Ngo-October 7, 2013, oFakazi BakaJehova bakhipha i-application yokufunda nokutadisha iBhayibheli ebizwa ngokuthi i-JW Library. Le application yeBhayibheli yamahhala inezinguqulo eziyisithupha zeBhayibheli, kuhlanganise ne-King James Version nohlelo olubuyekeziwe luka-2013 lwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yesiNgisi. *

Kungani Kukhishwe Le Application?

Izigidi zabantu zisebenzisa ama-smartphone, ama-tablet noma okunye okunjalo emsebenzini nalapho zixhumana nabanye. Njengoba abantu bebelokhu bekwazi ukufunda nokutadisha iBhayibheli ngamathuluzi e-jw.org, ikhishelweni i-JW Library?

Okokuqala, akudingeki ukuba ungene kuyi-Internet lapho usunayo le application. Okwesibili, iklanyelwe ngokukhethekile ukuba isize umfundi athole imiBhalo kalula nokuba atadishe iBhayibheli ngokucophelela. Kanjani?

I-JW Library Iwusizo Ekutadisheni IBhayibheli

Lapho uyivula okokuqala i-JW Library, iveza amagama ezincwadi zeBhayibheli. Uma uchofoza eyodwa kuzo, kuvela uhlu lwezahluko zencwadi oyivulile. Lokhu kwenza ukuba ukwazi ukuthola ivesi elithile ngokukhethekile kuleso sahluko ngokuphazima kweso. Le application inanezinye izici eziningana eziwusizo ekutadisheni iBhayibheli:

  • Imibhalo yaphansi ebonisa ezinye izindlela okungabekwa ngazo nokunye ukwaziswa okuphathelene nendaba

  • Izikhombo zamanye amavesi eBhayibheli anomqondo ofanayo

  • Indlela yokufuna zonke izindawo okuvela kuzo igama noma umshwana othile

  • Izihlokwana zalokho okuqukethwe isahluko ekuqaleni kwencwadi yeBhayibheli ngayinye

  • Ishadi eliveza umlobi wencwadi ngayinye nelibonisa indawo nesikhathi eyalotshwa ngaso kanye nobude besikhathi sokulotshwa kwayo

  • Ingxenye yamabalazwe anemibalabala, amashadi, amashadi ezenzakalo nemidwebo

Njengazo zonke izincwadi zoFakazi BakaJehova, i-JW Library ayidayiswa. Le application etholakala mahhala, esekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela, isidawunilodiwe izikhathi ezingaphezu kweziyisigidi. (2 Korinte 9:7) Kunganjani uyidawunilode nawe futhi uzuze kulo mtapo ophathwayo oyingqayizivele?

^ isig. 2 Ngo-January 2014, le application yathuthukiswa. Manje isinomBhalo wosuku neculo elisetshenziswa oFakazi BakaJehova.