Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Umbukiso 1 Wezithombe ZaseWallkill (Ka-July 2013 Kuya Ku-October 2014)

Umbukiso 1 Wezithombe ZaseWallkill (Ka-July 2013 Kuya Ku-October 2014)

OFakazi BakaJehova bandisa futhi bathuthukisa izakhiwo zabo zaseWallkill, eNew York. Lo mbukiso wezithombe ukhombisa okunye kwalokho okwenzeka ngo-July 2013 kuya ku-October 2014. Lo msebenzi uhlelwe ukuba uphothulwe ngo-November 2015.

Indlela izakhiwo zaseWallkill ezazibukeka ngayo ngo-October 21, 2013.

  1. Isigayo sokudla (esasuswa ngo-January 2014)

  2. Ingxenye enezelwe yelondolo

  3. INdlu Yokudlela

  4. ISakhiwo Sokuhlala E

  5. ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

  6. Indawo Yokunyathelisa

  7. IShawangunk Kill (umfudlana)

Ngo-July 12, 2013—Ingxenye enezelwe yelondolo

I-crane iphakamisa ingxenye yodonga lwangaphandle iyibeka endaweni yayo. Lezi zingxenye zakhiwa kusengaphambili khona endaweni yokwakha.

July 19, 2013—ISakhiwo Sokuhlala E

Izisebenzi zifaka umdweshu we-fiber-reinforced polymer (FRP) esikhaleni phansi. Kwasetshenziswa amamitha angaba ngu-7 600 e-carbon-fiber ukuze isakhiwo simelane kangcono nokuzamazama komhlaba.

August 5, 2013—ISakhiwo Sokuhlala E

Kulungiswa izitini zangaphandle.

August 30, 2013—Ingxenye enezelwe yelondolo

Kufakwa izinsika zensimbi egumbini elisha lemishini.

September 17, 2013—ISakhiwo Sokuhlala E

Umfaki wophahla uncwela indwangu entsha yophahla.

October 15, 2013—ISakhiwo Sokuhlala E

Izisebenzi zibheka izikhala ezinomoya ngale komdweshu we-fiber-reinforced polymer (FRP). Uma zitholakala, kunezelwa eminye imidweshu ye-FRP.

November 15, 2013—Ingxenye enezelwe yelondolo

Umsebenzi owenziwa ophahleni uhlanganisa nokufakwa kwesiphephethamoya esisha esikhiphela umoya ngaphandle.

December 9, 2013—ISakhiwo Sokuhlala E

Kufakwa into yokunamathisela emifantwini emincane kuyi-Dox Plank. Umsebenzi wokwenza isakhiwo simelane nokuzamazama komhlaba wathatha unyaka nesigamu.

December 11, 2013—Ingxenye enezelwe yelondolo

Isisebenzi silungiselela ukufakwa komshini omusha wokuthatha amanzi angcolile.

January 10, 2014—Isigayo Sokudla

Umshini wokuphakamisa izinhlamvu okhishwayo wasetshenziswa kusukela ngawo-1960 kwaze kwaba cishe ngo-2008. Ngemva kokuba kuyekiwe ukufuya izinkukhu, izinkomo ezisengwayo noma izingulube, lo mshini awuzange isadingeka.

January 22, 2014—ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kukhishwa izihlalo kulungiselelwa ukulungiswa kwehholo.

January 29, 2014—Isigayo Sokudla

Le miphongolo yokusanhlamvu yayisetshenziselwa ukugcina ukudla kwemfuyo.

March 3, 2014—Indawo Yokunyathelisa

Kulungiswa indawo entsha yoMnyango Wezokuqeqeshelwa Ezobuchwepheshe.

July 4, 2014—ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Oshiselayo uqinisa insika yesakhiwo.

September 19, 2014—Ihholo Lokudlela (ISakhiwo Sokuhlala E)

Kufakwa ukhaphethi engxenyeni eyayisetshenziselwa ukuphakela izisebenzi zasesakhiweni.

September 22, 2014—ISakhiwo Sokuhlala E

Kuqedelwa udonga lwamabhodi esitezi sokuqala sesakhiwo esiyindilinga.

September 24, 2014—ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kufakwa izinsimbi zesakhiwo esizoba nekheshe elisha labantu.

October 2, 2014—Ihholo Lokudlela (ISakhiwo Sokuhlala E)

Ihholo lokudlela elinwetshiwe linezihlalo ezingu-1 980.

October 22, 2014—ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kuqhutshekwa nokumba ukuze kunwetshwe imilenze yezinsika ezikhona. Lo msebenzi uzokwenza isakhiwo sizimelele ngisho noma kuzamazama umhlaba.