Dlulela kokuphakathi

AmaHholo OMbuso OFakazi Abayisigidi

AmaHholo OMbuso OFakazi Abayisigidi

Phakathi nonyaka ka-1999 no-2015, oFakazi BakaJehova bakhe amaHholo oMbuso angaphezu kuka-5000 eMelika Ephakathi naseMexico. * Kwakudingeka amaHholo oMbuso angaphezu kuka-700, ukuze kulungiselelwe isigidi esisodwa soFakazi nabanye abahamba imihlangano kulamazwe.

Esikhathini esidlule, kwakunzima emabandleni ukwakha izindawo zokukhulekela kulezi zindawo. Ngokwesibonelo, eMexico, oFakazi abaningi babehlangana emakhaya abathile. Kungani? Esinye sezizathu ukuthi kwaphela iminyaka eminingi umthetho uphoqelela ukuba izinhlangano zenkolo zingabi nazi izindawo zazo. Nokho, ngawo-1990 umthetho washintsha futhi oFakazi BakaJehova baqala ukwakha amaHholo oMbuso amaningi. Noma kunjalo, ukwakhiwa kwehholo ngalinye kwakuthatha izinyanga.

Ukushesha Kwentuthuko

Ukwakha kwashesha kakhulu ngo-1999, lapho amaQembu Okwakha AmaHholo OMbuso eseqala ukusebenza ngaphansi kohlelo olusha lokwakhiwa kwamaHholo oMbuso emazweni antulayo, ahlanganisa iMexico namazwe ayisikhombisa eMelika Ephakathi. Kusukela ngo-2010, ihhovisi legatsha eliseMexico liqondisa ukwakha kuso sonke isifunda.

Izikhonzi zokwakha zibhekana nezinselele ezithile lapho zisebenza ezindaweni ezikude. Ngokwesibonelo, ePanama izikhonzi zikwakha kwakudingeka zihambe ngesikebhe ibanga elithatha amahora amathathu ogwini lolwandle ukuze zifike lapho zisebenza khona. Futhi esifundeni saseChiapas, eMexico iqembu labakhi kwadingeka lisebenzise indiza encane ukuze lithuthe izinto zokwakha ezindaweni ezikude.

Izinzuzo ZamaHholo OMbuso Amasha

Ngisho babantu abangebona oFakazi bahlale bemagange ukubona iHholo LoMbuso elisha emphakathini abakuwo. Ngokwesibonelo, indoda yaseHonduras yathi ngaphambi kokuba oFakazi bakhe iHholo LoMbuso endaweni yayo, kukhona ababefuna ukwakha i-nightclub kuleyo ndawo. Kodwa yayingakufuni lokho. Lapho oFakazi BakaJehova beyitshela ukuthi bahlela ukwakha iHholo LoMbuso kuleyo ndawo, yamemeza: “Ave kuyisibusiso lokho!”

Ezindaweni eziningi, abantu abawuvali umlomo ngezisebenzi ezizikhandlayo. Indoda yaseGuatemala yathi: “Ngokosiko lwethu, umuntu wesifazane usebenza ekhishini kuphela. Kodwa abantu besifazane la benza umsebenzi ofanayo nowamadoda. Kuyangimangaza ukubona abantu besifazane behlanganisa uhlaka lwezinsimbi futhi bepulasitela izindonga. Lokhu kuhle kakhulu!” Abanye omakhelwane babeke bazithengele ngisho ukudla nokokuphuza izisebenzi zokwakha.

Abantu abaningi ibahlaba umxhwele indlela aklanywe ngayo amaHholo ethu oMbuso. ENicaragua, omunye unjiniyela watshela imeya yelinye idolobha ukuthi iHholo LoMbuso lendawo liyisakhiwo esihle futhi esakhiwe ngezinto zekhethelo. Eqinisweni, wathi lalisezingeni eliphezulu ukwedlula noma isiphi isakhiwo edolobheni!

Njengoba kulindelekile, nabo oFakazi BakaJehova bajabule kakhulu ngokuba nendawo yokukhulekela efanelekayo. Baqaphelile nokuthi azokwanda amathuba okuthi abafunda nabo iBhayibheli beze emihlanganweni yebandla ngemva kokwakhiwa kweHholo LoMbuso elisha. Amalungu ebandla eMexico ayesiza izikhonzi zokwakha ekwakheni iHholo LoMbuso, agoqe ukubonga kanje: “Siyambonga uJehova ngelungelo esibe nalo lokwakha iHholo LoMbuso eliletha inkazimulo nodumo egameni lakhe.”

^ par. 2 IMerriam-Webster’s Collegiate Dictionary, umqulu 11, ichaza iMelika Ephakathi njenge-republic yeGuatemala, ye-El Salvador, yeHonduras, yeNicaragua, yeCosta Rica, yePanama neyeBelize.