Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Imihlangano Ekhethekile YoFakazi BakaJehova Emazweni Angu-7

Imihlangano Ekhethekile YoFakazi BakaJehova Emazweni Angu-7

OFakazi BakaJehova basanda kuba nemihlangano ekhethekile eBrazil, eCosta Rica, eHong Kong, e-Ireland, e-Israel, eNew Zealand naseSweden. Owokuqala wawuseSweden ngo-July 2012, emithathu yokugcina yaba seCosta Rica naseNew Zealand ngo-January 2013.

Njengeminye imihlangano yezinsuku ezintathu yaminyaka yonke esiba nayo, le mihlangano ekhethekile yayinezinkulumo zeBhayibheli, imiboniso namadrama.

Kulena, kwamenywa izihambeli ukuba ziye emihlanganweni yakwamanye amazwe. Zahlelelwa kusengaphambili ukuba zibuke indawo ezweni ezilihambele ngaphambi nangemva komhlangano.

Esinye sezihambeli zomhlangano owawuseBrazil sathi: “Kwakujabulisa ngempela ukubona uthando olungaphezu koluvamile nomoya wabafowethu wokungenisa izihambi. Kwakunjengokungathi ngizitholele umkhaya omusha.”

Esinye isihambeli, esasisemhlanganweni okhethekile waseHong Kong sathi: “Kwangithinta ngokujulile ukubona abafowethu bechichima injabulo futhi begcwele izinyembezi lapho izihambeli ezikhuluma isiMandarin zigone ezifubeni zazo izincwadi zeBhayibheli ezazisanda kukhishwa.”

Unyaka ngamunye, oFakazi BakaJehova baba nemihlangano emhlabeni wonke. Kuba khona abantu abaningi.

Imihlangano inikeza labo abakhona ithuba lokubona izindlela ezihlukahlukene esibonisa ngazo uthando, injabulo nokuthula. Lokhu kubonakala ngokukhethekile emihlanganweni ekhethekile neyezizwe. Ngesikhathi sekhefu, izihambeli zomhlangano zijabulela ukuxoxa nokudla ndawonye, ziphane izipho nezinombolo zokuxhumana, zithathe izithombe futhi zangane ngothando.

Njengayo yonke imihlangano yethu, labo abangebona oFakazi BakaJehova bamukelekile ukuba babe khona.