Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Indlunkulu YoFakazi Iyathutha

Indlunkulu YoFakazi Iyathutha

Ngo-July 2009, oFakazi BakaJehova bathenga umhlaba endaweni esenyakatho neNew York behlela ukuthuthela lapho indlunkulu yabo yomhlaba wonke. Le ndawo engamahektare angu-102 isendaweni eqhele ngamakhilomitha angu-80 enyakatho-ntshonalanga yezakhiwo ebezivele zikhona eBrooklyn, eNew York, kusukela ngo-1909.

Kuzohlala futhi kusebenze oFakazi abangaba ngu-800 ezakhiweni ezintsha, ezizoba namahhovisi, isakhiwo sezinkonzo ezihlukahlukene kanye nezakhiwo ezine zokuhlala. Kuhlelwe nokuba kwakhiwe isakhiwo sokulondoloza amagugu esizogcina umlando woFakazi BakaJehova wosuku lwanamuhla.

Leso sakhiwo sizodla umhlaba ongaba amahektare angu-18 omhlaba othengiwe bese kuthi ihlathi namaxhaphozi azungeze indawo kungathintwa. Ingadi ngeke ibe notshani obuningi. Kunalokho izokwenziwa ifane nendawo ekuyo enemahlathi.

Abadwebi bamapulani benze izakhiwo ngendlela eyonga ugesi nemali, okuzonciphisa umonakalo ongase wenzeke emvelweni kuphinde kunciphise nezindleko. Ngokwesibonelo, uphahla lwesakhiwo luzokwembozwa ngezitshalo eziqinile okulula ukuzinakekela, ukuze kuncishiswe ukugeleza kwamanzi emvula nokugcina amazinga okushisa ngaphakathi efaneleka. Ihhovisi liklanywe ngendlela evumela ukukhanya kwelanga ukuba kukhanyise ngaphakathi. Ukongiwa kwamanzi nako kusemqoka.

Yini ebangele ukuba kuthuthwe? Amahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova kwezinye izingxenye zomhlaba manje anyathelisa amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, okuwumsebenzi owawenziwa eBrooklyn kuphela. Ngo-2004, umsebenzi wokunyathelisa nokuthutha izincwadi e-United States wabe sewenziwa eWallkill, eNew York eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-145 enyakatho-ntshonalanga yeBrooklyn.

Izindleko nazo zibe nomthelela. Kuyabiza ukuba nezakhiwo eBrooklyn nokuzinakekela. Ngokuthuthela esakhiweni esincane, oFakazi bangasebenzisa iminikelo kangcono ukuze basekele umsebenzi wabo wemfundo yeBhayibheli.

Kudingeka indawo ihlolwe abezemvelo ngaphambi kokuba kukhishwe imvume yokugcina. Uma konke kuhamba kahle, kuzoqala ukwakhiwa ngo-2013, kuphele ngemva kweminyaka emine.

Ngaphandle kwesakhiwo sokunyathelisa esiseWallkill, eNew York, oFakazi BakaJehova banesikhungo semfundo ePatterson, eNew York. Inhlangano iqondisa amahhovisi amagatsha emazweni amaningi. Emhlabeni wonke, oFakazi bangaphezu kwezigidi ezingu-7,5.