March 30, 2015—Indawo yaseWarwick

Ukubuka izakhiwo zokuhlala ezisentshonalanga. Ekupheleni kuka-April, bese kunomsebenzi omkhulu wezimiso zemishini nezikagesi obuqhubeka eZakhiweni Zokuhlala A, B, no-D, eziboniswe kulesi sithombe. ESakhiweni Sokuhlala C (esingabonakali kulesi sithombe), kwase kuqalile ukufakwa kwezindonga ezingamabhodi, ama-tile nokupenda.

April 15, 2015—ISakhiwo Sokuhlala B

Izisebenzi ezimbili ezisemshinini oyikheshi zigcoba udonga olungaphandle ngento evimbela umoya idedele umswakama. Kuthatha cishe izinyanga ezimbili ukufaka le nto esakhiweni sokuhlala ngasinye.

April 27, 2015—ISakhiwo Samahhovisi/Sezinkonzo Zomkhaya

Omeselane bakha udonga lwe-granite. Le ngxenye yesakhiwo izoba nendawo lapho kufikela khona izimpahla kanye neyezinye izinkonzo.

April 30, 2015—Indawo yaseWarwick

Umtshuzi oqashiwe usechibini iBlue Lake ushintsha i-valve endala ufaka entsha. Manje, ngokuchofoza inkinobho nje, amanzi kuleli chibi angehliswa ukuze lingachitheki uma kwenzeka kuba nesiphepho.