Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Uphawu Lwe-Watchtower Olwaziwa Kakhulu EBrooklyn

Uphawu Lwe-Watchtower Olwaziwa Kakhulu EBrooklyn

Sekudlule iminyaka engaphezu kuka-40 izakhamuzi zaseNew York City zibona amagama abomvu angamamitha angu-4,6 ubude phezu kwesakhiwo sendlunkulu yoFakazi BakaJehova ubusuku nemini, futhi eziningi zazo zivame ukusibheka khona isikhathi namazinga okushisa.

U-Eboni, okwazi ukubona lolu phawu esefulethini lakhe eBrooklyn uthi: “Ngiyakuthanda ukulunguza ngefasitela ngibheke isikhathi namazinga okushisa ngaphambi kokuba ngiye emsebenzini. Ngifika ngesikhathi futhi ngiyakwazi nokugqoka ngokuvumelana nesimo sezulu.

Ingabe lolu phawu olunewashi namazinga okushisa luzolokhu lukhona eminye iminyaka engu-40? Cishe ngeke. Njengoba indlunkulu yoFakazi BakaJehova ithuthela enyakatho yeNew York, lokhu kuzonqunywa yilabo abazothenga lesi sakhiwo.

Uphawu lwafakwa abanikazi bangaphambili balesi sakhiwo eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule. OFakazi BakaJehova balushintsha lwaba yilokho oluyikho manje ngemva kokuthenga lesi sakhiwo ngo-1969.

Lolu phawu ludinga ukunakekelwa njalo. Ziningi izinsizwa ebezilokhu zisebenza ekulugcineni lusebenza kahle ubusuku nemini.

Isisebenzi sasebusuku siyakhumbula: “Ngobunye ubusuku sathola ucingo luvela kumqondisi wezindaba zethelevishini. Wayefonela ukusitshela ukuthi iwashi ophawini lwethu lisemuva ngemizuzwana engu-15. Wayecela ukuba sililungise ukuze alusebenzise ohlelweni lwakhe ngalobo busuku. Masinyane umakhenikha owayephethwe ubuthongo walilungisa.

Ukuze libe usizo nakakhulu, kuye kwenziwa izinguquko eziningana kulolu phawu. Maphakathi nawo-1980, kwanezelwa izinombolo ezibonisa amazinga okushisa ngo-Celsius kulolu phawu olwalubonisa isikhathi namazinga okushisa ngo-Fahrenheit.

Ngo-2009, kwafakwa izibani zohlobo oluphambili (LED) esikhundleni sezibani zakudala kulolu phawu, kongiwa imali engaphezu kwama-dollar aseMelika angu-4 000 unyaka ngamunye ekulugcineni lusebenza. Namhlanje lolu phawu ludla ugesi omncane kakhulu kunalowo olwaluwusebenzisa kuqala.