Emhlabeni jikelele, oFakazi BakaJehova banamagatsha angu-15 okunyathelisa. Elinye lawo, igatsha laseYurophu Ephakathi, liseSelters, eGermany, endaweni okuthiwa iSteinfels, okuyigama elisho “iNguzunga Yetshe” ngesiJalimane.

Ngo-May 23-25, 2014, igatsha laseYurophu Ephakathi lamema omakhelwane, osomabhizinisi neziphathimandla zendawo ukuba bazobona igatsha. Lesi senzakalo sasinesihloko esithi “Iminyaka Engu-30 Eselters,” ngenxa yokuthi lezi zakhiwo zegatsha zavulwa ngokusemthethweni ngo-April 21, 1984.

Phakathi nalesi senzakalo, izivakashi ezingaphezu kuka-3 000 zazihambe zibuka izakhiwo. Imeya, okwase kuyiminyaka engaba ngu-30 isebenza kuhulumeni wendawo, yathi: “Ukuvakashela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova kuhlale kuyisenzakalo esikhethekile. Namanje isangihlaba umxhwele indlela okwashesha ngayo ukwakhiwa kwehhovisi legatsha laseSteinfels kusukela ngo-1979 kuya ku-1984.”

Okwakuvelele

Omunye umbukiso wawunesihloko esithi “Abantu BakaJehova EYurophu Ephakathi.” Izivakashi zabona umlando weminyaka engu-120 woFakazi bakaJehova kule ndawo. Lo mbukiso obonisa umlando manje usungabonwa noma nini lapho uvakashela leli hhovisi legatsha.

Omunye umbukiso wawunamaBhayibheli ayivelakancane naphawulekayo. Ngokwesibonelo, kulo mbukiso kwakukhona inguqulo yakudala yeBhayibheli eliphelele lesiJalimane lango-1534 kanye nengxenye ye-Polyglot Bible ka-Elias Hutter, yango-1599, enezilimi ezingu-12. Ngaphezu kwalokho, izinto ezazibekiwe, amashadi kanye nama-video aqokomisa ukubaluleka kwezimiso zeBhayibheli ekuphileni kwanamuhla.

Njengoba zihambe zibuka, izivakashi zabona nendlela yokuphila kwansuku zonke kwabesilisa nabesifazane abangaphezu kuka-1 000 abahlala futhi basebenze kuleli hhovisi legatsha. Engxenyeni yokuqala yokubuka izakhiwo, eyayinesihloko esithi “Indlela Esiphila Ngayo,” izivakashi zabona amanye amakamelo okuhlalwa kuwo. Zaphinde zadla egumbini lokudlela futhi zahambahamba egcekeni elihle. Esinye isivakashi sathi, “Le ndawo yinhle ngendlela ebabazekayo.”

Engxenyeni yesibili yokubuka izakhiwo, eyayinesihloko esithi “Ukukhiqiza,” izivakashi zazidlula eMnyangweni Wokunyathelisa, Owokuhlanganisa izincwadi kanye noWokuthunyelwa Kwezincwadi. Izivakashi zazibonela mathupha indlela izincwadi zeBhayibheli ezinyatheliswa, zihlanganiswe futhi zithunyelwe ngayo emazweni angaphezu kuka-50. Enye indoda yaphawula: “Ngangingakaze ngicabange ukuthi oFakazi BakaJehova bakhona emhlabeni wonke. Izincwadi zabo zifinyelela kuwo wonke umhlaba. Kuyamangalisa ukuthi lokhu kwenziwa yizisebenzi zokuzithandela.”

Izivakashi zizijwayeza i-jw.org

Okwavelela ngokukhethekile kwaba yindawo ye-jw.org okwakutholakala kuyo ingosi esemthethweni yoFakazi BakaJehova. Abasha nabadala babukela ama-video futhi bathola izimpendulo zemibuzo yabo eminingi.

Njengoba zase ziwuqonda kangcono umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova, izivakashi eziningi zaqeda ukubuka zinokwazisa ngalo msebenzi futhi zijabule kakhulu. Enye indoda yathi: “Nganginemibono eminingi eyiphutha ngoFakazi. Kudingeka ngiwulungise ngempela umbono wami.” Omunye wesifazane wayelokhu ethi: “Lolu suku luyakuqeda ngempela ukucwasa.”

^ isig. 17 Amanani ango-2014

^ isig. 21 Amanani ango-2014

^ isig. 24 Amanani ango-2014