Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Abathandi Benkululeko Bahlangana Kuyi-Armada

Abathandi Benkululeko Bahlangana Kuyi-Armada

Kusukela ngo-June 6 kuya ku-16, 2013, izigidi zezihambeli ezivela kwamanye amazwe zathutheleka ethekwini laseRouen, enyakatho yeFrance, zize komunye wemibuthano yemikhumbi emikhulu nemnandi kunayo yonke emhlabeni, i-Armada.

Ngemva kokuhamba amakhilomitha angu-120 emfuleni iSeine onamajika amaningi endaweni enhle ebizwa ngokuthi iNormandy, imikhumbi emihle nemikhulu kunayo yonke emhlabeni yema ngasendaweni engasogwini engamakhilomitha angu-7 esetshenziselwa lo mbuthano. Kwaphela izinsuku eziyishumi izivakashi zithola ithuba lokuvakashela imikhumbi engu-45 emikhulu nedumile eyayikhona kulo mcimbi.

Yini eyashukumisela abantu abaningi kangaka babo bonke ubudala ukuba beze kuyi-Armada? Ngokomhleli nomsunguli walo mbuthano, i-Armada ibanika ithuba “lokuba seduze neMikhumbi Emikhulu esithatha isibeke ezindaweni ezikude.” Ngempela, kwabaningi, abancane nabadala, imikhumbi emikhulu ibenza bacabange ngohambo olude nangenkululeko.

Izinkulungwane zalabo ababeze kulo mbuthano zaba nanethuba lokuzwa ngolunye uhlobo lwenkululeko, lolo esilunikezwa iqiniso leBhayibheli. (Johane 8:31, 32) Njengoba zihambahamba endaweni enhle yangenkathi ephakathi iRouen nasemigwaqweni yakhona emincane enesiminyaminya, lezi zivakashi zabona izinqola ezinezincwadi oFakazi BakaJehova ababekhangisa ngazo. Lapho abadlulayo namatilosi esondela kubo, babewakhuthaza ukuba athathe noma iziphi izincwadi zeBhayibheli mahhala. Abaningi babethanda isihloko esithi “Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?” esikuyi-Nqabayokulinda futhi bamenywa ukuba bayolalela inkulumo esekelwe eBhayibhelini eyayizonikezwa ngesiFulentshi, isiNgisi neSpanishi.

Abantu bendawo bezwakalisa amazwi okwazisa ngalo msebenzi. Omunye umlisa, owayemangazwe ukubona oFakazi bemi phakathi kwezixuku zabantu bekhangisa ngezincwadi, wathi: “Ngiyajabula ukunibona lapha. Ngiyabahlonipha abantu abamelela lokho abakukholelwayo, ngisho noma mina ngingakwamukeli.” Amadoda amabili asekhulile ahlangana noFakazi ababenza lo msebenzi wokufakaza obala athi kubo: “Kufanele niziqhenye ngalokho eniyikho!”