Dlulela kokuphakathi

Ama-video Ajabulisa Inhliziyo

Ama-video Ajabulisa Inhliziyo

“Kwakunjengokungathi uJehova wayefunda izinhliziyo zabazali.” Yileyo ndlela ubaba waseMalaysia achaza ngayo uchungechunge lwama-video opopayi oluthi Yiba Umngane KaJehova.

Kusukela kwakhishwa ama-video okuqala, oFakazi BakaJehova sebenze ama-video opopayi amaningana kaKhwezi nomndeni wakubo. La ma-video, atholakala engosini ethi jw.org, afundisa izingane izifundo ezibalulekile ngemikhuba emihle nangoNkulunkulu, ezinjengokuthi kungani kungafanele zintshontshe nokuthi zingathandaza kanjani kuNkulunkulu.

Kakade i-video yokuqala yalolu chungechunge isihunyushwe ngezilimi ezingu-131, okuzuzisa izingane eziningi emhlabeni wonke.

Athandwa Kakhulu

Umama onezingane ezinhlanu wabhala: “Kusukela sathola i-DVD ethi Lalela Ubusiswe ngesonto elidlule, sesiyibukele izikhathi ezingaba ngu-50.”

UMillie, oneminyaka engu-12 waseNgilandi, onomfowabo omdala uThomas, onesifo esibizwa ngokuthi i-Down syndrome, uthi: “UThomas unama-video kaKhwezi kuyi-iPad yakhe, ngakho uyakwazi ukuwabonisa abangane bakhe esikoleni. Uyazithanda izingoma zikaKhwezi futhi uzicula kamnandi kangangokuba zakhalisa omunye udade.”

U-Ava, othi uneminyaka engu-8, izinyanga ezingu-9 nezinsuku ezingu-25 uyabhala: “UKhwezi nodadewabo bazifundisa kahle kakhulu izingane.”

UMikaylah uyabhala: “Ngineminyaka eyisithupha. Ngiyabonga nge-DVD ethi Lalela Ubusiswe. Ingifundisa ukulalela abazali bami ngoba lokho kuyamjabulisa uJehova.”

Anokwaziswa Okuwusizo

Umenzi wamafilimu opopayi osemusha ongeyena omunye woFakazi BakaJehova wabukela i-video ethi Ukweba Akulungile. Wathinteka ngokujulile, ikakhulukazi lapho ethola ukuthi yayenziwe iqembu elincane. Wathi: “Ngazi abantu abasebenzela izinkampani ezinkulu nezincane ezenza amafilimu opopayi, futhi ngezinye izikhathi ngiyaye ngizibuze ukuthi kunjani ukusebenza lapho. Kodwa ekugcineni umsebenzi nemizamo yabo iba nje yinto ehlekisa abantu isikhashana nje bese kuphela kanjalo. Ama-video enu opopayi ashintsha ukuphila kwezingane, azifundisa okuhle nokubi futhi azisize zikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile. Nenza into enhle, into esiza abantu.”

Abazali emhlabeni wonke bavumelana naye. Omunye umama uthi: “Indodana yami eneminyaka emithathu, uQuinn, yayibukele i-video ethi Ukuba Umngane NoJehova. Ngesikhathi le ngoma idlala, yangibheka, yabeka isandla sayo esincane esifubeni yathi: ‘Mama ukubukela le video kwenza inhliziyo yami ijabule.’”