OFAKAZI BAKAJEHOVA eSaponara, idolobha eliseSicily, bathola isibhebhe esiyisikhumbuzo ngenxa yomsebenzi wabo wokusiza ngemva kwesikhukhula esahlasela leyo ndawo.

Ngo-November 22, 2011, amadolobha nezindawo ezisesifundazweni saseMessina, kwahlaselwa isikhukhula esinamandla. Kusihlwa ngalolo suku, eSaponara, ukudilika komhlaba kwabulala abantu abathathu​—ingane nabantu abadala ababili.

Ngemva kwenhlekelele, oFakazi BakaJehova bahlela futhi bahlomisa amaqembu ezisebenzi zokuzithandela ukuba asuse udaka nemfucumfucu ezindaweni ezilimele kakhulu.

Amaqembu asebenza neziphathimandla futhi asiza lapho kwakunesidingo esikhulu khona. Aqhubeka esebenza ngisho nangemva kokuba isimo sesidambile. Babalelwa ku-50 kuya ku-80 oFakazi abasiza, kuhlanganise nalabo ababevela ezindaweni eziqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-97.

Izakhamuzi eziningana ezazihlaselwe yile nhlekelele yemvelo zababonga kakhulu oFakazi. Imeya yezwakala ithi ngokuphindaphindiwe, “Niyisibonelo ngempela!

Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, uFabio Vinci, ilungu leKhansela, elimelela umasipala, wanika ibandla loFakazi BakaJehova lakuleyo ndawo isibhebhe esiyisikhumbuzo.