Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Umsebenzi Wokunyathelisa Owenziwa Emhlabeni Wonke Usiza Abantu Bafunde NgoNkulunkulu

Umsebenzi Wokunyathelisa Owenziwa Emhlabeni Wonke Usiza Abantu Bafunde NgoNkulunkulu

Emhlabeni wonke, abantu bafunda izincwadi zoFakazi BakaJehova. Izigidi zizifunda kuma-computer noma komakhalekhukhwini, njengoba nawe wenza njengamanje. Nokho, lingase likumangaze izinga lo msebenzi wokunyathelisa owenziwa ngalo. Kusukela ngo-2013, sinyathelise izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaba ngu-700 futhi sazisakaza emazweni angu-239.

Ngaphambi kuka-1920 wonke umsebenzi wethu wokunyathelisa wawenziwa izinkampani zezwe. Ngalowo nyaka, saqala ukunyathelisa abanye bomagazini nezincwajana zethu endaweni encane eqashisayo eBrooklyn, eNew York. Kusukela kuleso siqalo esincane, siye saba nezikhungo zokunyathelisa ezingu-15 e-Afrika, e-Asia, e-Australia, eNingizimu Melika, eNyakatho Melika naseYurophu.

Incwadi Yethu Ebaluleke Kunazo Zonke

Incwadi esiyinyathelisayo ebaluleke kunazo zonke, iBhayibheli. Ngo-1942, kwanyatheliswa iBhayibheli lokuqala eliphelele, i-King James Version yesiNgisi. Kusukela ngo-1961, oFakazi BakaJehova baye bahumusha futhi banyathelisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ewumqulu owodwa. Ngo-2013, kwase kunyatheliswe amakhophi aleli Bhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-184 ngezilimi ezingu-121.

Amanani ezinto ezinyatheliswayo awakuvezi konke okwenzekayo. AmaBhayibheli esiwanyathelisayo awasheshi ukuguga. Amakhasi awo awanawo u-asidi ongenza ukuba ashintshe umbala, futhi awahlukani. Lokho kwenza sikwazi ukuwasebenzisa isikhathi eside.

Ezinye Izincwadi

Sinyathelisa nezincwadi ezisiza abantu baqonde iBhayibheli. Cabanga ngezinye izibalo kusukela ngo-2013:

  • INqabayokulinda, iwumagazini wethu oyinhloko onyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kuka-210 futhi ingumagazini osakazwa kabanzi kunabo bonke emhlabeni. Kunyatheliswa amakhophi angu-45 000 000 omagazini ngamunye onamakhasi angu-16.

  • I-Phaphama!, umagazini ohambisana ne-Nqabayokulindanongowesibili osakazwa ngobuningi—inyatheliswa ngezilimi ezingu-99. Kunyatheliswa amakhophi angaba ngu-44 000 000 omagazini wenyanga ngayinye.

  • Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iyincwadi enoqwembe oluthambile enamakhasi angu-224 ehloselwe ngokukhethekile ukusiza abafundi bayo baqonde izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Kusukela ngo-2005, kunyatheliswe amakhophi ayo angaphezu kwezigidi ezingu-214 ngezilimi ezingaphezu kuka-240.

  • Incwajana ethi Lalela UNkulunkulu enamakhasi angu-32 ihloselwe ukusiza labo abangakwazi ukufunda. Ifundisa amaqiniso alula eBhayibheli ngezithombe nangamazwi amafushane achazayo. Kunyatheliswe amakhophi ayo angaphezu kwezigidi ezingu-42 ngezilimi ezingaphezu kuka-400.

Ngaphandle kwalezo zincwadi, oFakazi BakaJehova banyathelisa izinhlobonhlobo zezincwadi, izincwajana namapheshana asiza abafundi beBhayibheli ukuba bazicwaningele imibuzo yabo yeBhayibheli, bakwazi ukubhekana nezinkinga zokuphila futhi babe nemikhaya ejabulayo. Ngo-2012 izindawo zokunyathelisa zoFakazi BakaJehova zanyathelisa omagazini abangaphezu kwezinkulungwane eziyizigidi ezingu-1,3 nezincwadi namaBhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-80.

Ngo-2012 oFakazi BakaJehova banyathelisa omagazini abangaphezu kwezinkulungwane eziyizigidi ezingu-1,3 nezincwadi namaBhayibheli okungaphezu kwezigidi ezingu-80 ezindaweni zabo zokunyathelisa

Ngokuvamile, izivakashi ezisuke zivakashele izakhiwo zethu zokunyathelisa ziyamangala lapho zibona izisebenzi ezikhuthele ezinyathelisa izincwadi. Wonke la madoda nabesifazane anikela ngesikhathi nangamandla. Iningi labo lisuke lingazi lutho ngomsebenzi wokunyathelisa lapho lifika eBethel, igama elisho ukuthi “Indlu KaNkulunkulu.” Nokho, isimiso sokuqeqesha esitholakala khona nendawo ekhuthaza ukuqeqeshwa kwabantu, kuletha imiphumela emihle. Ngokwesibonelo, kuvamile ukubona izinsizwa ezineminyaka engaba ngu-20 ziqondisa umshini wokunyathelisa onejubane elikhulu okhiqiza omagazini abanamakhasi angu-16 abangu-200 000 ngehora.

Ivelaphi Imali?

Emhlabeni wonke, umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova usekelwa iminikelo yokuzithandela. I-Zion’s Watch Tower yango-August 1879 yathi: “Sikholelwa ukuthi i-‘Zion’s Watch Tower,’ isekelwa UJEHOVA futhi uma nje kusenjalo ayisoze incenge noma inxuse abantu ukuba bayisekele.” Namanje sisazizwa ngendlela efanayo.

Kungani sichitha isikhathi sethu, imali nemizamo engaka ukuze senze lo msebenzi? Kungoba sikholelwa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ufunda iBhayibheli noma incwadi eyodwa kweziyizigidi ezinyatheliswa imishini yethu noma uyifunda engosini yethu, izokusiza usondele kuNkulunkulu.