Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Bahamba Ngezinyawo Phakathi Olwandle Beyoshumayela

Bahamba Ngezinyawo Phakathi Olwandle Beyoshumayela

OLwandle Olusenyakatho, ngasogwini olusentshonalanga yesifunda saseJalimane i-Schleswig-Holstein, kunabantu abangaba ngu-300 abahlala eziqhinganeni ezisakazekile ezibizwa ngokuthi iHalligen. Labo bantu bawuzwa kanjani umyalezo weBhayibheli oshunyayelwa oFakazi BakaJehova?—Mathewu 24:14.

OFakazi bahamba ngesikebhe ukuze bafinyelele ezinye zalezi ziqhingana. Nokho, ukuze lifike kubantu abahlala kwezinye iziqhingana, elinye iqenjana loFakazi lisebenzisa indlela ehlukile—lihamba ngezinyawo amakhilomitha angaba yisihlanu phakathi olwandle. Likwenza kanjani lokho?

Lisebenzisa Ukubohla Nokuphakama Kolwandle

Imfihlo isekubohleni nasekuphakameni kolwandle. Njalo ngemva kwamahora ayisithupha, uLwandle Olusenyakatho endaweni yeHalligen luphakama noma lubohle ngamamitha angaba mathathu! Uma lubohlile, kuvuleka indawo enkulu futhi lab’ oFakazi bakwazi ukufinyelela iziqhingana ezintathu ngezinyawo.

Kuba njani kulolu hambo? U-Ulrich, umakad’ ebona ohola leli qembu, uthi: “Kuthatha cishe amahora amabili ukufika kwesinye seziqhingana iHalligen. Izikhathi eziningi silibhadula ngolukaCetshwayo. Lena iyona ndlela elula futhi esihambisa kamnandi uma sinqamula ezihlabathini zolwandle. Uma kubanda sigqoka amabhuzu.”

Kuba sengathi uyaphupha. U-Ulrich uthi: “Ungase uzizwe sengathi ukomunye umhlaba. Ezinye izingxenye ziwudaka, ezinye zinamadwala kanti ezinye zinotshani basolwandle. Siye sibone amaqulu ezinyoni zasolwandle, izinkalankala nezinye izilwane.” Ngezinye izikhathi, leli qembu kudingeka liwele imifudlana enodaka, ebizwa ngokuthi i-Priele ngesiJalimane.

Abahamba lapha babhekana nezinselele. U-Ulrich uxwayisa ngokuthi: “Ungalahleka kalula, ikakhulukazi uma kuba nenkungu olwandle. Ngakho sisebenzisa i-compass nomshini we-GPS, bese sigcina isikhathi ngokucophelela ukuze singaficwa ulwandle uma seluphakama.”

Kushunyayelwa kwesinye seziqhingana iHalligen

Kuwufanele yini umzamo? U-Ulrich ulandisa indaba yekhehla elevile eminyakeni engu-90 elihlale lifunda INqabayokulinda ne-Phaphama! Uthi: “Ngelinye ilanga sase siphuthuma kangangokuthi asikwazanga ukuyolibona. Nokho, ngaphambi kokuba sihambe, leza ngebhayisikili lafike lathi: ‘Anisanginiki INqabayokulinda?’ Akubuzwa ukuthi sakujabulela ukulinikeza.”