Ngo-1987, uLyman Swingle, owayeyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wakhuluma nabantu abangu-63 580 ababebuthene enkundleni iPlaza Monumental, eValencia, eVenezuela. Abaningi babehambe ngamabhasi ubusuku bonke ukuze bazothamela inkulumo yakhe. Ekhuluma naleso sixuku esikhulu, uMfoweth’ uSwingle wathi: “Aniselona igatsha elincane. Seniyigatsha elilingene. Futhi kubonakala sengathi maduze nizoba elinye lamazwe anabamemezeli abangu-100 000.”

Ngo-1987, eVenezuela kwakunabamemezeli abangu-38 000—oFakazi BakaJehova abashumayela njalo ngezindaba ezinhle zoMbuso. Ngaleso sikhathi, ayengu-8 kuphela amazwe ayenabamemezeli abangaphezu kuka-100 000.

OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye banda ngendlela emangalisayo. Ngemva kweMpi Yezwe I, babeyizinkulungwane ezimbalwa kuphela ababememezela uMbuso kaJehova obala. Izinto zashintsha. I-1943 Yearbook of Jehovah’s Witnesses yathi: “Umbiko ohlangene ka-1942, nakuba ungaphelele, ngenxa yezindlela zokuxhumana, uyisibusiso . . . , ngoba ubonisa ukuthi emhlabeni wonke sekunabamemezeli abangaphezu kuka-106 000 ababika umsebenzi [wokushumayela izindaba ezinhle].“ Ngisho naphakathi kweziyaluyalu seMpi Yezwe II, abantu abaningi basabela kahle eqinisweni leBhayibheli. Ngo-1950, abamemezeli base-United States iyodwa badlula ku-100 000.

Izwe elalandela ngokufika enanini labamemezeli elingu-100 000 kwaba yiNigeria, ngo-1974.

Ngonyaka olandelayo, inani labamemezeli kokubili eBrazil naseGermany ladlula ku-100 000. Lokhu kwanda emazweni amane kufakazela ukuthi iqiniso leBhayibheli likhanga bonke abantu.

Kuwo wonke umhlaba, amanani alabo abamukela izindaba ezinhle aye aqhubeka anda. Lokhu kuvumelana nalokho okwabikezelwa iBhayibheli: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.”Isaya 60:22.

Ngokombiko wonyaka wenkonzo ka-2014, kunamazwe angu-24 anabamemezeli abangaphezu kuka-100 000. Elinye lawo yiVenezuela, eyaqopha lowo mlando ngo-2007. Emhlabeni wonke, kunabamandla oFakazi BakaJehova angu-115 416 nabamemezeli abangu-8 201 545.

Amazwe anabamemezeli abangaphezu kuka-100 000

Izwekazi

Izwe

Abamemezeli

Africa

Angola

108,607

Congo, Democratic Republic of

216 024

Ghana

125 443

Nigeria

362 462

Zambia

178 481

Asia

Japan

215 703

Korea, Republic of

100 641

Philippines

196 249

Europe

Britain

138 515

France

127 961

Germany

166 262

Italy

251 650

Poland

123 177

Russia

171 268

Spain

112 493

Ukraine

150 906

North America

Canada

116 312

Mexico

829 523

United States of America

1 243 387

South America

Argentina

150 171

Brazil

794 766

Colombia

166 049

Peru

123 251

Venezuela

140 226